Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIYINHLOKO | BANGOBANI OFAKAZI BAKAJEHOVA?

OFakazi BakaJehova Bawuhlobo Olunjani Lwabantu?

OFakazi BakaJehova Bawuhlobo Olunjani Lwabantu?

Siyinhlangano yomhlaba wonke engahlobene nezinye izinkolo. Nakuba indlunkulu yethu yomhlaba wonke ise-United States, oFakazi BakaJehova abaningi bahlala kwamanye amazwe. Empeleni, oFakazi abangaba ngu-8 000 000 bafundisa abantu iBhayibheli emazweni angaphezu kuka-230. Lokhu sikwenza ngokuvumelana namazwi kaJesu: “Lezi zindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke owakhiwe ngenjongo yobufakazi ezizweni zonke.”​—Mathewu 24:14.

Kungakhathaliseki ukuthi sihlala kuphi, ngokwethembeka siyayilalela imithetho kahulumeni. Noma kunjalo silwela ukungathathi hlangothi kwezombusazwe. Lokhu kungenxa yokuthi sigcina umyalo kaJesu othi amaKristu akumelwe abe “ingxenye yezwe.” Ngakho asithathi hlangothi ezimpikiswaneni nasemisebenzini yezombusazwe futhi asiyisekeli impi. (Johane 15:19; 17:16) Empeleni, phakathi neMpi Yezwe II, oFakazi BakaJehova baboshwa, bahlukunyezwa futhi babulawa ngenxa yokuthi babenqaba ukuthatha uhlangothi. Owayengumbhishobhi eJalimane wabhala: “Bangasho kugcwale umlomo ukuthi bangukuphela kwabantu abenqaba ukuhlanganyela empini ngenxa kanembeza ngenkathi yokubusa kwamaNazi.”

Noma kunjalo, asizihlukanisi. UJesu wathandazela abalandeli bakhe kuNkulunkulu: “Angikuceli ukuba ubakhiphe ezweni.” (Johane 17:15) Ngakho ungasibona sisebenza, sithenga ezitolo futhi siya esikoleni njengabo bonke abantu.

“[OFakazi BakaJehova] baziphatha ngendlela encomekayo. Siyabadinga abantu abanjalo abangenabugovu ezikhundleni eziphezulu zikahulumeni​—ukuthi nje oFakazi ngeke bavume ukuthatha lezo zikhundla. . . . Bayawahlonipha amagunya ohulumeni kodwa bakholelwa ukuthi uMbuso kaNkulunkulu kuphela ongakwazi ukuxazulula zonke izinkinga zesintu.”​—Iphephandaba laseCzech Republic, iNová Svoboda.