Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIYINHLOKO | BANGOBANI OFAKAZI BAKAJEHOVA?

Kungani Sishumayela?

Kungani Sishumayela?

Kungenzeka ukuthi umsebenzi wethu wokushumayela endlini ngendlu, ezindaweni zomphakathi nanoma kuphi lapho sithola khona abantu, yiwona ngokuyinhloko osenza siphawuleke kalula ebantwini. Kungani siwenza lo msebenzi?

OFakazi BakaJehova bashumayela ukuze bakhazimulise uNkulunkulu futhi benze igama lakhe laziwe. (Hebheru 13:15) Sifuna nokulalela uKristu uJesu, owathi: “Ngakho-ke hambani niyokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi, . . . nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho.”Mathewu 28:19, 20.

Ngaphezu kwalokho, siyabathanda omakhelwane bethu. (Mathewu 22:39) Yiqiniso, siyaqaphela ukuthi abantu abaningi banezinkolelo zabo futhi akuwona wonke umuntu othanda umyalezo wethu. Noma kunjalo sikholelwa ukuthi izimfundiso zeBhayibheli zisindisa ukuphila. Yingakho siqhubeka ‘ngaphandle kokuyekethisa, sifundisa futhi simemezela izindaba ezinhle ngoKristu,’ njengoba kwenza amaKristu ekhulu lokuqala.IzEnzo 5:41, 42.

U-Antonio Cova Maduro, isazi sezokuhlalisana kwabantu, wabhala lokhu, “oFakazi BakaJehova benza imizamo emikhulu futhi bayazikhandla . . . , ukuze imibhalo engcwele ifinyelele ezingxenyeni ezikude zomhlaba.”—I-El Universal iphephendaba laseVenezuela

Abantu abaningi abafunda izincwadi zethu ababona oFakazi BakaJehova. Izigidi ezifunda nathi iBhayibheli zikhonza kwezinye izinkolo. Noma kunjalo ziyakujabulela ukuvakashelwa oFakazi BakaJehova.

Kuyavunywa, kungenzeka uneminye imibuzo ngoFakazi BakaJehova. Ukuze uthole izimpendulo, sicela wenze lokhu okulandelayo

  • Buza omunye woFakazi BakaJehova.

  • Ngena engosini yethu ethi www.ps8318.com/zu.

  • Yiya emihlanganweni yethu okungenwa kuyo mahhala futhi wonke umuntu wamukelekile.