Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIYINHLOKO | UNGAKWAZI UKULIQONDA IBHAYIBHELI

Kungani Kufanele Uliqonde IBhayibheli?

Kungani Kufanele Uliqonde IBhayibheli?

“IBhayibheli liyincwadi yenkolo edumile nehlonishwayo, kodwa eChina alisetshenziswa kangako.”—ULIN, ECHINA.

“Uma ngihlulwa ukuqonda izincwadi ezingcwele zenkolo yami yobuHindu, ngingaliqonda kanjani iBhayibheli eliNgcwele?”—U-AMIT, ENDIYA.

“Ngiyalihlonipha iBhayibheli njengencwadi yasendulo futhi ngizwile ukuthi liyincwadi ethengiswa kakhulu kunazo zonke. Kodwa mina angikaze ngilibone.”—UYUMIKO, EJAPANE.

Abantu abaningi emhlabeni balihlonipha kakhulu iBhayibheli. Nakuba kunjalo, kungenzeka kuncane noma akukho abakwaziyo ngalokho elikufundisayo. Yilokho okwenzekayo ezigidini zabantu ezihlala e-Asia; kodwa lokho kuyenzeka nakubantu abahlala emazweni iBhayibheli elitholakala ngobuningi kuwo.

Nokho, ungase uzibuze, ‘Kungani kufanele ngibe nesithakazelo sokuliqonda iBhayibheli?’ Ukuyiqonda le ncwadi engcwele kungakusiza ukuba:

  • Uthole ukwaneliseka nenjabulo

  • Ubhekane nezinkinga zomndeni

  • Ubhekane nezinkathazo

  • Uthuthukise ubuhlobo bakho nabanye

  • Usebenzise imali ngokuhlakanipha

Ngokwesibonelo, cabanga ngoYoshiko waseJapane. Wayezibuza ukuthi iBhayibheli likhuluma ngani, wabe esenquma ukulifunda. Waba yini umphumela? Uthi: “IBhayibheli liye langisiza ukuba ngithole injongo ekuphileni futhi ngibe nethemba ngekusasa. Manje nganelisekile.” U-Amit okukhulunywe ngaye ekuqaleni, wanquma ukuzihlolela iBhayibheli. Uthi: “Kwangimangaza ukuthola ukuthi iBhayibheli liqukethe ukwaziswa okusiza wonke umuntu.”

IBhayibheli liye lathinta ukuphila kwezigidi zabantu. Kungani ungazihloleli lona, ubone ukuthi lingakuzuzisa kanjani?