Dlulela kokuphakathi

Ingabe UNkulunkulu Ungamandla Angaphili?

Ingabe UNkulunkulu Ungamandla Angaphili?

Impendulo yeBhayibheli

UNkulunkulu usebenzisa amandla angenakuqhathaniswa endaweni yonke. Mayelana nendlela adala ngayo izigidigidi ezingenakubalwa zezinkanyezi, iBhayibheli lithi: “Phakamiselani amehlo enu phezulu nibone. Ngubani odale lezi zinto? YiLowo okhipha ibutho lazo ngisho nangesibalo, zonke [uNkulunkulu] azibize ngisho nangamagama. Ngenxa yobuningi bamandla ashukumisayo, kwazise futhi unamandla amakhulu, ayikho neyodwa kuzo entulekayo.”—Isaya 40:25, 26.

Kodwa uNkulunkulu akawona nje amandla amakhulu. IBhayibheli lithi unemizwa enjengothando nenzondo. (IHubo 11:5; Johane 3:16) Liveza nokuthi indlela abantu abenza ngayo iyayithinta indlela uNkulunkulu azizwa ngayo.—IHubo 78:40, 41.