Dlulela kokuphakathi

Ziyini Noma Zingobani Izingelosi?

Ziyini Noma Zingobani Izingelosi?

Impendulo yeBhayibheli

Izingelosi ziyizidalwa ezinamandla kakhulu nezikwazi ukwenza izinto ezinkulu ukwedlula abantu. (2 Petru 2:​11) Zihlala ezulwini, okuyindawo esezingeni eliphakeme kunelomhlaba nomkhathi esiwubonayo. (1 AmaKhosi 8:​27; Johane 6:​38) Zibizwa nangokuthi umoya.​—1 AmaKhosi 22:21; IHubo 18:10.

Zivelaphi izingelosi?

UNkulunkulu wasebenzisa uJesu, iBhayibheli elimbiza ngokuthi “izibulo layo yonke indalo,” ukuze adale izingelosi. Lapho iBhayibheli lichaza indlela uNkulunkulu asebenzisa ngayo uJesu ekudaleni zonke izinto, kuhlanganise nezingelosi lithi: “Kwadalwa [ngoJesu] zonke ezinye izinto emazulwini nasemhlabeni, izinto ezibonakalayo nezinto ezingabonakali.” (Kolose 1:​13-​17) Izingelosi azishadi futhi azibi nezingane. (Marku 12:25) Kunalokho, ngayinye ‘yala madodana kaNkulunkulu weqiniso’ yadalwa.​—Jobe 1:6.

Izingelosi zadalwa kudala, ngaphambi kokuba kube khona umhlaba. Lapho uNkulunkulu edala umhlaba, izingelosi ‘zaqala ukumemeza zihalalisa.’​—Jobe 38:​4-7.

Zingaki izingelosi ezikhona?

IBhayibheli alisinikezi inani eliqondile lezingelosi, kodwa liyabonisa ukuthi ziningi kakhulu. Ngokwesibonelo, umbono owabonwa umphostoli uJohane wawuhlanganisa namakhulu ezigidi ezingelosi.​—IsAmbulo 5:​11.

Ingabe ingelosi ngayinye inegama nobuntu obuhlukile?

Yebo. IBhayibheli lisinikeza amagama ezingelosi ezimbili: uMikayeli noGabriyeli. (Daniyeli 12:1; Luka 1:​26) a Nezinye izingelosi zavuma ukuthi zinawo amagama, kodwa azizange ziwasho.​—Genesise 32:29; AbAhluleli 13:17, 18.

Izingelosi zinobuntu obungafani. Ziyakwazi ukukhuluma zizodwa. (1 Korinte 13:1) Ziyakwazi ukucabanga futhi ziqambe namazwi okudumisa uNkulunkulu. (Luka 2:​13, 14) Zinalo nelungelo lokukhetha phakathi kokulungile nokungalungile, njengoba sibona endleleni ezinye ezakhetha ngayo uhlangothi lukaSathane uDeveli ekuvukeleni igunya likaNkulunkulu.​—Mathewu 25:41; 2 Petru 2:4.

Ingabe kunezigaba ezingafani zezingelosi?

Yebo. Ingelosi enamandla nenegunya elikhulu uMikayeli, ingelosi eyinhloko. (Jude 9; IsAmbulo 12:7) Amaserafi izingelosi ezisesigabeni esiphakeme ezima eduze kwesihlalo sobukhosi sikaJehova. (Isaya 6:​2, 6) Amakherubi akha esinye isigaba esiphakeme sezingelosi ezinemsebenzi ekhethekile. Ngokwesibonelo, amakherubi aqapha indlela eya ensimini yase-Edene ngemva kokuba u-Adamu no-Eva bexoshiwe kuyo.​—Genesise 3:​23, 24.

Ingabe izingelosi ziyabasiza abantu?

Yebo, uNkulunkulu usebenzisa izingelosi zakhe ezithembekile ukuze zisize abantu namuhla.

Ingabe ngamunye wethu unengelosi yakhe emqaphile?

Nakuba izingelosi zisiza izinceku zikaNkulunkulu ukuba zibe nobuhlobo obuhle naye, lokhu akusho ukuthi uNkulunkulu unika umKristu ngamunye ingelosi emqaphayo. b (Mathewu 18:10) Izingelosi azizivikeli izinceku zikaNkulunkulu kuzo zonke izilingo noma uvivinyo. IBhayibheli libonisa ukuthi ezikhathini eziningi uNkulunkulu ‘uyokwenza indlela yokuphuma’ ovivinyweni ngokunika umuntu ukuhlakanipha namandla okulukhuthazelela.​—1 Korinte 10:12, 13; Jakobe 1:​2-5.

Imibono eyiphutha ngezingelosi

Umbono oyiphutha: Zonke izingelosi zilungile.

Iqiniso: IBhayibheli likhuluma ‘ngebandla lomoya ababi’ kanye ‘nezingelosi ezona.’ (Efesu 6:​12; 2 Petru 2:4) Lezi zingelosi ezimbi zingamademoni, ahlanganyela noSathane ekuhlubukeni uNkulunkulu.

Umbono oyiphutha: Izingelosi azifi.

Iqiniso: Izingelosi ezimbi, kuhlanganise noSathane uDeveli, zizobhujiswa.​—Jude 6.

Umbono oyiphutha: Abantu baba izingelosi lapho befa.

Iqiniso: Izingelosi ziyizidalwa ezihlukile zikaNkulunkulu, azibona abantu abavusiwe. (Kolose 1:​16) Abantu abavuselwa ukuyophila ezulwini bathola isipho sokungafi kuNkulunkulu. (1 Korinte 15:53, 54) Bazoba sesigabeni esiphakeme ukwedlula izingelosi.​—1 Korinte 6:3.

Umbono oyiphutha: Izingelosi zikhona ukuze zikhonze abantu.

Iqiniso: Izingelosi zithobela umyalo kaNkulunkulu, hhayi owethu. (IHubo 103:20, 21) Ngisho noJesu wathi uzocela usizo kuNkulunkulu, hhayi ezingelosini ngokuqondile.​—Mathewu 26:53.

Umbono oyiphutha: Singathandaza sicele usizo ezingelosini.

Iqiniso: Umthandazo uyingxenye yokukhonza uJehova uNkulunkulu, okunguye kuphela okufanele simkhonze. (IsAmbulo 19:10) Kufanele sithandaze kuNkulunkulu kuphela, egameni likaJesu.​—Johane 14:6.

a Ezinye izinguqulo zamaBhayibheli zisebenzisa igama elithi “Lusifa” emBhalweni ka-Isaya 14:12, okuyigama abaningi abacabanga ukuthi igama lengelosi kamuva eyaba uSathane uDeveli. Nokho, igama lesiHebheru elisetshenziswe kulo mBhalo lisho ukuthi “okhanyayo.” Amavesi azungeze lo mBhalo ayabonisa ukuthi alibhekiseli kuSathane kodwa embusweni waseBhabhiloni uNkulunkulu ayezowuthobisa kabuhlungu ngenxa yokuziphakamisa kwawo. (Isaya 14:​4, 13-​20) Inkulumo ethi “okhanyayo” yasetshenziselwa ukuhlekisa ngombuso waseBhabhiloni ngemva kokunqotshwa kwawo.

b Abanye bacabanga ukuthi ukulandisa kokukhululwa kukaPetru ejele kubonisa ukuthi wayenengelosi yakhe emqaphile. (IzEnzo 12:​6-​16) Nokho, lapho abafundi bekhuluma ‘ngengelosi kaPetru,’ kungenzeka ukuthi babenza iphutha ngokucabanga ukuthi kwakufike ingelosi eyayizobika ngaye, hhayi uPetru ngokwakhe.