Dlulela kokuphakathi

Kwenzekani KoFakazi BakaJehova Ngesikhathi AmaNazi Ebulala AmaJuda?

Kwenzekani KoFakazi BakaJehova Ngesikhathi AmaNazi Ebulala AmaJuda?

 KoFakazi BakaJehova abangu-35 000 ababehlala eJalimane nasemazweni ayebuswa amaNazi, kwafa abacishe babe ngu-1 500 ngesikhathi amaNazi ebulala amaJuda. Kwezinye izigameko, akwaziwa ukuthi bafa kanjani. Njengoba ucwaningo lusaqhubeka, eminye imininingwane kanye namanani kungase kuthuthukiswe.

 Bafa kanjani?

  •   Ukubulawa kwabo: Bacishe babe ngu-400 oFakazi ababulawa eJalimane nasemazweni ayebuswa amaNazi. Abaningi baquliswa icala enkantolo, bathola isigwebo sokufa, banqunywa amakhanda. Abanye badutshulwa, abanye balengiswa ngaphandle kokuquliswa icala enkantolo.

  •   Izimo ezinzima ababephila ngaphansi kwazo: Bangaphezu kuka-1 000 oFakazi abafa emakamu okuhlushwa nasemajele amaNazi. Babulawa ukusebenza kanzima njengezigqila noma bafa ngenxa yokuphathwa ngonya, ukuncishwa ukudla, ukuchayeka emakhazeni, ukugula noma ukunganakekelwa kahle ngokwempilo. Ngenxa yokuphathwa ngonya, abanye bafa besanda kukhululwa ekupheleni kweMpi Yezwe II.

  •   Ezinye izimbangela: Abanye oFakazi babebulawelwa ezindaweni ezihila abantu ngegesi, abanye babulawa ukuthi odokotela babebasebenzisela ukuhlola amakhambi ezifo nezinye izindlela zokwelapha eziyingozi noma bajovwe ngomjovo obulalayo.

 Kungani babeshushiswa?

 OFakazi BakaJehova babeshushiswa ngenxa yokuthi babelalela izimfundiso zeBhayibheli. Lapho umbuso wamaNazi uphoqa oFakazi ukuba benze izinto ezingahambisani neBhayibheli, oFakazi benqaba ukukwenza lokho. Bakhetha ‘ukulalela uNkulunkulu njengombusi kunabantu.’ (IzEnzo 5:29) Cabanga ngezinto ezimbili abakhetha kuzo ukwenza kanjalo.

  1.   Ukungathathi hlangothi kwezepolitiki. OFakazi BakaJehova ababehlala emazweni abuswa amaNazi babengathathi hlangothi ezindabeni zepolitiki, njengoba nje kunjalo ngoFakazi kuwo wonke amazwe namuhla. (Johane 18:36) Ngakho, benqaba

  2.   Ukwenza izinto ezihambisana nokholo lwabo. Nakuba babenqatshelwa ukwenza izinto ezihambisana nokholo lwabo, oFakazi BakaJehova baqhubeka

 Uprofesa uRobert Gerwarth uphetha ngokuthi oFakazi BakaJehova babewukuphela “kweqembu elaliphila ngenkathi yokubusa kwamaNazi elashushiswa ngenxa nje yezinkolelo zalo.” a Ezinye iziboshwa ezaziboshwe nabo emakamu okuhlushwa zagcina sezibahlonipha oFakazi BakaJehova ngenxa yokuma kwabo baqine. Esinye isiboshwa sase-Austria sathi: “Abayi empini. Bangamane babulawe kunokuba babulale omunye umuntu.”

 Bafela kuphi?

  •   Emakamu okuhlushwa: Iningi loFakazi BakaJehova lafela emakamu okuhlushwa. Babeboshwe emakamu anjenge-Auschwitz, iBuchenwald, iDachau, iFlossenbürg, iMauthausen, iNeuengamme, iNiederhagen, iRavensbrück, neSachsenhausen. ESachsenhausen nje kuphela, kwaqinisekiswa ukuthi kwafa oFakazi BakaJehova abangaba ngu-200.

  •   Emajele: Abanye oFakazi bahlukunyezwa emajele baze bafela khona. Abanye babulawa amanxeba abawathola ngesikhathi bephenywa ngonya.

  •   Ezindaweni okwakubulawelwa kuzo abantu: Iningi loFakazi BakaJehova labulawelwa emajele aseBerlin-Plötzensee, eBrandenburg naseHalle/Saale. Ngaphezu kwalokho, kunezinye izindawo ezingu-70 okwabulawelwa kuzo oFakazi ezigcinwe kumarekhodi.

 Abanye balabo ababulawa

  •  Igama: Helene Gotthold

     Indawo abulawelwa kuyo: EPlötzensee (EBerlin)

     UHelene, unkosikazi nomama wezingane ezimbili, waboshwa izikhathi eziningana. Ngo-1937, wahlukunyezwa kakhulu ngesikhathi ephenywa ngonya kwaze kwashona umntwana wakhe ongakazalwa. NgoDisemba 8, 1944, wabulawa ngokunqunywa ikhanda ejele lasePlötzensee, eBerlin.

  •  Igama: Gerhard Liebold

     Indawo abulawelwa kuyo: EBrandenburg

     UGerhard oneminyaka engu-20 wanqunywa ikhanda ngoMeyi 6, 1943, ngemva kweminyaka emibili ubaba wakhe enqunywe ikhanda ejele elifanayo. Encwadini yokuvalelisa ayibhalela umndeni wakhe nengoduso yakhe wathi: “Ngaphandle kwamandla engiwathola eNkosini, bengingeke ngikwazi ukuyihamba le ndlela.”

  •  Igama: Rudolf Auschner

     Indawo abulawelwa kuyo: EHalle/Saale

     URudolf wayeneminyaka engu-17 nje kuphela lapho enqunywa ikhanda ngoSepthemba 22, 1944. Encwadini yokuvalelisa ayibhalela umama wakhe wathi: “Abafowethu abaningi bayihambile le ndlela, nami ngizoyihamba.”

a Hitler’s Hangman: The Life of Heydrich, ikhasi 105.