Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 18

Uye Ukhumbule Yini Ukubonga?

Uye Ukhumbule Yini Ukubonga?

UDLILE namhlanje?— Ubani obepheke loko kudla?—Mhlawumbe bekuphekwe umama wakho noma omunye umuntu, kodwa kungani kufanele sibonge uNkulunkulu ngakho?— Ngoba uNkulunkulu uyena owenza ukudla kumile. Kodwa kufanele simbonge nomuntu okuphekile noma osiphakele.

Kuye kwenzeke yini ngezinye izikhathi sikhohlwe ukubonga uma abanye besenzela izinto ezinhle? Ngesikhathi uMfundisi Omkhulu elapha emhlabeni, kunabantu abathile ababenochoko abakhohlwa ukubonga.

Uyazi ukuthi unjani umuntu onochoko?— Umuntu onochoko umuntu ophethwe isifo esibizwa ngokuthi uchoko. Leso sifo singadla ngisho nesikhumba somuntu. Ngesikhathi uJesu elapha emhlabeni, abantu abanochoko kwakudingeka bangahlali nabanye abantu. Futhi uma umuntu onochoko ebona umuntu eza ngakuye, kwakudingeka amemeze amxwayise ukuba angasondeli kuye. Lokhu kwakwenzelwa ukuba abanye abantu bangasondeli eduze ngoba nabo babengase babe nochoko.

UJesu wayenomusa kakhulu kubantu abanochoko. Ngelinye ilanga uJesu eya eJerusalema kwadingeka adlule edolobheni elincane. Lapho esondela kuleli dolobha, kwaqhamuka abantu abayishumi ababenochoko beze kuye. Babezwile ukuthi uJesu unamandla avela kuNkulunkulu okwelapha zonke izinhlobo zezifo.

Laba bantu abanochoko abasondelanga kuJesu. Bamela kude. Kodwa babekholwa ukuthi uJesu angalwelapha uchoko lwabo. Ngakho lapho laba abanochoko bebona uMfundisi Omkhulu, bammemeza: ‘Jesu, Mfundisi, sisize!’

Uyabazwela yini wena abantu abagulayo?— UJesu wayebazwela. Wayazi ukuthi kubuhlungu kanjani ukuba nochoko. Ngakho wabaphendula wathi: “Hambani nizibonakalise kubapristi.”—Luka 17:11-14.

UJesu uthi laba bantu abanochoko abenzeni?

Wayekusholani lokhu uJesu? Wayekusho ngenxa yomthetho omayelana nabantu abanochoko uJehova ayewunikeze abantu baKhe. Lo mthetho wawuthi umpristi kaNkulunkulu kumelwe abheke isikhumba somuntu onochoko. Umpristi wayezomtshela umuntu onochoko uma engasenalo. Uma esesindile, wayesengahlala nabantu abangenalo uchoko.—Levitikusi 13:16, 17.

Kodwa labo bantu babesenalo uchoko. Baya-ke yini kumpristi njengoba uJesu ayebatshelile?— Yebo, baya ngaso leso sikhathi. Kumelwe ukuba la madoda ayekholwa ukuthi uJesu uzoselapha isifo sawo. Kwenzekani?

Kwathi besahamba beya kumpristi, isifo sabo saphela. Isikhumba sabo salapheka. Lwaphela uchoko! Ukuthembela kwabo emandleni kaJesu kwaba nomvuzo. Abeve bajabula! Kodwa-ke yini okwakufanele bayenze ukuze babonise ukuthi bayabonga? Yini owawuyoyenza wena?—

Lo muntu onochoko wakhumbula ukwenzani?

Kulaba bantu abelashwa, munye owabuya waya kuJesu. Wanikeza uJehova inkazimulo, esho izinto ezinhle ngoNkulunkulu. Wenza into efanele ngoba amandla okumelapha ayevele kuNkulunkulu. Lo muntu waguqa naphambi koMfundisi Omkhulu wambonga. Wabonga kakhulu ngalokho uJesu ayekwenzile.

Kwenzekani ngabanye abantu abangu-9? UJesu wabuza: ‘Bebengelona yini ishumi abantu abebenochoko abelashiwe? Baphi abanye abangu-9? Munye nje kuphela umuntu obuyile wazonikeza uNkulunkulu inkazimulo?’

Yebo munye nje kuphela. Kulaba bantu abayishumi munye kuphela owanikeza uNkulunkulu inkazimulo, noma udumo, futhi wabuya wazobonga kuJesu. Lo muntu wayengumSamariya, engowakwelinye izwe. Laba abanye abangu-9 abazange bambonge uNkulunkulu, abazange bambonge noJesu.—Luka 17:15-19.

Wena ufana namuphi kulaba bantu? Sifuna ukufana nomSamariya, angithi?— Ngakho uma umuntu esenzela into enhle, kufanele sikhumbule ukwenzani?— Kufanele sibonge. Abantu baye bakhohlwe ukubonga. Kodwa kuhle ukubonga. Uma sibonga, uJehova uNkulunkulu neNdodana yakhe uJesu bayajabula.

Ungamlingisa kanjani umuntu onochoko owabuyela kuJesu?

Uma ucabanga, uzokhumbula ukuthi ziningi izinto abantu abakwenzele zona. Ngokwesibonelo, wake wagula?— Kungenzeka ukuthi awukaze ugule njengalabaya bantu abayishumi ababenochoko, kodwa kungenzeka ukuthi uke waphathwa umkhuhlane noma isisu. Bakhona abakusiza?— Kungenzeka ukuthi bakunika imithi bakwenzela nezinye izinto. Wajabula yini ngokuthi bakusizile waba ngcono?—

UmSamariya wambonga uJesu ngokumenza abe ngcono, futhi kwamjabulisa uJesu lokho. Ucabanga ukuthi umama wakho noma ubaba wakho bayojabula uma ubonga lapho bekwenzela izinto?— Yebo, bayojabula.

Kungani kubalulekile ukukhumbula ukubonga?

Abanye abantu bakwenzela izinto zonke izinsuku noma masonto onke. Kungenzeka ukuthi kungumsebenzi wabo ukukwenzela lezo zinto. Kungenzeka nokuthi bayakujabulela ukuzenza. Kodwa ungase ukhohlwe ukubabonga. Uthisha wakho esikoleni angase asebenze kanzima ekusiza ukuba ufunde. Umsebenzi wakhe lowo. Kodwa uyojabula uma umbonga ngokukusiza ufunde.

Ngezinye izikhathi abantu bakwenzela izinto ezincane. Ukhona yini umuntu oke akuvulele umnyango? Noma ukhona yini umuntu oye akuphakele ukudla? Kuhle ukuzibonga nalezi zinto ezincane.

Uma sikhumbula ukubonga abantu basemhlabeni, cishe siyokhumbula nokubonga uBaba wethu wasezulwini. Futhi yeka ukuthi ziningi kangakanani izinto esingazibonga kuJehova! Wasinika ukuphila nazo zonke izinto ezinhle ezenza ukuphila kube mnandi. Ngakho sinezizathu ezinhle zokunikeza uNkulunkulu inkazimulo ngokusho izinto ezinhle ngaye usuku ngalunye.

Mayelana nokubonga, fundani iHubo 92:1; Efesu 5:20; Kolose 3:17; neyoku-1 Thesalonika 5:18.