Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 16

Yini UJesu Ayenza Ngesikhathi Esemhlabeni?

Yini UJesu Ayenza Ngesikhathi Esemhlabeni?

Uma abantu abaningi becabanga ngoJesu, bacabanga ngengane engakwazi ukuzisiza, umprofethi ohlakaniphile noma indoda elenga esigxotsheni. Kodwa kukhona yini okwengeziwe esingakufunda kuye ngokuhlola indlela ayephila ngayo emhlabeni? Kulesi sifundo sizofunda ngezinye zezinto ezibalulekile uJesu azenza, nendlela ezikuthinta ngayo wena.

1. Yimuphi umsebenzi obaluleke kakhulu uJesu ayewenza?

Umsebenzi kaJesu oyinhloko ‘kwakuwukushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu.’ (Funda uLuka 4:​43.) Washumayela izindaba ezinhle zokuthi uNkulunkulu wayeyomisa umbuso noma uhulumeni owawuyoxazulula zonke izinkinga zabantu. a UJesu wasebenza kanzima iminyaka emithathu nohhafu eshumayela lo myalezo okhuthazayo.​—Mathewu 9:35.

2. Kungani uJesu enza izimangaliso?

IBhayibheli lichaza ‘imisebenzi yamandla’ eminingi “nezimangaliso nezibonakaliso uNkulunkulu azenza [ngoJesu].” (IzEnzo 2:​22) UNkulunkulu wanikeza uJesu amandla okulawula isimo sezulu, okusuthisa izinkulungwane zabantu, okwelapha abagulayo nawokuvusa abase beshonile baphinde baphile. (Mathewu 8:​23-27; 14:​15-21; Marku 6:​56; Luka 7:​11-17) Izimangaliso zikaJesu zabonisa ngokucacile ukuthi wayethunywe uNkulunkulu. Zaphinde zatshengisa ukuthi uJehova unamandla okuxazulula zonke izinkinga zethu.

3. Yini esingayifunda endleleni uJesu aphila ngayo?

UJesu walalela uJehova kuzo zonke izimo. (Funda uJohane 8:​29.) Naphezu kokuphikiswa, ngokwethembeka uJesu wenza lokho uYise ayemcele ukuba akwenze kwaze kwaba sekufeni kwakhe. Wabonisa ukuthi abantu bangakwazi ukukhonza uNkulunkulu ngisho nasezimweni ezinzima. Ngaleyo ndlela, uJesu wasishiyela ‘isibonelo ukuze silandele izinyathelo zakhe eduze.’​—1 Petru 2:​21.

FUNDA OKWENGEZIWE

Funda indlela uJesu ashumayela ngayo izindaba ezinhle, nenza ngayo izimangaliso.

4. UJesu waxoxela abanye izindaba ezinhle

UJesu wahamba amabanga amade emigwaqweni ewubhuqu, exoxela abantu abaningi izindaba ezinhle. Fundani uLuka 8:​1, bese nixoxa ngale mibuzo:

  • Ingabe uJesu wayeshumayeza kuphela abantu ababeqoqana bezomlalela?

  • Yimiphi imizamo uJesu ayeyenza ukuze athole abantu?

UNkulunkulu wayebikezele ukuthi uMesiya wayeyoshumayela izindaba ezinhle. Fundani u-Isaya 61:​1, 2, bese nixoxa ngale mibuzo:

  • UJesu wasigcwalisa kanjani lesi siprofetho?

  • Ucabanga ukuthi abantu namuhla bayakudinga yini ukuzwa lezi zindaba ezinhle?

5. UJesu wafundisa amaqiniso abalulekile

Ngaphandle kokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu, uJesu wafundisa nezifundo eziwusizo. Cabanga ngezibonelo ezimbalwa eziseNtshumayelweni yakhe edumile yaseNtabeni. Fundani uMathewu 6:​14, 34 no-7:​12, bese nixoxa ngale mibuzo:

  • Yimaphi amacebiso asebenzayo uJesu awasho kula mavesi?

  • Ucabanga ukuthi lesi seluleko singasisiza nanamuhla?

6. UJesu wenza izimangaliso

UJehova wanika uJesu amandla okwenza izimangaliso eziningi. Ukuze ubone isibonelo esisodwa salokhu, fundani uMarku 5:​25-34 noma nidlale IVIDIYO. Yibani senixoxa ngemibuzo elandelayo.

  • Yini owesifazane ogulayo okule vidiyo ayeyikholelwa?

  • Yini ekuthinta inhliziyo ngalesi simangaliso?

Fundani uJohane 5:​36, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • Izimangaliso zikaJesu ‘zifakazelani’ ngaye?

Ingabe bewazi?

Okuningi kwalokho esikwaziyo ngoJesu kusezincwadini zeBhayibheli ezine ezibizwa ngokuthi amaVangeli​—uMathewu, uMarku, uLuka noJohane. Umbhali weVangeli ngalinye wabhala izinto ezithile ngoJesu abanye ababengazibhalanga. Lapho sizifunda zonke lezi zincwadi siba nomqondo ogcwele wokuthi ukuphila kwakhe kwakunjani.

  • UMATHEWU

    wabhala iVangeli lokuqala. Lisitshela izinto eziningi uJesu azifundisa, ikakhulukazi lokho akufundisa ngoMbuso kaNkulunkulu.

  • UMARKU

    wabhala iVangeli elifushane kunawo wonke. Lisitshela izinto eziningi ezenzeka ngesikhathi esifushane.

  • ULUKA

    usitshela ukuthi umthandazo wawubaluleke kangakanani kuJesu nokuthi wayebaphatha kanjani abantu besifazane.

  • UJOHANE

    usitshela izinto eziningi uJesu ayezixoxa nabangane bakhe abaseduze kanye nabanye abantu, okusisiza sazi uhlobo lomuntu ayeyilo.

ABANYE ABANTU BATHI: “UJesu wayengumuntu ozilungele nje, kodwa akukho okungaphezu kwalokho.”

  • Wena ucabangani?

UKUBUYEKEZA

UJesu washumayela ngoMbuso kaNkulunkulu, wenza izimangaliso, walalela noJehova kuzo zonke izimo.

Ufundeni?

  • Yimuphi umsebenzi oyinhloko uJesu awenza lapho esemhlabeni?

  • Izimangaliso zikaJesu zifakazelani?

  • Yiziphi izifundo eziwusizo uJesu azifundisa?

Umgomo

HLOLA OKWENGEZIWE

Funda ukuthi kungani singaqiniseka ukuthi izimangaliso zikaJesu zenzeka ngempela.

“Izimangaliso ZikaJesu​—Yini Ongayifunda Kuzo?” (INqabayokulinda, Julayi 15, 2004)

Funda ukuthi isibonelo sikaJesu sokuzidela samthinta kanjani omunye umuntu.

“Ngangizicabangela Mina Kuphela” (INqabayokulinda, Okthoba 1, 2014)

a IZifundo 31-​33 zizoxoxa okwengeziwe ngoMbuso kaNkulunkulu.