Zimisele Ekufundeni Nasekufundiseni

Le ncwajana yenzelwe ukukusiza ulole ikhono lakho lokufunda nelokufundisa.

Incwadi Evela ENdikimbeni Ebusayo

Sishumayela umyalezo obaluleke kunayo yonke kubantu.

ISIFUNDO 1

Isethulo Esiphumelelayo

Isethulo esiphumelelayo sifeza izinto ezintathu.

ISIFUNDO 2

Ukukhuluma Ngendlela Engokwemvelo

Ukukhuluma ngendlela engokwemvelo kusho ukukhuluma ngendlela eyenza izilaleli zakho zizizwe zikhululekile futhi zikwamukele lokho okushoyo.

ISIFUNDO 3

Ukusebenzisa Imibuzo

Buza imibuzo ezovusa ukulangazelela ezilalelini zakho, futhi ugcizelele amaphuzu abalulekile.

ISIFUNDO 4

ImiBhalo Yethulwe Kahle

Funda ukuthi yini ongayenza ukuze usize izilaleli zakho zilungise izingqondo zazo ngaphambi kokufunda umBhalo.

ISIFUNDO 5

Ukufunda Ngokunembile

Ukufunda ngokunembile kubalulekile uma sifuna ukudlulisela kahle ulwazi ngoJehova kubantu.

ISIFUNDO 6

Iphuzu ElisemBhalweni Licacisiwe

Siza izilaleli zakho zibone ukuhlobana komBhalo owufundayo nephuzu okhuluma ngalo.

ISIFUNDO 7

Iyiqiniso

Imithombo enobufakazi obunokwethenjelwa ingasiza izilaleli zakho zikwazi ukufinyelela eziphethweni ezinhle.

ISIFUNDO 8

Imifanekiso Efundisayo

Thuthukisa indlela ofundisa ngayo ngokusebenzisa imifanekiso elula ezofundisa amaphuzu abalulekile.

ISIFUNDO 9

Ukusebenzisa Kahle Izithombe Nezinye Izinto Zokufundisa

Sebenzisa izithombe nezinye izinto ezizosiza izilaleli zakho ziyikhumbule kalula indaba oxoxa ngayo.

ISIFUNDO 10

Ukushintshashintsha Kwezwi

Shintshashintsha izwi nejubane ukuze wenze izilaleli zakho zithathe isinyathelo.

ISIFUNDO 11

Intshiseko

Intshiseko ibonisa indlela ozizwa ngayo ngendaba okhuluma ngayo, isize nezilaleli zakho ukuba zihambisane nawe.

ISIFUNDO 12

Imfudumalo Nozwela

Lapho ukhuluma ngokusuka enhliziyweni ubonisa abakulalele ukuthi unendaba nabo.

ISIFUNDO 13

Izinzuzo Zokusebenzisa Amaphuzu Zicacisiwe

Siza izilaleli zibone ukuthi indaba oxoxa ngayo ikuthinta kanjani ukuphila kwazo, uzibonise nokuthi yini okufanele ziyenze ngolwazi ezilutholile.

ISIFUNDO 14

Amaphuzu Ayinhloko Acacisiwe

Siza izilaleli zakho ukuba zihambisane nawe njengoba ukhuluma, wenze kucace ukuthi iphuzu ngalinye lihambisana kanjani nesihloko kanye nomgomo wenkulumo yakho.

ISIFUNDO 15

Ukukhuluma Ngokuqiniseka

Khuluma ngokuqiniseka. Bonisa ukuthi uyakholelwa ukuthi indaba okhuluma ngayo iyiqiniso futhi ibalulekile.

ISIFUNDO 16

Iyakha Futhi Iyakhuthaza

Khuthaza ungagxeki. Yenza abantu bagxile emaqinisweni akhayo aseZwini likaNkulunkulu.

ISIFUNDO 17

Iyaqondakala Kwabanye

Siza izilaleli zakho zikuqonde okushoyo. Veza amaphuzu ngendlela ecacile.

ISIFUNDO 18

Iyafundisa

Yenza izilaleli zakho zicabange ngendaba oxoxa ngayo, uzishiye zanelisekile futhi zizuzile.

ISIFUNDO 19

Ukuzama Ukufinyelela Inhliziyo

Zikhuthaze ukuba zibe nothando olujulile ngoJehova nangeZwi lakhe.

ISIFUNDO 20

Isiphetho Esiphumelelayo

Isiphetho esiphumelelayo siyosiza izilaleli zakho ukuba zikwamukele futhi zikusebenzise ezikufundile.

Bona Intuthuko Yakho

Bona intuthuko yakho njengoba uzama ukuthuthukisa ikhono lokufunda nelokufundisa.

Okunye Ongase Ukuthande

UCHUNGECHUNGE LWAMAVIDIYO

Zimisele Ekufundeni Nasekufundiseni​—Amavidiyo

Yakha amakhono adingekayo ukuze ukwazi ufundela abantu kanye nokubafundisa.