Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 3

Ukusebenzisa Imibuzo

Ukusebenzisa Imibuzo

Mathewu 16:13-16

OKUFANELE UKWENZE: Buza imibuzo ecatshangelwe kahle ezokwenza izilaleli zakho zifise ukwazi okwengeziwe, ziveze imibono yazo, noma ukuze ugcizelele amaphuzu abalulekile.

INDLELA ONGAKWENZA NGAYO:

  • Yenza izilaleli zakho zilangazelele ukulalela. Buza imibuzo ezokwenza izilaleli zakho zicabangisise ngephuzu oxoxa ngalo futhi zifune ukwazi impendulo yombuzo.

  • Sihlaziye kahle isihloko sakho. Siza izilaleli zakho zithole umqondo ophelele wephuzu okhuluma ngalo, ngokubuza imibuzo ezisiza zifinyelele eziphethweni ezinengqondo.

  • Gcizelela amaphuzu abalulekile. Lapho wethula iphuzu eliyinhloko, buza umbuzo ozokwenza izilaleli zakho zilalelisise. Ngemva kokuxoxa ngephuzu elibalulekile noma kokuphetha inkulumo yakho, buza imibuzo ezokhumbuza izilaleli zakho amaphuzu abalulekile.