Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 14

Amaphuzu Ayinhloko Acacisiwe

Amaphuzu Ayinhloko Acacisiwe

Hebheru 8:1

OKUFANELE UKWENZE: Siza izilaleli zakho ukuba zihambisane nawe njengoba ukhuluma, ucacise ukuthi iphuzu ngalinye lihambisana kanjani nesihloko kanye nomgomo wenkulumo yakho.

INDLELA ONGAKWENZA NGAYO:

  • Yiba nomgomo. Cabanga ngokuthi umgomo wakho uyini. Ingabe uwukunikeza ulwazi, ukukholisa noma ukukhuthaza izilaleli zakho? Ngemva kwalokho, yethula indaba yakho ngokuvumelana nalowo mgomo. Qiniseka ukuthi amaphuzu ayinhloko ayakusiza ukuba ufinyelele umgomo wakho.

  • Gcizelela isihloko senkulumo yakho. Lokhu ungakwenza ngokuphinda amagama ayinhloko asesihlokweni sakho, noma ngokusebenzisa amagama anomqondo ofanayo.

  • Yenza amaphuzu ayinhloko acace futhi abe lula. Khetha kuphela amaphuzu ayinhloko ahambisana nesihloko sakho futhi ozokwazi ukuwacacisa kahle ngesikhathi osinikeziwe. Mawangabi maningi amaphuzu ayinhloko. Lisho ngokucacile iphuzu ngalinye, uthi ukuma kancane bese udlulela kwelinye. Wenze axhumane kahle amaphuzu ayinhloko.