Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Isinyathelo 2—Nakekela Izidingo Zomzimba Eziyisisekelo

Isinyathelo 2—Nakekela Izidingo Zomzimba Eziyisisekelo

“Akekho owake wazonda umzimba wakhe siqu: kunalokho uyawunakekela futhi awondle.” (Efesu 5:29, The New English Bible) Ukuthatha izinyathelo eziyisisekelo zokuzinakekela kungenza umehluko omkhulu empilweni yakho.

Phumula ngokwanele. “Kungcono ukuphumula okuncane kunomsebenzi onzima omningi nokulwela ukufica umoya.” (UmShumayeli 4:6) Izidingo neziphazamiso zokuphila kwanamuhla zisinciphisile isikhathi abantu abasichitha belele. Nokho, ukulala kubalulekile ekubeni nempilo enhle. Ucwaningo lubonisa ukuthi ngesikhathi silele imizimba yethu nengqondo kuyazivuselela, okusiza inkumbulo nemizwelo.

Ukulala kuqinisa namasosha omzimba futhi kunciphise namathuba okuba sihlaselwe amagciwane, isifo sikashukela, unhlangothi, isifo senhliziyo, umdlavuza, ukukhuluphala, ukucindezeleka futhi mhlawumbe ngisho nesifo sokulahlekelwa yingqondo. Kunokuba sisizibe lesi sidingo esingokwemvelo ngokukhohlisa imizimba yethu ngamaswidi, ikhofi noma ezinye izinto ezisigcina siphapheme, kufanele sisilalele futhi sivele silale. Abantu abaningi abadala kudingeka balale amahora angu-7 kuya kwangu-8 ngosu-ku ukuze babukeke kahle, bazizwe bephilile futhi basebenze kangcono. Abasha badinga isikhathi esithe xaxa. Intsha engalali ngokwanele ivama ukuba nezinkinga zengqondo nokulala lapho ishayela.

Ukulala kubaluleke ngokukhethekile uma sigula. Imizimba yethu ingakunqoba okunye ukugula okunjengomkhuhlane, uma nje silala kakhudlwana futhi siphuza neziphuzo kakhudlwana.

Nakekela amazinyo. Ukuxubha amazinyo nokuvungula ngemva kokudla, futhi ikakhulu ngaphambi kokulala, kuyosiza ekulweni nokubola kwamazinyo, isifo sezinsini nokukhumuka kwamazinyo. Uma singenawo amazinyo, singase singazuzi ngokugcwele ekudleni esikudlayo. Kubikwa ukuthi izindlovu azibulawa ukuguga, kodwa zibulawa yindlala kancane kancane ngemva kokuba amazinyo esebuthuntu futhi zingasakwazi ukuhlafuna kahle. Izingane eziye zafundiswa ukuxubha nokuvungula amazinyo azo ngemva kokudla ziyoba nempilo enhle lapho zisencane nasekuphileni kwazo konke.

Yiya kudokotela. Okunye ukugula kudinga ukuhlolwa udokotela. Uma kusheshe kutholakale ukuthi umuntu uphethwe yini kuba nemiphumela engcono futhi kunciphise nezindleko. Ngakho-ke, uma ungazizwa kahle thola usizo ukuze uthole imbangela futhi uyisuse kunokuba umane ufune ukuqeda izinhlungu.

Ukuvama ukuya kwabezempilo abasemthethweni kunganqanda izinkinga eziningi eziyingozi, njengoba nje kunjalo nangokuthola usizo lukadokotela ngesikhathi umuntu ekhulelwe. * Nokho, khumbula ukuthi odokotela abakwazi ukwenza izimangaliso. Ukwelashwa okuphelele kwazo zonke izifo zethu kuyokwenzeka kuphela lapho uNkulunkulu enza “konke kube kusha.”—IsAmbulo 21:4, 5.

^ isig. 8 Bheka isihloko esithi “Omama Abanempilo, Abantwana Abanempilo,” kuyi-Phaphama! kaNovember 2009.