Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Isinyathelo 4—Vikela Impilo Yakho

Isinyathelo 4—Vikela Impilo Yakho

“Unokuqonda lowo oboné inhlekelele wabe esecasha.” (IzAga 22:3) Ukuthatha izinyathelo ezilula zokuzivikela kungakusiza ukuba ugweme ukugula njalo nobuhlungu, kuhlanganise nokulahlekelwa isikhathi nemali.

Zigcine uhlanzekile. Umbiko we-U.S. Centers for Disease Control and Prevention uthi, “Ukugeza izandla kuyinto ebaluleke kakhulu ongayenza ukuze ugweme ukusakazeka kwamagciwane futhi uhlale uwumqemane.” Kuthiwa amaphesenti angu-80 amagciwane adluliselwa ngezandla ezingcolile. Ngakho geza izindla njalo phakathi nosuku. Kwenze lokho ngaphambi kokuba udle, upheke, ubophe noma ngisho uthinte isilonda, nangemva kokuthinta isilwane, ukusebenzisa indlu encane noma ukushintsha inabukeni lengane.

Ukugeza ngensipho namanzi kungcono kunokusebenzisa izibulali magciwane zezandla ezenziwe nge-alcohol. Izingane ziba nempilo enhle uma abazali beziqeqesha ukuba zigeze izandla futhi zingalokhu zizithinta umlomo namehlo. Ukugeza umzimba nsuku zonke nokugcina izingubo zokugqoka nezokulala zihlanzekile kungasiza ekubeni nempilo enhle.

Gwema izifo ezithathelwanayo. Gwema ukuthintana noma ukusebenzisa izinto zokudla ezifanayo nanoma ubani onomkhuhlane noma imfiva. Amathe abo namafinyila kungakugulisa. Izifo ezihlala egazini njengesifo sokusha kwesibindi kohlobo B no-C kanye ne-HIV/AIDS zithathelwana ngobulili ngokuyinhloko, ngokushintshana ngenaliti lapho abantu bezijova ngezidakamizwa nangokumpontshelwa igazi. Ukugonywa kungasiza ekuvimbeleni ukungenwa ezinye izifo, kodwa umuntu ohlakaniphile kufanele aqaphe lapho ehlala nomuntu onesifo esithathelwanayo. Kugweme ukulunywa yizinambuzane. Ungahlali noma ulale ngaphandle ungazivikele lapho kunomiyane nezinye izinambuzane ezithwala izifo. Sebenzisa amanethi ombhede, ikakhulukazi emibhedeni yezingane usebenzise nemithi yokuxosha izinambuzane. *

Gcina umuzi wakho uhlanzekile. Yenza noma yini edingekayo ukuze umuzi wakho uhlale ucocekile, ngaphakathi nangaphandle. Vala noma yiziphi izindawo okungama kuzo amanzi bese kugcwala omiyane. Imfucumfucu, ukungcola, ukudla okungamboziwe nodoti kubiza izinambuzane nezilwanyana ezingase zilethe amagciwane abangela izifo. Uma ingekho indlu yangasese, yakha eyomgodi kunokuqulusa nje eqeleni. Mboza isihlalo sendlu yangasese ukuze kungabi nezimpukane ezithwala amagciwane abangela isifo samehlo nezinye izifo.

Ungazilimazi. Lalela imithetho yezokuphepha lapho usebenza, ugibele ibhayisikili noma isithuthuthu okukanye ushayela imoto. Qiniseka ukuthi imoto yakho iphephile. Sebenzisa izinto zokuzivikela nezingubo ezifanele, njengezibuko zokuvikela amehlo, umakalabha, amabhuzu kuhlanganise namabhandle okuzibopha kanye nokokuvikela izindlebe. Gwema ukuzichaya elangeni, okubangela umdlavuza nokushwabana kwesikhumba ngokushesha. Uma kuwukuthi uyabhema, yeka. Ukuyeka manje kuyoyinciphisa kakhulu ingozi yokuba nesifo senhliziyo, umdlavuza wamaphaphu nonhlangothi. *

^ isig. 5 Bheka isihloko sesiNgisi esikuyi-Phaphama! ka-May 22, 2003 esithi “When Insects Spread Disease.”

^ isig. 7 Bheka uchungechunge olunesihloko esithi “Indlela Yokuyeka Ukubhema,” esikuyi-Phaphama! ka-May 2010.