Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Isinyathelo 3—Vivinya Umzimba

Isinyathelo 3—Vivinya Umzimba

“Ukuba ukuvivinya umzimba bekuyiphilisi, beliyosetshenziswa emhlabeni wonke kunanoma yiliphi elinye.” (Emory University School of Medicine) Ezintweni eziningi esingazenza ukuze sithuthukise impilo yethu, zimbalwa kakhulu eziwusizo ngaphezu kokuvivinya umzimba.

Zikhandle. Ukuvama ukuvivinya umzimba kungakusiza ukuba ujabule ngokwengeziwe, ukwazi ukucabanga kahle, ube namandla, ukhuthale ukwazi nokulawula umzimba wakho nangosizo lokudla okufanele. Akudingeki ukuba uwuvivinye kabuhlungu umzimba noma weqise ukuze uzuze. Ukuvivinya umzimba ngokulinganisela izikhathi eziningana phakathi nesonto kungazuzisa kakhulu.

Ukugijima, ukuhamba usheshe, ukushova ibhayisikili nokudlala eminye imidlalo enyakazisa umzimba—eyenza inhliziyo ishaye ngamandla futhi ujuluke—ingayithuthukisa impilo yakho futhi ivimbela ukumelwa inhliziyo noma ukushaywa unhlangothi. Ukuhlanganisa lezi zindlela zokuvivinya umzimba nokuphakamisa izinsimbi ngokulinganisela kungaqinisa amathambo, izicubu zangaphakathi namalungu omzimba. Lokhu kuyasiza ekuthuthukiseni ukugayeka kokudla esiswini, okusiza ekulawuleni ukukhuluphala.

Ukuvivinya umzimba kungajabulisa

Hamba ngezinyawo. Ukuvivinya umzimba kusiza abadala nabancane, futhi akudingeki ukuba umuntu aze abe yilungu lesikhungo esithile sokuvivinya umzimba. Ukuhamba ngezinyawo esikhundleni semoto, ibhasi noma ikheshi kungaba isiqalo esihle. Kungani ulinda into yokuhamba uma ungase ukwazi ukuhamba ngezinyawo uye lapho uya khona, mhlawumbe okungakwenza ufike nangokushesha? Bazali, khuthazani izingane zenu ukuba ziyodlala imidlalo evivinya umzimba ngaphandle uma kungenzeka. Le midlalo iqinisa imizimba yazo futhi yenza amalungu emizimba yazo abambisane okuyinto engenakuyenza imidlalo engawuvivinyi umzimba njengemidlalo yama-video.

Kungakhathaliseki ukuthi uqala usumdala kangakanani, ungazuza ngokuvivinya umzimba ngokulinganisela. Uma usukhulile noma unezinkinga zempilo futhi ubukade ungawuvivinyi umzimba, kuwukuhlakanipha ukubonana nodokotela asikisele ukuthi ungaqala kanjani. Kodwa kufanele uqale! Ukuvivinya umzimba okuqala kancane kancane futhi okungenziwa ngokweqisa kungasiza ngisho nabakhule kakhulu phakathi kwethu ukuba babe nezicubu namathambo aqinile. Kungasiza nasebekhulile ukuba bagweme ukuwa.

Ukuvivinya umzimba yikho okwasiza uRustam okukhulunywe ngaye esihlokweni sokuqala kulolu chungechunge. Eminyakeni engu-7 edlule, yena nomkakhe baqala ngokugijima nje kancane njalo ekuseni, izinsuku ezinhlanu ngesonto. Uyalandisa, “Saqale sabeka izaba zokungawuvivinyi umzimba. Kodwa ukuba nomuntu esizivivinya naye kwasisiza sobabili. Manje sekuwumkhuba omuhle nojabulisayo.”