Dlulela kokuphakathi

 Intsha Iyabuza

Ngingasishiya Kanjani Isithombe Esihle Kumuntu Oqalayo Ukungibona?

Ngingasishiya Kanjani Isithombe Esihle Kumuntu Oqalayo Ukungibona?

“Le ngxoxo yokuhlolelwa umsebenzi ihamba kahle kakhulu! Kumelwe ukuba nomphathi wami wakusasa uyazibonela nje ukuthi anginalo uvalo, selokhu ngingenile ngimbiza ngegama. La, ngiqashiwe nakanjani!”

“Uthi kuseyiyo nje le nsizwa ethumele incwadi enhle yokucela umsebenzi? Anginakulokotha ngiyiqashe! Uma yenza kanje isafuna umsebenzi, izobanjani uma isiwutholile?”

Bheka isithombe, bese ufunda umbhalo ongenhla. Uyazibona izindlela ezi-ntathu ezingenza umuntu ofuna umsebenzi ashiye isithombe esingesihle?

  1. ․․․․․

  2. ․․․․․

  3. ․․․․․

Izimpendulo zingezansi

1. Indlela le nsizwa egqoke ngayo ayifaneleki uma uya engxoxweni yokuhlolelwa umsebenzi. 2. Indlela ekhuluma ngayo (ukubiza umqashi wayo ngegama) kuwukumjwayela kabi. 3. Indlela eyenza ngayo ibonisa ukungabi nanhlonipho.

 ZIBONE ngeso lengqondo unambitha uhlobo oluthile lokudla okokuqala ngqa. Kukuthatha isikhathi esingakanani ukunquma ukuthi uyakuthanda yini noma cha? Kungase kudingeke ukuba unambithe kanye nje kuphela ukuze unqume ukuthi uyophinde ukudle yini lokho kudla—noma ukuthi uzokuqeda yini kwakhona lokho okuphambi kwakho.

Kwenzeka okufanayo nalapho uhlangana nomuntu okokuqala ngqa. Ngesikhashana nje, uzakhela isithombe salokho lowo muntu ayikho. Nakhu okunye okusangulukisayo: Ngaso leso sikhathi, lowo muntu wakha isithombe ngawe.

Ingabe ufuna umsebenzi? umngane? umuntu ozoshada naye? Ukuphumelela kwakho kuncike kakhulu ekutheni umshiya nasiphi isithombe umuntu lapho eqala ukukubona. Ake sihlole izindawo ezintathu okungase kudingeke ukuba uthuthukise kuzo ngokuphathelene namakhono akho okusebenzelana nabantu ukuze isithombe osishiyayo kwabanye sibe sihle.

1. Indlela Obukeka Ngayo

Kungakhathaliseki ukuthi ukubona kulungile noma kungalungile lokhu, isithombe sokuqala abantu abazakhela sona ngawe singase sisekelwe entweni yokuqala abayibonayo, ukubukeka kwakho. Sivame ukunganakwa lesi sici lapho umuntu efuna ukushiya isithombe esihle kumuntu aqala ukumbona. Intombazane okuthiwa uClarisa * ithi, “Kulezi zinsuku kubonakala sengathi uma uya endaweni yokudlela, awazi noma abantu bazofika begqoke beconsa noma begqoke ezokulala!”

Kuyiqiniso ukuthi lokho okugqokayo kufanele kuhambisane nesenzakalo oya kuso. Ngokwesibonelo, indlela ogqoka ngayo lapho uya engxoxweni yokuhlolelwa umsebenzi ngeke ifane nendlela ongagqoka ngayo uma uya olwandle! Kodwa kuthiwani uma ungaqiniseki ukuthi iyiphi indlela yokugqoka efanelekayo? Isihluthulelo siwukubonisa ukuba nengqondo ngokugwema ukweqisa. Uma ungabaza, kungcono ukugqoka ngendlela evamile.

KHUMBULA LOKHU! Indlela ogqoka futhi uzilungise ngayo yembula lokho oyikho ngaphakathi, njengesithombe se-X-ray.

“Lapho ngibona abantu embuthanweni othile futhi begqoke ngendlela ethusayo, ngiyakugwema ukubingelelana nabo. Ngaleso sikhathi, into engiyaziyo ngabo yindlela ababukeka ngayo, futhi indlela abagqoke ngayo ishiya isithombe esibi ngabo kimi.”—UDiane.

IBhayibheli litusa ‘izingubo ezilungiswe kahle’ ezibonisa ukuthi ‘unesizotha nokuhluzeka kwengqondo.’—1 Thimothewu 2:9.

Zibuze: ‘Ingabe lokho engikugqokayo kubonakala kulungiswe kahle, noma kungenza ngibonakale ngiyidlabha? Ingabe umuntu ongase abe umqashi wami, umngane, noma engingase ngishade naye uyophetha ngokuthi anginakho ‘ukuhluzeka kwengqondo’ ngenxa yendlela engigqoka ngayo?’

 Ukusikisela: Thola iseluleko kothile omhloniphayo ngenxa yendlela enhle agqoka ngayo.

2. Lokho Okushoyo

Indlela okhuluma ngayo ibonisa ukuthi uthobekile noma uyazazisa, ukhululekile noma awukhululekile. Kukhumbule lokho uma uzama ukushiya isithombe esihle kothile wobulili obuhlukile. Intombazane okuthiwa uValerie, ithi: “Ngicasuka ngempela lapho ngikhuluma nensizwa bese yona ilokhu ikhuluma ngayo siqu.” Uyanezela: “Ngakolunye uhlangothi, abanye abafana bafuna ukwazi konke ngawe zisuka nje. Lokho kuyisidina futhi kwenza intombazane ifune ukuhamba.”

KHUMBULA LOKHU! Amazwi akho enza abanye babone ukuthi ungumuntu onjani ngempela—ngakho qiniseka ukuthi babona okuhle!

“Uma ngiqala ukubonana nomfana, ngiyajabula uma eziphatha ngendlela evamile. Ukubonana kokuqala kubaluleke kakhulu. Uma umfana ecabanga kakhulu ngalokho afuna ukukusho, kungcono avele angabe esakusho.”—USelena.

IBhayibheli lithi: “Uyosho into engafanele uma ukhulumela futhi—ngakho yiba nengqondo, ukuqaphele lokho okushoyo.”—IzAga 10:19, Contemporary English Vesion.

Zibuze: ‘Ngingalinganisela kanjani phakathi kokukhulumela futhi nokukhuluma amazwi ambalwa nje? Ngokuphathelene nendlela engikhuluma ngayo, ingabe ikhona into engabashaqisa noma ibacasule abanye?’

Ukusikisela: Baphawule labo ababonakala benekhono lokuxoxa nabanye. Yiziphi izindlela abazisebenzisayo ukuze ingxoxo iqhubeke? Ungazisebenzisa yini nawe?

3. Izenzo Zakho

Njengoba isisho sibonisa, izenzo zikhuluma kakhulu kunamazwi. Ngokwesibonelo, uma uhlonipha, izenzo zakho “zibonisa” ukuthi uyabahlonipha abanye. Leli elinye icebiso okufanele ulikhumbule lapho usukulungele ukufuna umuntu ozoshada naye. Intombazane okuthiwa nguCarrie, ithi: “Ukwenza izinto ezincane njengokuvula umnyango, kubonisa inhlonipho. Eziningi zazo ziwumusa nje ovamile.”

KHUMBULA LOKHU! Izenzo zakho zifana nebhodi lokukhangisa elibonisa izimfanelo zakho zangaphakathi. (IzAga 20:11) Izenzo zakho “zembulani” ngawe?

“Ngicabanga ukuthi ukuba yisilaleli esihle kubalulekile. Kubonisa inhlonipho nokungaphazamisi omunye umuntu lapho ekhuluma, ngaphandle uma kudingeke ngempela.”—UNatalia

IBhayibheli lithi: “Phatha abanye ngendlela ofuna ukuphathwa ngayo.”—Luka 6:31, CEV.

Zibuze: ‘Ingabe ngiyahlonipha? Ingabe ngibonisa isithakazelo esiqotho kwabanye? Bangangethemba yini abanye? Ingabe izinto ngizenza ngesikhathi esifanele?’

Ukusikisela: Hlela ukufika okungenani kusasele imizuzu eyishumi uma kumelwe uhlangane nothile ukuze kuthi uma kuphakama izimo ezingalindelekile, ukwazi ukufika ngesikhathi. Ungathi nje uqala ukubonana nomuntu, umnike isithombe sokuthi awusigcini isikhathi!

Isixwayiso: Ukushiya isithombe esihle akusho ukufihla lokho oyikho, okungasho ukuthi uyakhohlisa. (IHubo 26:4) Kunalokho, nquma ukuthi yiziphi izimfanelo ongathanda ukwaziwa ngazo bese uzibonisa kukho konke okwenzayo. (Kolose 3:9, 10) Njengoba wenza lokhu, khumbula ukuthi nguwe ozakhela idumela. Ngokunaka indlela obukeka ngayo, okhuluma ngayo nowenza ngayo, uyokwazi ukushiya isithombe esihle lapho uqala ukubonana nomuntu—isithombe esiyohlala njalo!

^ isig. 15 Amanye amagama akulesi sihloko ashintshiwe.