Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI | INGABE UYAKULAWULA UKUPHILA KWAKHO?

Ingabe Ungakwazi Ukulawula Ukuphila Kwakho?

Ingabe Ungakwazi Ukulawula Ukuphila Kwakho?

KUYE kuthiwe ukuphumelela ekuphileni akuyi ngokuthi izinto zikuhambela kahle kangakanani, kodwa kuya ngokuthi wenze njani lapho zingakuhambeli kahle. Namuhla, akekho umuntu izinto ezimhambela kahle ngaso sonke isikhathi. Ngokuvamile, imfihlo yokulawula ukuphila kwakho, iwukufunda kokubili ukwamukela izimo obhekene nazo nokwenza lokho ezikuvumela ukuba ukwenze. Uma ukwazi ukulawula ukuphila kwakho naphezu kwezimo ezingezinhle, lokho kuhle. Uma izimo zakho zithuthuka ngemva kwesikhathi, lokho kungcono. Kodwa, okuhle nakakhulu kuseza.

IBhayibheli lithembisa ukuthi kuyoba nesikhathi lapho bonke abantu beyokwazi khona ukulawula ukuphila kwabo ngezinga elibenelisayo. Bayokwazi ukuphila ngaphandle kwezihibe bengathikanyezwa izimo ezicasulayo, izingcindezi zansuku zonke nemizwa engemihle. (Isaya 65:21, 22) Lokhu iBhayibheli likubiza ‘ngokuphila kwangempela.’—1 Thimothewu 6:19.

“Bayokwakha izindlu bahlale kuzo; nakanjani bayotshala izivini badle izithelo zazo. Ngeke bakhe kuhlale omunye; ngeke batshale kudle omunye. Ngoba izinsuku zabantu bami ziyoba njengezinsuku zomuthi; nomsebenzi wezandla zabo abakhethiweyo bami bayowusebenzisa ngokugcwele.”—Isaya 65:21, 22.