Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI

Ingabe Uyakulawula Ukuphila Kwakho?

Ingabe Uyakulawula Ukuphila Kwakho?

NGESIKHATHI usemncane, wawunamiphi imigomo ekuphileni? Mhlawumbe wawufuna ukushada, ukuba ingcweti yekhono elithile, noma ukwenza umsebenzi owuthandayo. Kodwa ekuphileni izinto azihambi ngendlela esizihlela ngayo ngaso sonke isikhathi. Izimo ezingalindelekile zingaphazamisa zonke izinhlelo zakho. Yilokho okwenzeka ku-Anja, uDelina noGregory.

  • U-Anja waseJalimane, kwatholakala ukuthi unomdlavuza eneminyaka engu-21, futhi manje usechitha cishe sonke isikhathi sakhe endlini.

  • UDelina wase-United States, uhlushwa isifo sezinzwa nemisipha esibizwa ngokuthi i-dystonia. Ngaphezu kwalokho, unakekela abafowabo abathathu abakhubazekile.

  • UGregory waseCanada, ulwa nesifo sokukhathazeka esiphazamisa ukuphila kwakhe.

Naphezu kwezimo zabo, u-Anja, uDelina, noGregory baye bakwazi ukulawula ukuphila kwabo. Kanjani?

Isaga seBhayibheli sithi: ‘Uma udangala ngosuku losizi, amandla akho ayoba mancane.’ (IzAga 24:10) Iphuzu lisobala: Indlela obheka ngayo izinto iyawenza umehluko. Abantu abanqotshwa imizwa engemihle, bazinciphisela amathuba okulawula ukuphila kwabo, kuyilapho labo abanesimo esihle sengqondo ngokuvamile bezibeka emathubeni amaningi okulawula ukuphila kwabo.

Cabanga ngendlela lokho okwaba iqiniso ngayo ku-Anja, uDelina noGregory.