Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI | INGABE UYAKULAWULA UKUPHILA KWAKHO?

Inselele: Imizwa Engemihle

Inselele: Imizwa Engemihle

INGABE imizwa enamandla—mhlawumbe ukudabuka, intukuthelo, noma inzondo—iyakubusa? Uma kunjalo, ungase ungabi naso isikhathi noma amandla okwenza lokho okubaluleke ngempela kuwe. Yini ongayenza ngayo? *

ISIBONELO ESISEBHAYIBHELINI: UDAVIDE

INkosi uDavide yake yabhekana nemizwelo ehlukahlukene—ehlanganisa ukukhathazeka nokudabuka. Yini eyamsiza wakwazi ukuqhubeka nokuphila? UDavide washiyela izinto ezandleni zikaNkulunkulu. (1 Samuweli 24:12, 15) Wayibhala phansi nendlela ayezizwa ngayo. Njengendoda enokholo, wayethandaza njalo. *

LOKHO OKWENZIWA UGREGORY

Njengoba kuphawuliwe esihlokweni sokuqala, uGregory uhlushwa isifo sokukhathazeka ngokweqile. Uthi: “Ukukhathazeka kwami ngokweqile, kwakwedlulele futhi kungalawuleki.” UGregory wakwazi kanjani ukuphinde alawule ukuphila kwakhe? Uthi: “Ukuze ngikwazi ukubheka izinto ngendlela efanele, ngamukela usizo lomusa olwaluvela kumkami nakubangane. Ngafuna nosizo lochwepheshe, ngafunda kakhulu nangenkinga yami. Ngemva kokwenza izinguquko ekuphileni kwami, ngaqala ukuzwa kuyimina olawula inkinga yami, kungeyona elawula mina. Nakuba kungakapheli ngokuphelele ukukhathazeka ngokweqile, sengiyazi manje ukuthi kubangelwa yini futhi sengiyazi ukuthi ngingabhekana kanjani nako.”

“Inhliziyo ejabulayo ingumuthi omuhle.”—IzAga 17:22

ONGAKWENZA

Uma imizwa engemihle ilawula ukuphila kwakho, zama lokhu:

  • Bhala phansi indlela ozizwa ngayo ebhukwini.

  • Khuluma nesihlobo noma umngane wakho oseduze ngendlela ozizwa ngayo.

  • Yilwa nemizwa yakho. Ngokwesibonelo zibuze, ‘Ingabe bukhona ngempela ubufakazi obusekela indlela engeyinhle engizibheka ngayo?’

  • Ungafukameli ukukhathazeka, intukuthelo nenzondo. Kunalokho, sebenzisa amandla akho ngokwenza okunye okuwusizo. *

Iphuzu Eliyinhloko: Ngokuvamile, ukuba nemizwa engemihle akuwona umphumela wezimo obhekene nazo kodwa kuwumphumela wendlela ozibheka ngayo lezo zimo.

^ isig. 3 Eminye imizwelo engemihle ingase ibangelwe izinkinga zempilo ezingase zidinge ochwepheshe bezokwelapha. Ayikho indlela yokwelapha i-Phaphama! eyitusa ngokukhethekile. Umuntu ngamunye kufanele akucabangele kahle noma yikuphi ukwelashwa akukhethayo ngaphambi kokuba azenzele isinqumo.

^ isig. 5 Izincwadi eziningi zamahubo aseBhayibhelini ziyimithandazo kaDavide, ayibhala.

^ isig. 13 Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka isihloko esisesembozweni se-Nqabayokulinda ka-July 1, 2015 esithi, “Indlela Yokubhekana Nokukhathazeka.”