Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 2

Dumisa UJehova Ebandleni

Dumisa UJehova Ebandleni

“Ngizokudumisa phakathi kwebandla.” —IHU. 22:22.

INGOMA 59 Dumisani UJah Kanye Nami

AMAZWIBELA *

1. UDavide wayezizwa kanjani ngoJehova, futhi lokhu kwamkhuthaza ukuba enzeni?

INKOSI UDAVIDE yabhala: “UJehova mkhulu futhi kumelwe adunyiswe kakhulu.” (IHu. 145:3) UDavide wayemthanda uJehova futhi lolo thando lwamenza wadumisa uNkulunkulu “phakathi kwebandla.” (IHu. 22:22; 40:5) Akungabazeki ukuthi nawe uyamthanda uJehova futhi uvumelana namazwi kaDavide athi: “O Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli baba wethu, mawutuswe, kusukela nini nanini kuze kube nini nanini.”—1 IziKr. 29:10-13.

2. (a) Singamdumisa kanjani uJehova? (b) Yibuphi ubunzima abanye ababhekana nabo, futhi yini esizoyihlola manje?

2 Namuhla, enye yezindlela esidumisa ngazo uJehova iwukuphendula emihlanganweni yebandla. Nokho, abanye abafowethu nodadewethu banenkinga ngokuqondene nalokhu. Bayafuna ukuphendula emihlanganweni, kodwa uvalo luvele lubathi heqe. Bangalunqoba kanjani lolo valo? Yimaphi amacebiso angasisiza sonke sinikeze izimpendulo ezakhayo? Ngaphambi kokuba siphendule le mibuzo, ake siqale sihlole izizathu ezine ezibalulekile ezisenza siphendule emihlanganweni.

IZIZATHU ZOKUPHENDULA EMIHLANGANWENI

3-5. (a) Njengoba kuchazwe kweyamaHebheru 13:15, kungani siphendula emihlanganweni? (b) Ingabe sonke kumelwe siphendule ngendlela efanayo? Chaza.

3 UJehova usinikeze sonke ilungelo lokumdumisa. (IHu. 119:108) Izimpendulo zethu emihlanganweni ziyingxenye ‘yomhlatshelo wokudumisa’ futhi akekho umuntu ongasenzela wona. (Funda eyamaHebheru 13:15.) Ingabe uJehova usiphoqa ukuba sonke silethe umhlatshelo noma izimpendulo ezifanayo? Lutho neze!

4 UJehova uyazi ukuthi sinamakhono nezimo ezingafani, futhi uyayijabulela ngempela imihlatshelo esikwazi ukuyinikela kuye. Cabanga ngohlobo lwemihlatshelo ayeyamukela kuma-Israyeli. Amanye ama-Israyeli ayekwazi ukunikela ngemvu noma ngembuzi. Kodwa umIsrayeli ohluphekayo wayenganikela ‘ngamahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba.’ Uma umIsrayeli ayengenawo lawo majuba amabili, uJehova wayekwamukela “okweshumi kwe-efa likafulawa ocolekileyo.” (Lev. 5:7, 11) Ufulawa wawungabizi, kodwa uJehova wayewujabulela lowo mnikelo, uma nje ‘kwakuwufulawa ocolekileyo.’

5 UNkulunkulu wethu onomusa usazizwa ngendlela efanayo nanamuhla. Lapho siphendula, akalindele ukuba sonke sibe amaqaphuqaphu njengo-Apholo noma sikwazi ukukholisa abantu njengoPawulu. (IzE. 18:24; 26:28) Into uJehova ayidingayo ukuba sonke sinikeze izimpendulo esikwazi ukuzinikeza, ngokwamandla ethu. Khumbula umfelokazi owanikela ngezinhlamvu ezimbili ezincane. UJehova wayemthanda ngoba wanikela ngakho konke ayenakho.—Luka 21:1-4.

Ukuphendula kuzuzisa thina nalabo abasilalelayo (Bheka izigaba 6-7)) *

6. (a) NgokweyamaHebheru 10:24, 25, izimpendulo zabanye zingasithinta kanjani? (b) Ungabonisa kanjani ukuthi uyazazisa izimpendulo ezikukhuthazayo?

6 Siyakhuthazana ngezimpendulo zethu. (Funda eyamaHebheru 10:24, 25.) Sonke siyakujabulela ukuzwa izimpendulo ezihlukahlukene emihlanganweni yethu. Kumnandi ukuzwa impendulo elula yengane esuka enhliziyweni. Kuyasikhuthaza ukuzwa injabulo empendulweni yomuntu osanda kuqonda iphuzu elithile elisha. Kuyasijabulisa ukubona labo ‘abaqunga isibindi’ sokuphendula, ngisho noma benamahloni noma besanda kuqala ukufunda ulimi lwethu. (1 Thes. 2:2) Singabonisa kanjani ukuthi siyayazisa imizamo yabo? Singababonga ngemva kwemihlangano ngezimpendulo zabo ezakhayo. Enye indlela iwukuba nathi ngokwethu siphendule. Ngaleyo ndlela, asigcini nje ngokukhuthazwa kodwa nathi sikhuthaza abanye.—Roma 1:11, 12.

7. Sizuza kanjani lapho siphendula?

7 Sizizuzisa thina lapho siphendula. (Isaya 48:17) Kanjani? Okokuqala, uma sifuna ukuphendula kumelwe silungiselele kahle. Uma silungiselele kahle, siliqonda kahle iZwi likaNkulunkulu. Lapho sesiliqonda kahle, kuyoba lula ukukusebenzisa esikufundayo. Okwesibili, siyoyijabulela ngokwengeziwe imihlangano ngoba siyobe sibambe iqhaza ezingxoxweni eziba khona. Okwesithathu, ngenxa yokuthi siyazikhandla lapho silungiselela izimpendulo, kuba lula ukukhumbula amaphuzu okuxoxwe ngawo ngisho nalapho umhlangano usuphelile.

8-9. (a) Njengoba kuboniswe kuMalaki 3:16, ucabanga ukuthi uJehova uzizwa kanjani ngezimpendulo zethu? (b) Yini abanye abangase besabe ukuyenza?

8 Sijabulisa uJehova lapho sikhuluma ngokholo lwethu. Singaqiniseka ngokuthi uJehova uyasilalela futhi uyakujabulela kakhulu ukuzikhandla kwethu lapho siphendula emihlanganweni. (Funda uMalaki 3:16.) Ubonisa ukuthi uyakuthanda esikwenzayo ngokusibusisa lapho sizama kanzima ukumjabulisa.—Mal. 3:10.

9 Kuyacaca ukuthi sinezizathu ezinhle zokuphendula emihlanganweni. Noma kunjalo, abanye bangase besabe ukuphakamisa isandla. Uma uzizwa ngaleyo ndlela, ungadikibali. Ake sihlole izimiso zeBhayibheli, izibonelo ezimbalwa namanye amacebiso angasisiza sonke siphendule kaningana emihlanganweni.

UKUNQOBA UKWESABA

10. (a) Iningi lethu lisabani? (b) Kungani ukwesaba ukuphendula kungase kube yinto enhle?

10 Ingabe ushaywa uvalo njalo lapho kudingeka uphakamise isandla ukuze uphendule? Uma kunjalo, awuwedwa. Iqiniso liwukuthi sonke siyethuka lapho kufanele siphendule. Ngaphambi kokuba unqobe lokho kwesaba, kudingeka uthole ukuthi yini ekwenza wesabe. Ingabe wesaba ukuthi uzokukhohlwa lokho ofuna ukukusho noma wesaba ukuthi uzosho into engafanele? Ingabe ukhathazwa ukuthi impendulo yakho ngeke ibe yinhle njengeyabanye? Empeleni ukuzizwa ngaleyo ndlela kungaba yinto enhle. Kubonisa ukuthi uthobekile futhi ubheka abanye njengabakhulu kunawe. UJehova uyabathanda abantu abathobekile. (IHu. 138:6; Fil. 2:3) Noma kunjalo uJehova ufuna umdumise futhi ukhuthaze abafowenu nodadewenu ebandleni. (1 Thes. 5:11) Uyakuthanda futhi uzokupha isibindi osidingayo.

11. Yimiphi imiBhalo engasisiza?

11 Ake sihlole imiBhalo embalwa. IBhayibheli lithi sonke siyazikhuluma izinto ezingafanele futhi sizisho nangendlela engafanele. (Jak. 3:2) UJehova kanye nabafowethu nodadewethu abalindele ukuba singawenzi amaphutha. (IHu. 103:12-14) Abafowethu bayasithanda ngoba uJehova unguBaba wethu sonke. (Marku 10:29, 30; Joh. 13:35) Bayaqonda ukuthi ngezinye izikhathi izimpendulo zethu asizisho ngendlela esizilungiselele ngayo.

12-13. Sifundani kuJona nakuNehemiya?

12 Cabanga ngezibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza unqobe ukwesaba. Khumbula uNehemiya. Wayesebenza esigodlweni senkosi enamandla. UNehemiya wayelusizi ngoba wayezwe ukuthi izindonga namasango aseJerusalema kwakubhidlikile. (Neh. 1:1-4) Cabanga nje indlela okumelwe ukuba wethuka ngayo lapho inkosi imbuza ukuthi kungani ayebukeka engajabule. Ngokushesha uNehemiya wathandaza wabe eseyiphendula inkosi. Inkosi yabe isisiza abantu bakaNkulunkulu. (Neh. 2:1-8) Cabanga nangoJona. Ngesikhathi uJehova emthuma ukuba ayokhuluma nabantu baseNineve, uJona wethuka kangangokuba wabaleka waya kwenye indawo. (Jona 1:1-3) Kodwa uJehova wamsiza uJona wafeza isabelo sakhe. Amazwi awasho abasiza kakhulu abantu baseNineve. (Jona 3:5-10) Isibonelo sikaNehemiya sisifundisa ukubaluleka kokuthandaza ngaphambi kokuba siphendule. EsikaJona sona sisifundisa ukuthi uJehova angasisiza simkhonze naphezu kwanoma yini esiyesabayo. Iqiniso liwukuthi alikho ibandla elinabantu abethusa njengabaseNineve.

13 Yiziphi izinto ongazenza ezingakusiza unikeze izimpendulo ezakhayo emihlanganweni? Ake sihlole ezimbalwa.

14. Kungani kufanele siyilungiselele kahle imihlangano, futhi singayilungiselela nini?

14 Lungiselela umhlangano ngamunye. Lapho uhlela kusengaphambili futhi ulungiselela kahle, uyoba naso isibindi sokuphendula. (IzAga 21:5) Kuyiqiniso ukuthi asilungiseleli ngesikhathi esifanayo. U-Eloise, ongumfelokazi owevile eminyakeni engu-80, uqala ukulungiselela iSifundo Se-Nqabayokulinda lapho isonto liqala. Uthi, “Imihlangano ngiyijabulela kakhudlwana lapho ngiyilungiselele.” UJoy, osebenza phakathi nesonto, uyilungiselela ngoMgqibelo INqabayokulinda. Uthi, “Kuba lula ukukhumbula amaphuzu ngakusasa.” U-Ike, umdala omatasa oyiphayona, uthi, “Kungisebenzela kangcono ukutadisha izikhawu phakathi nesonto kunokuthi ngilungiselele yonke into ngesikhathi esisodwa.”

15. Ungayilungiselela kanjani kahle imihlangano?

15 Yini ongayenza ukuze uyilungiselele kahle imihlangano? Lapho uzotadisha, qala ngokuthandaza kuJehova ucele umoya ongcwele. (Luka 11:13; 1 Joh. 5:14) Yibe usuthola ukuthi leso sihloko sikhuluma ngani. Hlaziya isihloko, izihlokwana, izithombe namabhokisi okufundisa. Lapho usufunda izigaba, funda nemiBhalo ekhonjiwe. Zindla ngalokho okufundayo, unakisise amaphuzu ofuna ukuphendula kuwo. Lapho ulungiselela, uyozuza nakakhulu futhi kuyoba lula ukuphendula.—2 Kor. 9:6.

16. Yimaphi amathuluzi onawo ngolimi lwakho, futhi uwasebenzisa kanjani?

16 Uma kungenzeka, sebenzisa amathuluzi ezobuchwepheshe onawo ngolimi lwakho. UJehova, ngenhlangano yakhe, uye wasinikeza la mathuluzi ukuze asisize silungiselele imihlangano. I-app ye-JW Library® isisiza sikwazi ukudawuniloda izincwadi zokutadisha kuma-tablet nakomakhalekhukhwini bethu. Lokho kungasisiza sitadishe, sifunde noma silalele izincwadi zethu noma nini nanoma yikuphi. Abanye bayayisebenzisa le-app ukuze batadishe ngesikhathi sekhefu emsebenzini noma esikoleni noma lapho besendleleni. I-Watchtower Library ne-ONLINE LIBRARY YeBhayibheli kwenza kube lula ukucwaningisisa ngesihloko esisitadishayo.

Uyilungiselela nini imihlangano? (Bheka izigaba 14-16) *

17. (a) Kungani kungcono ukulungiselela izimpendulo eziningana? (b) Yini oyifundile kuyividiyo ethi Yiba Umngane KaJehova—Lungiselela Impendulo Yakho?

17 Uma kungenzeka, lungiselela izimpendulo eziningana. Kungani? Yingoba ngeke ukhonjwe njalo lapho uphakamisa isandla. Abanye bangase baphakamise kanye nawe futhi umqhubi angase akhombe bona. Ukuze angadli isikhathi, umqhubi angase akhombe abantu abambalwa esigabeni esithile. Ngakho ungaphatheki kabi noma udikibale uma engakukhombi ezigabeni zokuqala. Uma ulungiselele izimpendulo eziningana, uyokwazi ukuthola ithuba lokuphendula. Ungalungiselela nokufunda umBhalo okhonjiwe. Zama nokulungiselela ukuphendula ngamazwi akho. *

18. Kungani kumelwe unikeze impendulo emfushane?

18 Nikeza izimpendulo ezimfushane. Ngokuvamile, izimpendulo ezikhuthazayo yilezo ezimfushane nezilula. Ngakho lwela ukugcina izimpendulo zakho zimfushane. Zama ukwenza izimpendulo zakho zingadluli emizuzwaneni engu-30. (IzAga 10:19; 15:23) Uma usuneminyaka uphendula emihlanganweni, unendima ebalulekile okufanele uyidlale—ukubeka isibonelo esihle sokunikeza izimpendulo ezimfushane. Uma unikeza izimpendulo eziyinkimbinkimbi futhi ezinde, ungase wenze abanye besabe, bacabange ukuthi abasoze bakwazi ukuphendula njengawe. Izimpendulo ezimfushane zisiza nabanye bakwazi ukuthola ithuba lokuphendula esifundweni. Uma ukhonjwe kuqala, nikeza impendulo elula, eshaya emhloleni. Ungazami ukuwasho wonke amaphuzu asesigabeni. Ngemva kokuba umbuzo usuphenduliwe, unganezela amanye amaphuzu aseceleni.—Bheka ibhokisi elithi “ Ngingaphendula Ngithini?

19. Umqhubi angakusiza kanjani, kodwa yini okufanele wena uyenze?

19 Tshela umqhubi ukuthi yisiphi isigaba ongathanda ukuphendula kuso. Uma unquma ukwenza lokhu, kumelwe ukhulume nomqhubi ngaphambi kokuba umhlangano uqale. Lapho nifika kuleso sigaba, phakamisa ngokushesha isandla sakho sibonakale ukuze umqhubi akubone.

20. Umhlangano webandla ufana kanjani nedili esingaba nalo nabangane?

20 Bheka imihlangano yebandla njengesidlo osijabulela nabangane. Ake sithi abangane abathile ebandleni bahlela ukwenza i-braai, bese bekucela ukuba upheke into elula. Ubuyokwenzenjani? Ungase ukhathazeke, kodwa cishe uyokhipha unyawo, wenze ukudla wonke umuntu azokujabulela. UJehova, okunguyena osimemayo, udeke itafula elinezibiliboco emihlanganweni yethu. (IHu. 23:5; Math. 24:45) Uyajabula nalapho siletha izipho ezincane ngokwamandla ethu. Ngakho, lungiselela kahle futhi uzizwe ukhululekile ukuphendula. Ngaleyo ndlela, ngeke ugcine nje ngokudla etafuleni likaJehova kodwa uyophatha nesipho ongasipha abanye ebandleni.

INGOMA 2 NguJehova Igama Lakho

^ isig. 5 Njengomhubi uDavide, sonke siyamthanda uJehova futhi siyakujabulela ukumdumisa. Sinethuba elihle kakhulu lokubonisa ukuthi siyamthanda uNkulunkulu lapho sihlangana nabafowethu ebandleni ukuze simkhonze. Nokho, abanye kithi bakuthola kunzima ukuphendula emihlanganweni. Uma unaleyo nkinga, lesi sihloko sizokusiza ubone ukuthi kungani wesaba nokuthi ungakunqoba kanjani lokho kwesaba.

^ isig. 17 Kuyi-jw.org, bukela ividiyo ethi Yiba Umngane KaJehova—Lungiselela Impendulo Yakho. Bheka ngaphansi kwesithi IZIMFUNDISO ZEBHAYIBHELI > IZINGANE.

^ isig. 63 INCAZELO YEZITHOMBE: Ibandla lijabulela ukuphendula esifundweni se-Nqabayokulinda.

^ isig. 65 INCAZELO YEZITHOMBE: Amanye amalungu ebandla aboniswe esithombeni sokuqala ephendula eSifundweni Se-Nqabayokulinda. Nakuba benezimo ezingafani, bonke babekela eceleni isikhathi sokulungiselela imihlangano.