Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI | INDLELA YOKUZUZA NGOKUGCWELE LAPHO UFUNDA IBHAYIBHELI

IBhayibheli Lingakuthuthukisa Kanjani Ukuphila Kwami?

IBhayibheli Lingakuthuthukisa Kanjani Ukuphila Kwami?

IBhayibheli aliyona incwadi evamile. Linezeluleko ezivela kuMdali wethu. (2 Thimothewu 3:16) Lokho elikushoyo kungaba nethonya elikhulu kithi. Empeleni, lona iBhayibheli lithi: “Izwi likaNkulunkulu liyaphila, linamandla.” (Hebheru 4:12) Linamandla okuthuthukisa ukuphila kwethu ngezindlela ezimbili eziyinhloko—ngokusinika isiqondiso ekuphileni kwethu kwansuku zonke nangokusisiza simazi uNkulunkulu nezithembiso zakhe.—1 Thimothewu 4:8; Jakobe 4:8.

Ukuthuthukisa ukuphila kwakho manje. IBhayibheli lingakupha amacebiso ngezinkinga ezikuthinta kakhulu. Linikeza iseluleko esisebenzayo mayelana nalokhu:

Kunabashadikazi abasebasha base-Asia abakwazisa kakhulu ukusebenza kweseluleko seBhayibheli. Njengabaningi abasanda kushada, babekuthola kunzima ukujwayela ubuntu bomunye nomunye nokuxoxa ngokukhululekile. Kodwa babe sebeqala ukusebenzisa lokho ababekufunde eBhayibhelini. Kwaba namuphi umphumela? UVicent, umyeni, uthi: “Engakufunda eBhayibhelini kwangisiza ngasingatha izinkinga emshadweni wethu ngendlela enothando. Ukusebenzisa iseluleko seBhayibheli kwenza ukuphila kwethu kwajabulisa.” Umkakhe, u-Annalou, uyavuma: “Ukufunda ngezibonelo eziseBhayibhelini kusisizile. Manje sengijabule futhi nganelisekile ngomshado wethu nangemigomo yethu ekuphileni.”

Ukwazi uNkulunkulu. Ngaphandle kwalokho akusho ngomshado, uVicent uphinde athi: “Ngokufunda iBhayibheli, ngizizwa ngisondelene kakhudlwana noJehova kunanini ngaphambili.” Lokho okushiwo uVicent kuveza iphuzu elibalulekile—iBhayibheli lingakusiza wazi uNkulunkulu. Ngokwenza kanjalo, ngeke uzuze eselulekweni sakhe nje kuphela kodwa angaba ngumngane wakho. Uyobona nokuthi usitshela ngekusasa elingcono, lapho uyojabulela khona “ukuphila kwangempela”—ukuphila kwaphakade. (1 Thimothewu 6:19) Ayikho enye incwadi engasitshela ngalokho.

Uma uzimisela ukufunda iBhayibheli futhi uqhubeka, nawe ungazithola lezo zinzuzo​—uthuthukise ukuphila kwakho futhi umazi uNkulunkulu. Nokho, njengoba ufunda iBhayibheli, cishe uzoba nemibuzo eminingi. Lapho uba nayo, khumbula isibonelo sesikhulu esingumTopiya esaphila eminyakeni engu-2 000 edlule. Lesi sikhulu sasinemibuzo eminingi ngeBhayibheli. Lapho sibuzwa ukuthi siyakuqonda yini esikufundayo, saphendula: “Ngingakwazi kanjani nje nempela, ngaphandle kokuba othile angiqondise?” * Sabe sesilwamukela ngokulangazela usizo oluvela kothile owayengumfundisi weBhayibheli oqeqeshiwe, uFiliphu, omunye wabafundi bakaJesu bokuqala. (IzEnzo 8:30, 31, 34) Ngokufanayo, uma ungathanda ukwazi okwengeziwe ngeBhayibheli, sikumema ukuba ufake isicelo engosini ethi www.ps8318.com/zu noma ubhalele ekhelini eliseduze nawe kulawo akulo magazini. Ungathintana nanoFakazi BakaJehova abaseduze nawe noma uvakashele iHholo LoMbuso elingalapho uhlala khona. Kungani ungatholi iBhayibheli namuhla futhi ulivumele likuholele ekuphileni okungcono?

Uma kuwukuthi uyazibuza ukuthi ungalethemba ngokuphelele yini iBhayibheli, sicela ubuke i-video emfushane ethi Singaqiniseka Kanjani Ukuthi IBhayibheli Liyiqiniso? Ungangena engosini ethi www.ps8318.com/zu noma uyivule ngekhodi.

^ isig. 8 Ukuze uthole izibonelo ezengeziwe zokusebenza kweseluleko seBhayibheli, hlola ingosi yethu, i-jw.org/zu. Bheka ngaphansi kwesithi IZIMFUNDISO ZEBHAYIBHELI > IZIMPENDULO ZEMIBUZO YEBHAYIBHELI.

^ isig. 11 Bheka nesihloko esikulo magazini esithi “Ingozi Yokungaliqondi Kahle IBhayibheli