Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“Wayekuphi UNkulunkulu?”

“Wayekuphi UNkulunkulu?”

“NGIHLALE NGIZIBUZA UKUTHI: WAYEKUPHI UNKULUNKULU?”— UPapa uBenedict XVI, ngesikhathi evakashele ikamu lokuhlushwa e-Auschwitz, ePoland.

LAPHO KWENZEKE INHLEKELELE, INGABE UKE UZIBUZE UKUTHI ‘UBEKUPHI UNKULUNKULU?’ NOMA INGABE WAKE WAVELELWA INTO EBUHLUNGU EYAKWENZA WAZIBUZA UKUTHI UNKULUNKULU UNENDABA YINI NAWE?

Mhlawumbe uzizwa ngendlela uSheila ohlala e-United States ayezizwa ngayo. Emndenini wakubo babekholelwa kakhulu kuNkulunkulu, ngakho uthi: “Kusukela ngisemncane ngangimthanda uNkulunkulu, ngoba unguMdali wethu. Kodwa ngangingazizwa ngisondelene naye. Ngangicabanga ukuthi wayengibuka ekude. Akukhona ukuthi ngangicabanga ukuthi uyangizonda, kodwa ngangingacabangi ukuthi uyangithanda.” Kungani uSheila ayengabaza? Uyachaza: “Ekhaya savelelwa izinto eziningi ezibuhlungu, futhi kwakubonakala sengathi uNkulunkulu wayengasisizi nhlobo.”

NjengoSheila, kungenzeka ukuthi nawe uyaqiniseka ukuthi ukhona uNkulunkulu uMninimandla Onke. Kodwa ungase uzibuze ukuthi unendaba ngempela yini nawe. Indoda eyayilungile uJobe nayo yazibuza umbuzo ofanayo, nakuba yayazi ukuthi uNkulunkulu unamandla futhi uhlakaniphile. (Jobe 2:3; 9:4) Ngemva kokuhlaselwa izinkinga zilandelana, uJobe wabuza uNkulunkulu: “Ubufihlelani ubuso bakho futhi ungibheke njengesitha sakho?”—Jobe 13:24.

Lithini iBhayibheli? Uma sivelelwa izinkinga, ingabe zisuke zibangelwa uNkulunkulu? Bukhona yini ubufakazi bokuthi uNkulunkulu uyabathanda abantu futhi uyakhathazeka ngalokho okwenzeka ekuphileni komuntu ngamunye? Ingabe ukhona kithi owaziyo ukuthi uNkulunkulu unendaba ngempela naye, umazi ngempela, uzwelana naye futhi uyamsiza lapho ebhekene nezinkinga?

Ezihlokweni ezilandelayo, sizobona ukuthi indalo isifundisani ngothando lukaNkulunkulu ngathi. (Roma 1:20) Sizobe sesihlola lokho okushiwo iBhayibheli ngale ndaba. Uma uqhubeka ufunda ngoNkulunkulu ezintweni azidalile naseZwini lakhe uze ‘umazi,’ uzoqiniseka ngokuthi ‘uyakukhathalela.’—1 Johane 2:3; 1 Petru 5:7.