Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ubani Obangela Izinto Ezimbi?

Ubani Obangela Izinto Ezimbi?

Uma kungeyena uNkulunkulu obangela izinto ezimbi, pho indlala, ukuhlupheka, izimpi, izifo nezinhlekelele zemvelo kuvelaphi? IZwi likaNkulunkulu iBhayibheli, lisitshela ngezinto ezintathu ezibangela izinto ezimbi:

  1. Abantu Abazicabangela Bona Bodwa, Umona Nenzondo. ‘Umuntu uye wabusa umuntu kwaba ukulimala kwakhe.’ (UmShumayeli 8:9) Ngokuvamile abantu bahlupheka ngenxa yokuphathwa kabi abantu abangabacabangeli abanye nabanezinhliziyo ezimbi.

  2. Isikhathi Nezimo Ezingalindelekile. Esinye isizathu esibangela ukuhlupheka kwabantu ukuthi “isikhathi nesenzakalo esingalindelekile sibehlela bonke.” (UmShumayeli 9:11) Lokhu kusho ukuthi izingozi, ukuba sendaweni ethile ngesikhathi esibi kanye namaphutha enziwa ukuba budedengu kwabantu, kungabangela ukuhlupheka.

  3. Umbusi Omubi Olawula Umhlaba. IBhayibheli lisitshela ngokucacile ukuthi ubani ngokuyinhloko obangela ukuhlupheka kwabantu. Lithi: “Lonke izwe lisemandleni omubi.” (1 Johane 5:19) “Omubi” okukhulunywa ngaye kulo mBhalo uSathane uDeveli. Wayeyingelosi kaNkulunkulu kodwa “akazange ame aqine eqinisweni, ngoba iqiniso alikho kuye.” (Johane 8:44) Ezinye izingelosi zaba ngasohlangothini lukaSathane, zalwisana noNkulunkulu ngoba zifuna ukwanelisa izifiso zazo ezimbi. Ngokwenza kanjalo, zaba amademoni. (Genesise 6:1-5) Kusukela ngaleso sikhathi, uSathane namademoni akhe baye baba nesandla endleleni embi okubuswa ngayo umhlaba, ikakhulukazi esikhathini esiphila kuso. UDeveli usethukuthele kakhulu kunangaphambili, ngakho ‘udukisa umhlaba wonke owakhiwe,’ okubangele ‘umayé emhlabeni.’ (IsAmbulo 12:9, 12) USathane ungumbusi onesihluku. Uyajabula lapho ebona abantu behlupheka. NguSathane, hhayi uNkulunkulu, obangela ukuhlupheka kwabantu.

CABANGA NGALOKHU: Ngumuntu onesihluku ngempela ongabangela ukuba abantu abangenacala behlelwe izinto ezimbi. IBhayibheli lisho okuhlukile ngoNkulunkulu, lithi, “UNkulunkulu uluthando.” (1 Johane 4:8) Ngenxa yokuthi unothando, ‘kukude naye ukwenza ngendlela yokukhohlakala, nokwenza ngokungabi nabulungisa!’—Jobe 34:10.

Kodwa ungase uzibuze, ‘UNkulunkulu uMninimandla Onke uzomvumela kuze kube nini lo mbusi onesihluku, uSathane, ukuba aqhubeke ebusa?’ Njengoba sibonile, uNkulunkulu uyakwenyanya ububi futhi kumzwisa ubuhlungu ukusibona sibhekana nezinto ezimbi. IZwi lakhe lithi: ‘Phonsani zonke izinkathazo zenu phezu kwakhe, ngoba uyanikhathalela.’ (1 Petru 5:7) UNkulunkulu uyasithanda futhi unamandla okuqeda zonke izinto ezimbi nokuphathwa kabi kwabantu, njengoba kuzochazwa esihlokweni esilandelayo. *

^ isig. 7 Ukuze uthole incazelo eyengeziwe yokuthi kungani uNkulunkulu evumele ukuhlupheka, bheka isahluko 11 sencwadi ethi Lingasifundisani IBhayibheli? Ekhiqizwa oFakazi BakaJehova futhi ungayidawuniloda mahhala ku-www.ps8318.com/zu.