Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Maduze UNkulunkulu Uzoqeda Konke Ukuhlupheka

Maduze UNkulunkulu Uzoqeda Konke Ukuhlupheka

“O Jehova, kuyoze kube nini ngikhalela usizo, kodwa wena ungezwa? Kuyoze kube nini ngicela usizo kuwe ebudloveni, kodwa wena ungasindisi?” (Habakuki 1:2, 3) La mazwi ashiwo uHabakuki, indoda eyayilungile futhi ithandwa nguNkulunkulu. Ingabe la mazwi ayebonisa ukuthi wayengenalo ukholo? Cha! UNkulunkulu waqinisekisa uHabakuki ukuthi wayesesibekile isikhathi ayezoqeda ngaso ukuhlupheka.—Habakuki 2:2, 3.

Lapho wena noma umuntu omthandayo nibhekene nezinkinga, kulula ukuphetha ngokuthi uNkulunkulu uthatha isikhathi eside ukusiza. Kodwa iBhayibheli liyasiqinisekisa: “UJehova akephuzi ngokuqondene nesithembiso sakhe, njengoba abanye abantu becabanga ukuthi uyephuza, kodwa uyanibekezelela ngoba akafisi ukuba kubhubhe namunye kodwa ufisa ukuba bonke baphenduke.”—2 Petru 3:9.

UNKULUNKULU UZOZILUNGISA NINI IZINTO?

Maduze! UJesu wathi abantu babeyobona izenzakalo ezingavamile ezaziyobonisa ukuthi sekuqala izinsuku zokugcina zalesi ‘simiso sezinto.’ (Mathewu 24:3-42) Ukugcwaliseka kwezinto uJesu athi zaziyokwenzeka kubonisa ukuthi sekuseduze ukuba uNkulunkulu alungise izinto. *

UNkulunkulu uzokuqeda kanjani ukuhlupheka? Ngesikhathi uJesu esemhlabeni, wabonisa ukuthi uNkulunkulu unamandla okuqeda ukuhlupheka. Nazi izibonelo zalokho akwenza.

Izinhlekelele Zemvelo: Ngesikhathi uJesu esolwandle nabafundi bakhe, kwaba nesiphepho esikhulu esacishe sacwilisa isikebhe sabo. Nokho, uJesu wabonisa ukuthi yena noYise banamandla okulawula imvelo. (Kolose 1:15, 16) Wavele wathi nje: “Shh! Thula!” Kwabe sekwenzekani? “Umoya wanqamuka, kwaba nokuzola okukhulu.”—Marku 4:35-39.

Izifo: Kwakwaziwa ukuthi uJesu uyakwazi ukwelapha izimpumputhe, abangakwazi ukuhamba, abanesifo sokuwa, abanochoko nabaphethwe ezinye izifo. “Welapha bonke ababengaphathekile kahle.”—Mathewu 4:23, 24; 8:16; 11:2-5.

Indlala: UJesu wasebenzisa amandla ayewanikwe uyise ukuze andise ukudla okuncane. IBhayibheli lithi wasuthisa izinkulungwane zabantu izikhathi ezimbili.—Mathewu 14:14-21; 15:32-38.

Ukufa: EBhayibhelini sifunda ngabantu abathathu abavuswa nguJesu, okuwubufakazi bokuthi uJehova unawo amandla okuvusa abantu asebefile. Omunye wabantu abavuswa wayesenezinsuku ezine efile.—Marku 5:35-42; Luka 7:11-16; Johane 11:3-44.

^ isig. 5 Ukuze ufunde okwengeziwe mayelana nezinsuku zokugcina, bheka isahluko 9 sencwadi ethi Lingasifundisani IBhayibheli? Le ncwadi ikhiqizwa oFakazi BakaJehova futhi ungayidawuniloda mahhala ku-www.ps8318.com/zu.