Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI | UNGAYITHOLAPHI INDUDUZO?

Indlela UNkulunkulu Anikeza Ngayo Induduzo

Indlela UNkulunkulu Anikeza Ngayo Induduzo

Umphostoli uPawulu uchaza uJehova * ngokuthi “[uNkulunkulu] wenduduzo yonke, osiduduza osizini lwethu lonke.” (2 Korinte 1:3, 4) Ngakho, iBhayibheli liyasiqinisekisa ukuthi akekho umuntu ongenakufinyelelwa usizo lukaNkulunkulu nokuthi alukho usizi olukhulu kangangokuthi uBaba wethu osezulwini akanakusiduduza kulo.

Yebo, kumelwe senze okuthile uma sifuna induduzo kuNkulunkulu. Udokotela angasisiza kanjani uma singayi ukuyombona? Ngakho, imiBhalo iyasikhuthaza: “Sondelani kuNkulunkulu, naye uyosondela kini.”​—Jakobe 4:8.

Singaqiniseka kanjani ukuthi uNkulunkulu uyosondela kithi? Okokuqala, uNkulunkulu usitshela kaningi ukuthi ufuna ukusisiza. (Bheka  ibhokisi.) Okwesibili, sinobufakazi obuqinisekisayo babantu abaduduzwa uNkulunkulu​—abantu bangempela, bamanje nabesikhathi esidlule.

Njengabaningi namuhla abafuna usizo kuNkulunkulu, iNkosi uDavide yayilwazi kahle usizi. Yake yacela uJehova: “Yizwa izwi lokuncenga kwami lapho ngikhalela usizo kuwe.” Ingabe uNkulunkulu waphendula? Yebo. UDavide wanezela: “Ngisiziwe, kangangokuba inhliziyo yami iyethaba.”​—IHubo 28:2, 7.

INDIMA KAJESU EKUDUDUZENI BONKE ABALILAYO

UNkulunkulu wayehlose ukuba uJesu abe nendima esemqoka ekunikezeni induduzo. Omunye wemisebenzi uNkulunkulu ayinika uJesu kwakuwukuba “[abophe] abanhliziyo zaphukileyo,” futhi “[aduduze] bonke abalilayo.” (Isaya 61:1, 2) Njengoba kwakubikezelwe, uJesu wabanaka ngokukhethekile abantu ‘ababekhandleka futhi besindwa.’​—Mathewu 11:28-30.

UJesu waduduza abantu ngokubanika izeluleko ezihlakaniphile, ngokubaphatha ngomusa, kwezinye izimo ngisho nangokubaphulukisa. Ngelinye ilanga, uJesu wancengwa umuntu owayenochoko: “Uma nje uthanda, ungangenza ngihlanzeke.” Eshukunyiswa isihawu, uJesu waphendula: “Ngiyathanda. Hlanzeka.” (Marku 1:40, 41) Lowo muntu welapheka.

Nakuba iNdodana kaNkulunkulu ingekho emhlabeni ukuze isiduduze mathupha, uYise, uJehova, ‘uNkulunkulu wenduduzo yonke,’ uyaqhubeka esiza abaswele. (2 Korinte 1:3) Cabanga ngalezi zindlela ezine eziyinhloko uNkulunkulu aduduza ngazo abantu.

  • IBhayibheli. “Zonke izinto ezalotshwa esikhathini esingaphambili zalotshelwa ukuba kufundiswe thina, ukuze kuthi ngokukhuthazela kwethu nangenduduzo evela emiBhalweni sibe nethemba.”​—Roma 15:4.

  • Umoya Ongcwele KaNkulunkulu. Ngemva nje kokufa kukaJesu, ibandla lamaKristu lonke langena enkathini yokuthula. Ngani? “Lalihamba ekumesabeni uJehova nasenduduzweni yomoya ongcwele.” (IzEnzo 9:31) Umoya ongcwele, ongamandla kaNkulunkulu asebenzayo, unamandla amakhulu. UNkulunkulu angawusebenzisa ukuze aduduze noma ubani kunoma isiphi isimo.

  • Umthandazo. IBhayibheli liyaseluleka: “Ningakhathazeki ngalutho.” Kunalokho, lithi: “Izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu. . . ; ukuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukucabanga kuyolinda izinhliziyo zenu namandla enu engqondo.”​—Filipi 4:6, 7.

  • AmaKristu Esikanye Nawo angaba usizo lapho sidinga induduzo yabangane beqiniso. Umphostoli uPawulu wachaza ayesebenza nabo ngokuthi babebe “usizo oluqinisayo” ngezikhathi ‘zokuswela nosizi.’​—Kolose 4:11; 1 Thesalonika 3:7.

Kodwa kungenzeka uyazibuza ukuthi konke lokhu kusebenza kanjani ngokoqobo. Ake sihlole okwenzeka kubantu okukhulunywe ngabo ekuqaleni ababhekana nezinkinga. Njengabo, ungathola ukuthi uNkulunkulu usasigcwalisa isithembiso sakhe: “Njengomuntu unina aqhubeka emduduza, kanjalo mina ngokwami ngiyoqhubeka nginiduduza.”​—Isaya 66:13.

^ isig. 3 Elithi Jehova yigama likaNkulunkulu elambulwe eBhayibhelini.