Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIYINHLOKO | INGABE UKUPHELA KWEZWE KUSEDUZE?

Abaningi Bayosinda Lapho Kufika Ukuphela Kwezwe—Nawe Ungasinda

Abaningi Bayosinda Lapho Kufika Ukuphela Kwezwe—Nawe Ungasinda

IBhayibheli lisitshela ukuthi ukuphela kwezwe kuyohambisana nembubhiso: “Kuyoba khona usizi olukhulu olungakaze lube khona kusukela ekuqaleni kwezwe kuze kube manje . . . Eqinisweni, ukube lezo zinsuku azifinyezwanga, akukho nyama ebiyosinda.” (Mathewu 24:21, 22) Kodwa uNkulunkulu usithembisa ukuthi abantu abaningi bayosinda: “Izwe liyadlula . . . , kodwa lowo owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube phakade.”—1 Johane 2:17.

Uma ufuna ukusinda, futhi ‘uhlale kuze kube phakade’ lapho leli zwe lidlula, yini okufanele uyenze? Ingabe kufanele uqale ukuqongelela izinto ezithile noma wenze amalungiselelo athile okusinda? Cha. IBhayibheli lisinxusa ngokuqinile ukuba sibeke izinto eziza kuqala phambili. Siyafunda: “Njengoba zonke lezi zinto ziyoncibilika kanjalo, yeka ukuthi luhlobo luni lwabantu okufanele nibe yilo ezenzweni zokuziphatha ezingcwele nasezenzweni zokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu, nilindele futhi nikukhumbula njalo ukufika kosuku lukaJehova.” (2 Petru 3:10-12) Umongo ubonisa ukuthi “zonke lezi zinto” eziyoncibilika zihlanganisa imibuso ebusa kulo mhlaba okhohlakele, nabo bonke abakhetha ukubuswa imibuso enjalo kunokuba babuswe uNkulunkulu. Kuyacaca ukuthi uma besiyoqongelela izinto ezibonakalayo lokho bekungeke kusisindise kule mbubhiso.

Ngempela, ukusinda kwethu kuxhomeke ekuzinikeleni kuJehova uNkulunkulu nasekufundeni ngendlela okumelwe siziphathe ngayo ukuze simjabulise. (Zefaniya 2:3) Kunokulandela lokho okwenziwa abantu abaningi namuhla bese sizishaya indiva izibonakaliso ezicacile zokuthi siphila esikhathini sokugcina, kudingeka ‘sikukhumbule njalo ukufika kosuku lukaJehova.’ OFakazi BakaJehova bangakubonisa eBhayibhelini ukuthi ungasinda kanjani kulolu suku.