Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIYINHLOKO | INGABE UKUPHELA KWEZWE KUSEDUZE?

Kusho Ukuthini—“Ukuphela Kwezwe”?

Kusho Ukuthini—“Ukuphela Kwezwe”?

Lapho uzwa inkulumo ethi, “Ukuphela kwezwe kuseduze!” yini efika engqondweni yakho? Ingabe ucabanga ngomfundisi oshumayela phambi kwebandla eshukuma ngomkhulu umdlandla ephethe iBhayibheli ngesandla? Noma ucabanga ngekhehla elinobhebhenene wentshebe limi ekhoneni ligqoke isembatho eside esinentambo eboshwe okhalweni liphethe uqwembe olunomyalezo omemezela ukuphela kwezwe? Ukucabanga ngalezi zinto kungenza abanye babe nexhala, abanye kubenze bangaqiniseki kanti kwabanye lokhu kungase kube yihlaya.

IBhayibheli liyasho ukuthi: “Ukuphela kuyofika.” (Mathewu 24:14) Lesi senzakalo siphinde sibizwe ngokuthi ‘usuku olukhulu lukaNkulunkulu’ nangokuthi “iHar–Magedoni.” (IsAmbulo 16:14, 16) Yiqiniso, kunokudideka okuningi lapho kuziwa kule ndaba futhi lokhu kubangela ukwesaba okukhulu. Noma kunjalo, iBhayibheli licacile kule ndaba—lembula lokho ukuphela okuyikho nalokho okungeyikho. IZwi likaNkulunkulu liphinde lisisize siqonde ukuthi ukuphela kuseduze ngempela yini. Ngaphezu kwakho konke, lisifundisa indlela esingasinda ngayo! Nokho, ake siqale ngokucacisa izinkulumo eziyiphutha bese sithola incazelo eyiqiniso. IBhayibheli likuchaza kanjani “ukuphela kwezwe”?

LOKHO UKUPHELA KWEZWE OKUNGEYIKHO

  1. UKUPHELA KWEZWE AKUSHO UKUBHUJISWA KOMHLABA NGOMLILO.

    IBhayibheli lithi: “[UNkulunkulu] usekelé umhlaba phezu kwezindawo zawo ezimisiweyo; Ngeke untengantengiswe kuze kube nini nanini.” (IHubo 104:5) Lo mBhalo, kanye neminye, usiqinisekisa ngokuthi uNkulunkulu akasoze nanini awubhubhisa umhlaba noma avumele ukuba ubhujiswe!—UmShumayeli 1:4; Isaya 45:18.

  2. UKUPHELA KWEZWE AKUSONA ISENZAKALO ESINGAHLELIWE ESIZENZAKALELAYO.

    IBhayibheli lembula ukuthi ukuphela kwezwe kuhleliwe—uNkulunkulu ubeke isikhathi esiqondile sokufika kwako. Siyafunda: “Ngokuphathelene nalolo suku noma lelo hora, akekho owaziyo, nazingelosi ezulwini naNdodana, ngaphandle kukaBaba. Hlalani nibhekile, nihlale niphapheme, ngoba anazi ukuthi sinini isikhathi esimisiwe.” (Marku 13:32, 33) Kuyacaca ukuthi, uNkulunkulu (“uBaba”) uye wabeka “isikhathi esimisiwe” sokufika kwesiphelo.

  3. UKUPHELA NGEKE KUBANGELWE ABANTU NOMA UKUNGQUBUZANA KWAMAPLANETHI.

    Yini eyobangela ukuphela kwezwe? IsAmbulo 19:11 sithi: “Ngabona futhi izulu livulekile, bheka! ihhashi elimhlophe. Oligibele ubizwa ngokuthi oThembekileyo noQinisileyo.” Ivesi 19 lithi: “Ngabona futhi kubuthene ndawonye isilo sasendle namakhosi omhlaba namabutho awo ngenjongo yokulwa nalowo ohlezi ehhashini nebutho lakhe.” (IsAmbulo 19:11-21) Nakuba inkulumo esetshenziswe kulo mBhalo ingokomfanekiso, kuyo siyakwazi ukuqonda lokhu: UNkulunkulu uyothumela ibutho lezingelosi ukuba libhubhise izitha zakhe.

Umyalezo weBhayibheli ngokuphela kwezwe uyizindaba ezinhle hhayi ezimbi

LOKHO UKUPHELA KWEZWE OKUYIKHO

  1. UKUPHELA KOHULUMENI BABANTU ABAHLULEKAYO.

    IBhayibheli liyachaza: “UNkulunkulu wezulu uyomisa umbuso [uhulumeni] ongeke neze uchithwe. Futhi lowo mbuso ngeke udluliselwe kwabanye abantu. Uyochoboza uqede yonke le mibuso, wona uqobo ume kuze kube nini nanini.” (Daniyeli 2:44) Njengoba kuveziwe ekuqaleni, ephuzwini lesithathu, kuyobhujiswa ‘amakhosi omhlaba namabutho awo,’ ayobe ebuthene ngenjongo “yokulwa nalowo ohlezi ehhashini nebutho lakhe.”—IsAmbulo 19:19.

  2. UKUPHELA KWEMPI, UBUDLOVA KANYE NOKUNGABI NABULUNGISA.

    “[UNkulunkulu] uqeda izimpi kuze kube semkhawulweni womhlaba.” (IHubo 46:9) “Ngabaqotho abayohlala emhlabeni, futhi ngabangasoleki abayosala kuwo. Kepha ababi bayonqunywa emhlabeni, abakhohlisayo bona, bayosishulwa kuwo.” (IzAga 2:21, 22) “Bheka! Ngenza konke kube kusha.”—IsAmbulo 21:4, 5.

  3. UKUPHELA KWEZINKOLO EZINGAMELELI UNKULUNKULU NEZIKHOHLISA ABANTU.

    “Abaprofethi empeleni baprofetha amanga, abapristi bona, bathobisa abantu. . . . yini-ke nina madoda eniyoyenza esiphethweni sako?” (Jeremiya 5:31) “Abaningi bayokuthi kimi ngalolo suku, ‘Nkosi, Nkosi, asiprofethanga yini egameni lakho, saxosha amademoni egameni lakho, senza nemisebenzi eminingi yamandla egameni lakho na?’ Kodwa nokho ngiyovuma kubo ngaleso sikhathi ngithi: ‘Angikaze nginazi! Sukani kimi, nina abenza okungemthetho!’”—Mathewu 7:21-23.

  4. UKUPHELA KWABANTU ABAGQUGQUZELA NABASEKELA ISIMISO SEZINTO SAMANJE.

    UJesu Kristu wathi: “Manje yilesi isisekelo sokwahlulela, ukuthi ukukhanya kufikile ezweni kodwa abantu baye bathanda ubumnyama kunokukhanya, ngoba imisebenzi yabo imibi.” (Johane 3:19) IBhayibheli lisitshela ngokubhujiswa kwezwe ngesikhathi sendoda ethembekile uNowa. “Izwe langaleso sikhathi labhujiswa lapho limbozwa amanzi. Kodwa ngezwi elifanayo amazulu nomhlaba okukhona manje abekelwe umlilo futhi ayagcinwa kuze kube sosukwini lokwahlulelwa nolokubhujiswa kwabantu abangamhloniphi uNkulunkulu.”—2 Petru 3:5-7.

Phawula ukuthi ‘usuku lokwahlulela nolokubhujiswa’ oluzayo luqhathaniswa nokubhujiswa ‘kwezwe’ ngesikhathi sikaNowa. Inkulumo ethi kwabhujiswa izwe isho ukuthini? Iplanethi yethu ayizange ishabalale, kunalokho “abantu abangamhloniphi uNkulunkulu”—izitha zikaNkulunkulu—‘ababhujiswa.’ Phakathi ‘nosuku lukaNkulunkulu lokwahlulelwa’ oluzayo, labo abakhetha ukuba izitha zikaNkulunkulu nabo bayobhujiswa. Kodwa abangane bakaNkulunkulu bayosinda njengoba nje uNowa nomndeni wakhe basinda.—Mathewu 24:37-42.

Cabanga nje ukuthi kuyoba mnandi kanjani ukuphila kulo mhlaba ngemva kokuba uNkulunkulu esuse bonke ububi! Kuyacaca ukuthi umyalezo weBhayibheli ngokuphela kwezwe uyizindaba ezinhle hhayi ezimbi. Kodwa kungenzeka usazibuza: Ingabe iBhayibheli liyasho ukuthi ukuphela kuyofika nini? Ingabe sekuseduze? Ngingasinda kanjani?