Dlulela kokuphakathi

Kungani UJesu Ebizwa Ngokuthi INdodana KaNkulunkulu?

Kungani UJesu Ebizwa Ngokuthi INdodana KaNkulunkulu?

Impendulo yeBhayibheli

 IBhayibheli livame ukubiza uJesu ngokuthi “iNdodana kaNkulunkulu.” (Johane 1:49) Inkulumo ethi “iNdodana kaNkulunkulu” ivuma iqiniso lokuthi uNkulunkulu unguMdali, noma uMthombo wakho konke ukuphila, kuhlanganise nokuphila kukaJesu. (IHubo 36:9; IsAmbulo 4:11) IBhayibheli alifundisi ukuthi uNkulunkulu wazala ingane ngendlela abazali abangabantu abazala ngayo izingane.

 IBhayibheli libiza nezingelosi ngokuthi “amadodana kaNkulunkulu weqiniso.” (Jobe 1:6) IBhayibheli liphinde lithi umuntu wokuqala, u-Adamu, ‘wayeyindodana kaNkulunkulu.’ (Luka 3:38) Nokho, ngenxa yokuthi uJesu wayeyindalo kaNkulunkulu yokuqala nokuphela komuntu amdala yena uqobo, iBhayibheli lichaza uJesu ngokuthi iNdodana kaNkulunkulu eyinhloko.

 Ingabe uJesu wayephila ezulwini ngaphambi kokuba azalwe la emhlabeni?

 Yebo. UJesu wayeyisidalwa somoya ezulwini ngaphambi kokuba azalwe njengomuntu lapha emhlabeni. UJesu ngokwakhe wathi: ‘Ngehla ezulwini.’—Johane 6:38; 8:23.

 UNkulunkulu wadala uJesu ngaphambi kokuba adale zonke ezinye izinto. Ngokuphathelene noJesu, iBhayibheli lithi:

 UJesu wagcwalisa isiprofetho esiphathelene nalowo “osiqalo sakhe sisukela ezikhathini zasendulo, ezinsukwini zakudala.”—Mika 5:2; Mathewu 2:4-6.

 Wayenzani uJesu ngaphambi kokuba eze emhlabeni?

 Wayenesikhundla esiphezulu ezulwini. UJesu wayekhuluma ngalesi sikhundla ngesikhathi ethandaza ethi: “Baba ngikhazimulise . . . ngibe nenkazimulo enganginayo eceleni kwakho ngaphambi kokuba izwe libe khona.”—Johane 17:5.

 Wasiza uYise ekudaleni zonke ezinye izinto. UJesu wayesebenza noNkulunkulu ‘eyisisebenzi esiyingcweti.’ (IzAga 8:30) Ngokuphathelene noJesu, iBhayibheli lithi: “Kwadalwa ngayo zonke ezinye izinto emazulwini nasemhlabeni.”—Kolose 1:16.

 UNkulunkulu wasebenzisa uJesu ukuze adale zonke ezinye izinto. Izinto ezadalwa zazihlanganisa zonke ezinye izidalwa zomoya, kanye namazulu agcwele izinkanyezi nomhlaba. (IsAmbulo 5:11) Ngandlela thile, ukubambisana okwakuphakathi kukaNkulunkulu noJesu singakufanisa nokubambisana okuba phakathi komdwebi wamapulani nomakhi. Umdwebi wamapulani udweba ipulani; umakhi uyakha ngokoqobo into ekulelo pulani.

 WayenguLizwi. Lapho iBhayibheli likhuluma ngokuphila kukaJesu ngaphambi kokuba abe umuntu, libiza uJesu ngokuthi “uLizwi.” (Johane 1:1) Ngokusobala, lokho kusho ukuthi uNkulunkulu wasebenzisa iNdodana yakhe ukuze adlulisele imiyalezo neziqondiso kwezinye izidalwa zomoya.

 Kubukeka sengathi uJesu waba uMkhulumeli kaNkulunkulu nakubantu emhlabeni. Cishe uNkulunkulu wasebenzisa uJesu njengoLizwi ngesikhathi enikeza u-Adamu no-Eva iziqondiso ensimini yase-Edene. (Genesise 2:16, 17) Kungenzeka uJesu wayeyingelosi eyayiqondisa ama-Israyeli asendulo ehlane, leyo okwakumelwe ama-Israyeli alalelisise izwi layo.—Eksodusi 23:20-23. a

a ULizwi akayena ukuphela kwengelosi uNkulunkulu akhuluma ngayo. Ngokwesibonelo, ngaphandle kweZibulo lakhe, wasebenzisa namanye amadodana ayizingelosi ukuze adlulisele uMthetho wakhe kuma-Israyeli asendulo.—IzEnzo 7:53; Galathiya 3:19; Hebheru 2:2, 3.