Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Imibiko Yezindaba Ethusayo Nezingane Zakho

Imibiko Yezindaba Ethusayo Nezingane Zakho

“Indodakazi yami eneminyaka engu-11 ubudala ayithandi ukubuka izindaba. Ngokuvamile iba namaphupho amabi ngalokho esuke ikubonile. Ngesinye isikhathi, yabuka izindaba eziphathelene nomuntu owanquma ikhanda lelungu lomndeni wakubo. Ngalobo busuku yaphupha nayo inqunywa ikhanda.”—UQuinn.

“Umshana wami oneminyaka eyisithupha ubudala wabona izindaba ezikhuluma ngesiphepho esinamandla kwenye nje indawo. Kwaphela amasonto amaningi ethukile. Wayengishayela ucingo, eqiniseka ukuthi isiphepho siyeza futhi uzokufa.”—UPaige.

INGABE imibiko yezindaba iyayithusa ingane yakho? Kolunye ucwaningo, abazali abangaba amaphesenti angu-40 bathi izingane zabo zazethuswe okuthile ezakubona ezindabeni nokuthi, ngenxa yalokho, izingane zabo zazesaba ukuthi kuzokwenzeka into efanayo nakuzo noma kubantu ezibathandayo.

Kwenziwa yini? Isizathu sokuqala ukuthi izingane zivame ukubheka izindaba ngombono ohlukile kowabantu abadala. Ngokwesibonelo, ingane encane ingase ikholelwe ukuthi izinto ezisakazwa njalo zenzeka njalo.

Isizathu sesibili ukuthi izindaba zansuku zonke nezenzakalo ezethusayo zingasonta umbono wengane ngezwe. Yiqiniso, siphila ‘ezikhathini ezibucayi okunzima ukubhekana nazo.’ (2 Thimothewu 3:1) Kodwa ukuchayeka njalo ezindabeni ezethusayo kungenza izingane zikhwantabaliswe ukwesaba. Inhlangano okuthiwa i-Kaiser Family Foundation yathi, “Izingane ezibuka kakhulu izindaba kuthelevishini zithambekele embonweni oweqisayo ngokwanda kobugebengu futhi zingase zicabange ukuthi izwe liyindawo eyingozi kakhulu kunalokho eliyikho ngempela.”

 Yini ongayenza uma imibiko yezindaba ezethusayo izilimaza izingane zakho? Nakhu ukusikisela okumbalwa:

Zivikele.

Kuye ngobudala, ukuvuthwa nemizwelo yezingane zakho, cabangela ukubeka imingcele ngobungako bezindaba izingane ezingazibuka. Yiqiniso, kule nkathi yethu enokwaziswa okuningi, izingane ziyazi ngezinto ezenzekayo. Ngisho nezingane ezincane zingase zibone noma zizwe okwengeziwe kunalokho okucabangayo. Ngakho-ke, qaphela noma iziphi izimpawu zokwesaba noma zokukhathazeka ezingase zibonakale ezinganeni zakho.

Zifundise.

Njengoba izingane zakho zikhula, cabangela ukubuka izindaba nazo. Njengoba nizibuka, ungasebenzisa zona izindaba njengethuba lokuzifundisa. Zama ukugcizelela noma iziphi izinto ezinhle ezikulezo zindaba—ngokwesibonelo, imizamo yokusiza izisulu zezinhlekelele.

Ziqinisekise ngokuphepha.

Lapho kubikwa isenzakalo esethusayo, buza izingane zakho imibuzo ukuze uthole indlela ezizizwa ngayo ngalokho okwenzekile. Ubaba ogama lakhe linguMichael uthi, “Mina nomkami sizinika isikhathi sokuchazela indodana yethu, uNathaniel lokho akubone ezindabeni kanye nezinyathelo esesizithathile ukuze sigweme inhlekelele efanayo. Ngesinye isikhathi, uNathaniel wabona umuzi owasha wangqongqa ezindabeni, wesaba ukuthi nomuzi wethu wawuzosha. Ukuze simduduze, sambonisa zonke izinhlaba-mkhosi zentuthu ezisemzini wethu. Uyazi ukuthi zikuphi nokuthi kungani zikhona. Lokho kwamsiza ukuba azizwe elondekile.”

Hlale unombono oqondile.

Abacwaningi baye bathola ukuthi abantu bathambekele  ekucabangeni ukuthi isenzakalo sizokwenzeka ngempela ngenxa yokuthi isibonelo saleso senzakalo basikhumbula kalula. Ngokwesibonelo, uma usanda kuzwa ukuthi ingane ethile ithunjiwe, kungenzeka uphethe ngokuthi maningi amathuba okuba ingane yakho ithunjwe nayo nakuba kungenjalo. Yiqiniso, kuhle ukuqaphela izinto ezingaba izingozi. Noma kunjalo, izazi zithi imibiko yabezindaba ingasenza sesabe izinto ezingase zingenzeki nhlobo kithi.—IzAga 22:3, 13.

Uma abazali behluleka ukuhlala benombono olinganiselayo ngezindaba, bona nezingane zabo bangesaba ngokweqile. Ngokwesibonelo, ngo-2005 umfana oneminyaka engu-11 ubudala walahleka ezintabeni zase-Utah e-United States. Wayebesaba kakhulu abantu abathumba abanye kangangokuthi wacashela ababezomsiza izinsuku ezine. Lapho omunye wezisebenzi egcina emthola, lo mfana wayebuthakathaka futhi ephelelwe amanzi emzimbeni. Ngisho noma ayemancane kakhulu amathuba okuba athunjwe, ukwesaba kwalo mfana kwamholela ukuba azifake engozini yokubulawa indlala kunokuba amukele usizo.

“Izingane ezineminyaka emithathu kuya kwengu-7 zesatshiswa kakhulu izindaba eziphathelene nezinhlekelele zemvelo nezingozi, kuyilapho izingane ezineminyaka engu-8 kuya kwengu-12 zesatshiswa kakhulu izindaba eziphathelene nobugebengu nobudlova.”—I-Kaiser Family Foundation

Sifundani kulokhu? Qiniseka ukuthi wena nezingane zakho nihlale ninombono olinganiselayo ngezindaba. Iqiniso liwukuthi, izinhlekelele eziningi ziyaphawuleka ngenxa yokuthi kuyaqabukela zenzeka—hhayi ngenxa yokuthi zivamile.

Ubugebengu, ubudlova nezinhlekelele zemvelo ziyizinto ezibuhlungu ezenzekayo esikhathini sethu. Nokho, njengoba sibonile, imizamo yakho yokuzivikela, ukuzifundisa, ukuziqinisekisa ngokuphepha nombono wakho onokulinganisela kuyosiza izingane zakho ukuba zibhekane nemibiko yezindaba eyethusayo.