Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Zigcine Unempilo Enhle

Zigcine Unempilo Enhle

Ukunakekela impilo yakho kungathuthukisa indlela osebenza ngayo esikoleni—nesimo sempilo yakho.

KUNENGQONDO ukunakekela umzimba uNkulunkulu akunike wona. (IHubo 139:14) Ake sifanekise: Ake sithi unemoto, kodwa awuziniki nje nhlobo isikhathi sokuyinakekela. Ngokuhamba kwesikhathi izophuka. Kungenzeka okufanayo nangomzimba wakho. Hlobo luni “lokunakekelwa” umzimba oludingayo?

Ukuphumula.

Ukungalali ngokwanele kungakwenza ubukeke ukhathele futhi uzizwe ucobekile, udidekile futhi ucindezelekile. Kanti ukuphumula okwanele kuyokunika amandla engeziwe. Kungenza nomzimba wakho ukhule ngokushesha, kuthuthukise ukusebenza kwengqondo, kuqinise amasosha omzimba, kuthuthukise nesimo sakho esingokomzwelo. Yizinzuzo ezinkulu lezi ongazithola ngokuphumula, okuyinto engenzima neze!

Icebiso: Uma kungenzeka, zama ukulala ngesikhathi esifanayo nsuku zonke.

Ukudla ukudla okunomsoco.

Intsha ikhula ngokushesha. Ngokwesibonelo, phakathi neminyaka eyishumi nengu-17, iningi labafana lisiphinda kabili isisindo somzimba. Amantombazane nawo aba nezikhathi akhula ngazo ngokushesha. Imizimba ekhulayo idinga uhlaza oluningi namandla. Qikelela ukuthi unika umzimba wakho umsoco odingekayo.

Icebiso: Yidla njalo ekuseni. Ukudla ngaphambi kokuya esikoleni kungakusiza uthuthukise izinga lokugxilisa ingqondo nenkumbulo.

Ukuzivocavoca.

IBhayibheli liyavuma ukuthi “ukuzivocavoca kuyawuzuzisa umzimba.” (1 Thimothewu 4:8, Contemporary English Version) Kungaqinisa imisipha namathambo, kukwenze ungakhathali ngokushesha, ungakhuluphali ngokweqile, kwenze ingqondo iphaphame, kuqinise amasosha omzimba, kunciphise ukucindezeleka futhi kwenze umoya wakho uthokoze. Yebo, ukuzivocavoca kungakujabulisa ngoba kungahlanganisa nezinto othanda ukuzenza!

Iphuzu eliyinhloko: Ukulala ngokwanele, ukudla ukudla okunomsoco nokuzivocavoca okusesilinganisweni kuyokusiza ugcine umzimba usesimweni esihle. Kanti lokho kuyokusiza uthuthukise nendlela osebenza ngayo ekilasini. *

Kungani ungaqali manje? Yiba nesimiso esisebenzisekayo sokuzivocavoca. Naka izikhathi zakho zokulala kanye nokudla okudlayo inyanga yonke, bese ubhala phansi noma yiziphi izinguquko okudingeka uzenze.

“Lapho ngihamba ngenjongo yokuzivocavoca, ngizizwa ngithola amandla engeziwe—ngisho noma bengikhathele ngesikhathi ngiqala.”—UJason waseNew Zealand.

“Ngicabanga ukuthi uNkulunkulu wenza ukudla ukuze kunike imizimba yethu amandla, ngakho ngifuna ukudla ukudla okunomsoco!”—UJill wase-United States.

“Ngigijima kathathu ngesonto, ngigibele ibhayisekili noma ngihambe ngezinyawo kabili ngesonto. Ukuzivocavoca kunginika amandla engeziwe futhi kuqede ukucindezeleka.”—UGrace wase-Australia.

^ isig. 9 Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe ngempilo yakho, bheka isahluko 10 sencwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, uMqulu 1, enyatheliswa oFakazi BakaJehova.