Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Yiba Nomdlandla

Yiba Nomdlandla

Ukuze ube nomdlandla wanoma yini oyenzayo, kudingeka ubone inzuzo yayo.

SIZUZISA ngani isikole? Sizokusiza uzuze ukuhlakanipha futhi iBhayibheli lithi “ukuhlakanipha kuyisivikelo.” (UmShumayeli 7:12) Kanjani? Ake sifanekise: Zicabange uhamba endaweni eyingozi. Yikuphi obungakukhetha—ukuhambahamba wedwa noma ukuba neqembu labangane elingakuvikela uma kudingeka? Uma unemfundo ekahle eyisisekelo, kufana nokuthi unabangane abaningi abahlale besohlangothini lwakho. Laba bahlanganisa:

  • Ikhono lokucabanga. Ukuya esikoleni kungakusiza uhlakulele lokho iBhayibheli elikubiza ngokuthi “ukusebenzisa ingqondo nokwahlulela okuhle.” (IzAga 3:21, Contemporary English Version) Ukuthola la makhono kuyokusiza ukwazi ukuzixazululela izinkinga zakho kunokuba njalo uthembele kwabanye abantu ukuba bakusize.
  • Amakhono okusebenzelana nabanye. IBhayibheli likhuthaza amaKristu ukuba ahlakulele izimfanelo ezinjengokubekezela nokuzithiba. (Galathiya 5:22, 23) Ukuhlangana nezinhlobo ezihlukahlukene zabantu esikoleni kukunika ithuba elanele lokukwazi ukuzibonisa ngokugcwele lezi zimfanelo, kuhlanganise ukukhuthazela, inhlonipho nozwela—okuyizinto eziyokusiza lapho usukhulile.
  • Ukuqeqeshwa okuwusizo. Isikole singakufundisa ukubaluleka kokuba nomkhuba omuhle wokusebenza kanzima, oyokusiza ukwazi ukuthola umsebenzi futhi uwugcine. Okunye futhi, njengoba uya ufunda ngabantu abakuzungezile, uyozazi kangcono ukuthi ungubani nokuthi yini oyikholelwayo. (IzAga 14:15) Njengoba usuhlome ngale ndlela, uyokwazi ukumelela izinkolelo zakho ngenhlonipho.—1 Petru 3:15.

Iphuzu eliyinhloko: Njengoba uyidinga imfundo, ngeke kukusize ukugxila ezintweni ongazithandi ngesikole. Kunalokho, funda ukusithanda ngokucabangela izinzuzo okukhulunywe ngazo. Ungase ukwazi ukucabanga nangezinye izinzuzo!

Kungani ungaqali manje? Cabanga ngesisusa esiyinhloko esikwenza ufune ukuphumelela esikoleni.