Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 USIZO LOMKHAYA | UKUBA UMZALI

Indlela Yokukhulumisana Nengane Yakho Esithombile

Indlela Yokukhulumisana Nengane Yakho Esithombile

INSELELE

Eseyingane, wayekutshela yonke into. Njengoba esethombile, akasakutsheli lutho. Lapho uzama ukuxoxa naye, umane aphendule ngezwi elilodwa noma avuse impikiswano evele yenze kuxatshanwe ekhaya.

Ungafunda ukukhuluma nengane yakho esithombile. Nokho, okokuqala, cabangela izici ezimbili ezingaba nomthelela kule nselele.

IMBANGELA

Ukufuna ukuzimela. Ukuze ingane yakho ikwazi ukuzimela lapho isikhulile, kancane kancane kufanele iyeke ukuncika kubazali, ifunde ukuzenzela izinto mathupha. Yiqiniso, ezinye izingane zifuna inkululeko engaphezu kwaleyo okufanele ziyithole; ngakolunye uhlangothi, abanye abazali bazinikeza inkululeko encane kunaleyo efanele. Ukudonsisana okungaba umphumela kungadala izinkinga ezinkulu kubazali nentsha. UBrad oneminyaka engu-16 uyakhononda: “Abazali bami bazama ukulawula yonke into engiyenzayo. Uma ngize ngiba neminyaka engu-18 benganginiki inkululeko eyengeziwe, ngiyahamba ekhaya!” *

Ikhono lokuhlaziya izinto. Izingane ezincane azikwazi ukuhlaziya izinto, kodwa intsha eningi iyakwazi ukucabanga isabalale ngendaba. Lesi isici esibalulekile ekubeni nekhono lokuhlaziya, futhi sisiza osemusha akwazi ukwahlulela kahle. Cabanga ngalesi sibonelo: Enganeni, indaba yobulungisa ibonakala ilula: ‘Umama uhlephule ikhekhe, ingxenye wayinika mina, enye wayinika umfowethu.’ Kulesi simo, ubulungisa buboniswe ngezilinganiso. Nokho, intsha iyaqonda ukuthi indaba yobulungisa ingaphezulu kwalokho. Eqinisweni, ukuphatha abantu ngobulungisa akusho ukubaphatha ngendlela efanayo ngaso sonke isikhathi, kanti nokuphatha abantu ngokufanayo akuhlale kuwubulungisa. Ikhono lokuhlaziya lisiza intsha ukuba ikwazi ukuqonda izindaba eziyinkimbinkimbi kanjalo. Yini embi ngalo? Lingenza nokuba ingane iqophisane nawe.

 LOKHO ONGAKWENZA

Uma kungenzeka, yibani nezikhathi zokuzixoxela nje. Wasebenzise kahle amathuba ezingxoxo nje ezivamile. Ngokwesibonelo, abanye abazali bathole ukuthi intsha ithambekele kakhudlwana ekuxoxeni lapho yenza imisebenzi ethile noma lapho kuhanjwa ngemoto, kunalapho kubhekenwe ubuso nobuso.—Isimiso seBhayibheli: Duteronomi 6:6, 7.

Ungakhulumi kakhulu. Akudingeki uqophisane nengane ngayo yonke into kuze kube sekugcineni. Kunalokho, yisho iphuzu lakho . . . bese uyathula. Kamuva, ingane yakho iyogcina “ilitholile iphuzu” ngokuningi oyitshele kona, lapho isiyodwa futhi izindla ngalokho okushilo. Inike ithuba lokwenza kanjalo.—Isimiso seBhayibheli: IzAga 1:1-4.

Lalela—futhi uvumelane nezimo. Lalelisisa ukuze uyiqonde ngokugcwele inkinga—ungayiphazamisi ingane lapho isakhuluma. Lapho uphendula, yiba ocabangelayo. Uma uqinisa isandla ngokweqile, ingane yakho iyolingeka ukuba ifune izaba zokungakulaleli. Incwadi ethi Staying Connected to Your Teenager, iyaxwayisa: “Lapha yilapho izingane ziphila khona ukuphila okumbaxa-mbili. Ngakolunye uhlangothi zitshela abazali bazo lokho abafuna ukukuzwa kanti uma bengaziboni zenza ezikuthandayo.”—Isimiso seBhayibheli: Filipi 4:5.

Hlale uzolile. Osemusha okuthiwa nguKari uthi: “Lapho singavumelani, umama ucasulwa yiyo yonke into engiyishoyo. Lokho kuvele kungiphathe kabi, bese kusuka impikiswano.” Kunokuba uthathe ngamawala, yisho okuthile okubonisa ukuthi “uyayiqonda” imizwa yengane yakho. Ngokwesibonelo, kunokuba uthi: “Asikho isidingo sokukhathazeka ngaleyo nto!” yithi, “Ngiyabona ukuthi ikukhathaza ngempela le nto.”—Isimiso seBhayibheli: IzAga 10:19.

Ngezinga ongakwenza ngalo, nikeza isiqondiso, ungabi ngumashiqela. Ikhono lengane yakho lokuhlaziya linjengesicubu somzimba esidinga ukuqeqeshwa. Lapho ibhekene nenselele, ungayenzeli izinqumo. Njengoba nixoxa ngendaba, inike ithuba lokuzitholela isisombululo. Ngemva kokuba senibonisene ngezinto ezimbalwa, ungase uthi: “Lezo ezinye zezinto ezingenziwa. Ake uthathe usuku olulodwa noma ezimbili ucabanga ngazo, sizobuye sihlangane sixoxe ngokuthi iliphi ikhambi olikhethayo nokuthi kungani.”—Isimiso seBhayibheli: Hebheru 5:14.

^ isig. 7 Amagama kulesi sihloko ashintshiwe.