Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI

Imibuzo Emithathu Abantu Abangathanda Ukuyibuza UNkulunkulu

Imibuzo Emithathu Abantu Abangathanda Ukuyibuza UNkulunkulu

IMIBUZO kaSusan ngoNkulunkulu yaqala lapho eneminyaka eyisikhombisa, ngenkathi umngane wakhe u-Al oneminyaka engu-9 elaliswa esibhedlela ngenxa yesifo sovendle futhi efakwa emshinini wokuphefumula. Walandisa indaba yakhe ephephandabeni i-New York Times ka-January 6, 2013.

Ngemva kokuvakashela u-Al esibhedlela, uSusan wabuza unina: “Kungani uNkulunkulu enza lokhu emfaneni omncane?”

Unina waphendula, “Umpristi wathi kumelwe ukuba uNkulunkulu unezizathu zakhe, kodwa angazi ukuthi zingaba yini.”

Ngemva kweminyaka emibili, ngo-1954, umuthi wokugomela uvendle owathakwa uJonas Salk wawusutholakala, futhi unina kaSusan wasikisela ukuthi mhlawumbe ucwaningo lwakhe lwaluqondiswe uNkulunkulu.

USusan waphendula, “Ukube uNkulunkulu wayeqondise odokotela ngalesiya sikhathi, ngabe u-Al akazange afakwe emshinini wokuphefumula.”

USusan wafingqa indaba yakhe ngokwenzeka esengumntwana, ngokubhala lokhu: “[U-Al] washona ngemva nje kweminyaka engu-8, ngaleso sikhathi ngase nginqumile ukuthi uNkulunkulu akekho.”

NjengoSusan, abantu abaningi abaye behlelwa izinhlekelele noma bazibona, abazitholi izimpendulo ezanelisayo zemibuzo yabo ngoNkulunkulu. Abanye ababe besakholelwa ukuthi uNkulunkulu ukhona. Abanye bangase bangakuphiki ngokuphelele ukuba khona kukaNkulunkulu, kodwa abamethembi.

Akukhona ukuthi abantu abathi uNkulunkulu akekho noma abamgxekayo abajwayelene nenkolo. Ngokuphambene nalokho, izinto abazibona emasontweni yizo ezibenza bangakholelwa kuNkulunkulu. Bangase babone sengathi inkolo ehleliwe iye yahluleka ukuphendula imibuzo enzima mayelana nokuphila. Hlobo luni lwemibuzo? Ngokumangalisayo, kuvame ukuba imibuzo efanayo nabantu abathi bakholelwa kuNkulunkulu abahlulekayo ukuyiphendula. Cabanga ngemibuzo emithathu abantu abangathanda ukuyibuza uNkulunkulu, uma bethola ithuba, kanye nezimpendulo ezinikezwa iBhayibheli.

1 “KUNGANI UVUMELA UKUHLUPHEKA?”

Kungani kubuzwa lo mbuzo?

Abaningi baphetha ngokuthi, ‘uNkulunkulu onothando ubengazivimbela izinhlekelele ezenzeka ekuphileni.’

ONGACABANGA NGAKHO: Singase sithole imikhuba namasiko abantu abavela kwezinye izinhlanga kungavamile—mhlawumbe kuze kusethuse. Singase sikuchaze ngokungafanele abakwenzayo. Ngokwesibonelo, kwamanye amasiko ukubuka umuntu emehlweni kuyinto eyamukelekayo; kwamanye kuwuphawu lokungahloniphi. Ngisho nasezimweni ezinjalo, asikho isizathu sokuphetha ngokuthi abakwenzayo akulungile. Kunalokho, kudingeka sibazi kangcono.

Ingabe kungenzeka okufanayo uma kuziwa endabeni yokwazi ngoNkulunkulu? Abaningi bakholelwa ukuthi ukuhlupheka okukhona kuwubufakazi bokuthi akekho uNkulunkulu. Kodwa abanye abaye baqonda ukuthi kungani uNkulunkulu evumele ukuhlupheka, bayaqiniseka ukuthi ukhona.

OKUSHIWO IBHAYIBHELI: Indlela uNkulunkulu acabanga futhi enze ngayo ayifani neyethu. (Isaya 55:8, 9) Ngenxa yalokho, ekuqaleni singase singaziqondi kahle izenzo zakhe kanye nezizathu zakhe zokulinda ngaphambi kokuthatha isinyathelo.

Noma kunjalo, iBhayibheli alisikhuthazi ukuba samukele izinkulumo eziwuwangala ezifana nethi, “UNkulunkulu usebenza ngezindlela eziyimfihlakalo.” Kunalokho, lisikhuthaza ukuba sifunde okwengeziwe ngoNkulunkulu, okuzosisiza siqonde ukuthi kungani enza ngendlela enza ngayo. * Singakwazi ngisho nokusondela kuye.Jakobe 4:8.

2 “KUNGANI INKOLO IGCWELE UBUZENZISI?”

Kungani kubuzwa lo mbuzo?

Abanye bangase bathi ‘uma uNkulunkulu ebazisa ubuqotho, bekungeke kube nobuzenzisi obungaka phakathi kwalabo abathi bayamkhulekela.’

ONGACABANGA NGAKHO: Cabanga ngendodana elahla izimfundiso ezilungile uyise ayikhulise ngazo bese ishiya ikhaya iyophila ukuphila okubi. Nakuba uyise engavumelani nesinqumo sayo, uyayivumela ukuba izikhethele. Kungaba yinto efanele yini ngalabo abahlangana nale ndodana kamuva, ukuphetha ngokuthi inobaba ongenandaba, noma ngokuthi ayinaye nhlobo ubaba? Cha! Ngokufanayo, ubuzenzisi obusenkolweni bumane bufakazela ukuthi uNkulunkulu uyabavumela abantu ukuba bazikhethele indlela yokuphila abayifunayo.

OKUSHIWO IBHAYIBHELI: UNkulunkulu uyabuzonda ubuzenzisi benkolo. (Jeremiya 7:29-31; 32:35) Ngesikhathi esifanayo, uyabavumela abantu ukuba bazikhethele. Abaningi abathi bakholelwa kuNkulunkulu bakhetha ukulandela izimfundiso zenkolo ezivela kubantu futhi bazibekela ezabo izimiso zokuziphatha.Mathewu 15:7-9.

Ngokuphambene nalokho, inkolo uNkulunkulu ayamukelayo ayinabo ubuzenzisi. * UJesu wathi: “Bonke bayokwazi ngalokho ukuthi ningabafundi bami, uma ninothando phakathi kwenu.” (Johane 13:35) Lolu thando kumelwe ‘lungabi nabuzenzisi.’ (Roma 12:9) Izinkolo eziningi zihlulekile ukwenza ngokuvumelana naleyo ndinganiso. Ngokwesibonelo, phakathi nokuqothulwa kohlanga eRwanda ngo-1994, amashumi ezinkulungwane zamakholwa abulala amalungu enkolo yawo ngenxa yokuthi ayengawesinye isizwe. Ngokuphambene nalokho, oFakazi BakaJehova abazange babe nengxenye kulokhu, futhi abaningi babo babavikela abakholwa nabo kanye nabanye, baze babeka ngisho nokuphila kwabo engcupheni. Izenzo zokuzidela ezinjalo ziwubufakazi bokuthi kungenzeka ngenkolo ukuba ingabi nobuzenzisi.

3 “KUNGANI SILAPHA?”

Kungani kubuzwa lo mbuzo?

Abanye bangase bazibuze: ‘Kungani abantu bephila iminyaka engu-80 noma engu-90, bese befa? Iyini injongo yalokhu kuphila okufushane?’

ONGACABANGA NGAKHO: Abaningi abangakholelwa kuNkulunkulu basasibona isidingo sokuthola incazelo ngobunkimbinkimbi nokuhleleka kwemvelo. Bayaqaphela ukuthi iplanethi yethu, namanye amaplanethi kanye nenyanga, kuklanywe ngendlela efanele ukuze kusekele ukuphila emhlabeni. Bachaza imithetho yemvelo elawula indawo yonke njengehlelwe kahle, kangangokuthi ngisho noshintsho oluncane lungenza kube yinto engenakwenzeka ukuphila emhlabeni.

OKUSHIWO IBHAYIBHELI: Nakuba abantu abaningi bebheka ukuphila kwethu isikhathi esifushane, njengobufakazi bokuthi uNkulunkulu akekho, imvelo inikeza ubufakazi obuqand’ ikhanda bokuthi uMdali ukhona. (Roma 1:20) Wayenenjongo ngesikhathi enza zonke lezi zinto, futhi isizathu sokuba khona kwethu sihlobene eduze nenjongo yakhe. UNkulunkulu wadala abantu ukuba baphile phakade emhlabeni, futhi akakayishintshi injongo yakhe.IHubo 37:11, 29; Isaya 55:11.

Nakuba imvelo ingasisiza siqonde ukuthi uNkulunkulu ukhona kuhlanganise nezinye zezimfanelo zakhe, kwakungeyona inhloso kaNkulunkulu ukuba injongo yakhe siyithole ngaleyo ndlela. Ukuze sazi injongo kaNkulunkulu kanye nesizathu sokuba khona kwethu, sidinga ukuxhumana noNkulunkulu. Usebenzisa iBhayibheli ukuze axhumane nathi ngezincazelo ezilula futhi eziqondile. * OFakazi BakaJehova bakumema ukuba uphinde ucabangele izimpendulo ezitholakala eBhayibhelini.

^ isig. 17 Ukuze uthole isizathu sokuthi kungani uNkulunkulu evumela ukuhlupheka, bheka isahluko 11 sencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova. Iyatholakala nasengosini ethi www.ps8318.com/zu.

^ isig. 23 Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka isahluko 15 sencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova. Iyatholakala nasengosini ethi www.ps8318.com/zu.

^ isig. 29 Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka isahluko 3 sencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova. Iyatholakala engosini ethi www.ps8318.com/zu.