Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ungaba Nalo Ukholo Lweqiniso

Ungaba Nalo Ukholo Lweqiniso

Ungaba Nalo Ukholo Lweqiniso

Lapho uSarah Jayne eneminyaka engu-19 ubudala, wathola ukuthi unomdlavuza wesibeletho. Ngemva kokuhlinzwa, wazizwa ephilile, enombono wekusasa eliqhakazile. Empeleni, wayenombono oqhakaze kangangokuthi lapho eseneminyaka engu-20, wathembisana nensizwa ethile wayeseqala ukwenza amalungiselelo omshado wakhe. Ngawo lowo nyaka umdlavuza wabuya, uSarah Jayne wathola ukuthi usesalelwe amasonto nje ephila. USarah Jayne washona ngo-June 2000, ngaphambi nje kokuba ahlanganise iminyaka engu-21 yobudala.

OKWATHINTA ababevakashela uSarah Jayne esibhedlela kwakuwukuqiniseka kwakhe okuzolile ngekusasa, kanye nokholo lwakhe olujulile kuNkulunkulu naseZwini lakhe, iBhayibheli. Naphezu kosizi olubuhlungu ayebhekene nalo, wayeqiniseka ngethemba lovuko—ukuthi wayezophinda ababone bonke abangane bakhe. (Johane 5:28, 29) “Ngiyonibona nonke ezweni elisha likaNkulunkulu,” esho.

Abanye bavele bathi ukholo olunjalo luwukukhohliseka kwengqondo. “Ukuphila kwangemva kokufa kuyini ngaphandle kokuba yinkolelo yabazizwa bengalondekile,” kubuza uLudovic Kennedy, “yokuthi ekukhaleni kwecilongo lokugcina nabo bayowathola amakhekhe neziphuzo ngisho nezibiliboco, nokuthi ndawana-thile e-Edene enothe ngohlaza bayojabulela izikhathi ezimnandi benalabo asebaphangalala kanye nabanye okungenzeka babalandele?” Lawo mazwi siwaphendula ngombuzo. Yikuphi okunengqondo kunokunye—ukukholelwa ukuthi “lokhu kuphila kuwukuphela kwakho, ngakho kungcono sikusebenzise ngokugcwele,” njengoba kusikisela uKennedy, noma ukukholelwa kuNkulunkulu nasesithembisweni sakhe sovuko? USarah Jayne wakhetha lokhu kwakamuva. Kwenzeka kanjani ukuba abe nalolo kholo?

‘Funa UNkulunkulu Umthole Ngempela’

Ukuze ube nokholo kumuntu othile futhi umethembe, kudingeka umazi ufunde nendlela acabanga futhi enze ngayo izinto. Lokhu kuhilela inhliziyo nengqondo. Kuyinto efanayo mayelana nokuba nokholo lweqiniso kuNkulunkulu. Kudingeka umazi, ufunde ngezimfanelo nobuntu bakhe, uthole ukuthi uye wazibonakalisa engumuntu ongamethemba kangakanani kukho konke aye wakusho futhi wakwenza.—IHubo 9:10; 145:1-21.

Abanye banomuzwa wokuthi akunakwenzeka lokho. Bathi uNkulunkulu ukude kakhulu, uyinkimbinkimbi kakhulu—uma ekhona. “Uma uNkulunkulu engokoqobo ngendlela okubonakala eyiyo kumaKristu anjengoSarah Jayne,” kubuza abagxeki, “kungani engazenzi aziwe nayithi sonke thina abanye?” Kodwa ingabe uNkulunkulu ukude futhi akanakutholwa ngempela? Lapho ekhuluma nezazi zefilosofi nongqondongqondo e-Athene, umphostoli uPawulu wathi “uNkulunkulu owenza izwe nakho konke okukulo” uye wanikeza konke okudingekayo ukuze ‘afunwe futhi atholwe ngempela.’ Empeleni, uPawulu wathi: ‘Akakude kulowo nalowo kithi.’—IzEnzo 17:24-27.

‘Ungamfuna kanjani-ke uNkulunkulu futhi umthole ngempela’? Abanye baye benza lokhu ngokumane baqaphelisise indawo yonke ebazungezile. Kwabaningi, lokho kukodwa kunikeza ubufakazi obanele bokubenza baqiniseke ukuthi kumelwe ukuba ukhona uMdali. * (IHubo 19:1; Isaya 40:26; IzEnzo 14:16, 17) Njengomphostoli uPawulu, banomuzwa wokuthi “izimfanelo [zikaNkulunkulu] ezingabonakali zibonakala ngokucacile kusukela ekudalweni kwezwe kuye phambili, ngoba ziqondakala ngezinto ezenziwe, ngisho namandla akhe angunaphakade nobuNkulunkulu bakhe.”—Roma 1:20; IHubo 104:24.

Udinga IBhayibheli

Nokho, ukuze wakhe ukholo lweqiniso kuMdali udinga okuthile aye wakunikeza. Kuyini lokho? YiBhayibheli—iZwi likaNkulunkulu eliphefumulelwe, embula kulo intando nenjongo yakhe. (2 Thimothewu 3:16, 17) Abanye bazothi: “Kahle-ke, ungakukholwa kanjani okushiwo yiBhayibheli ube uzibona izinto ezimbi ezenziwa abantu abathi balandela iBhayibheli?” Kuyavunywa, eLobukholwa linomlando oshaqisayo wobuzenzisi, unya nokuziphatha okubi. Kodwa noma ubani onengqondo ehluzekile angabona ukuthi eLobukholwa limane lishaya sengathi liyazilandela izimiso zeBhayibheli.—Mathewu 15:8.

IBhayibheli uqobo laxwayisa ngokuthi abantu abaningi babeyothi bakhulekela uNkulunkulu, kodwa empeleni ‘baphike ngisho nomnikazi owabathenga.’ Umphostoli uPetru wathi: “Ngenxa yalaba indlela yeqiniso kuyokhulunywa ngayo ngokuchapha.” (2 Petru 2:1, 2) UJesu Kristu wathi laba ‘bayizisebenzi zokungabi namthetho’ ezaziyobonakala ngokucacile ngezenzo zazo ezimbi. (Mathewu 7:15-23) Ukulahla iZwi likaNkulunkulu ngenxa yomlando weLobukholwa kunjengokulahla incwadi evela kumngane othembekile ngenxa nje yokuthi umuntu oyilethile unedumela elibi.

Ngaphandle kweZwi likaNkulunkulu akunakwenzeka ukwakha ukholo lweqiniso. KuseBhayibhelini kuphela lapho singathi uJehova unikeza khona uhlangothi lwakhe lwendaba. Unikeza izimpendulo zemibuzo esinesikhathi eside enjengokuthi kungani evumele ukuhlupheka nobuhlungu nokuthi yini azoyenza ngalesi simo. (IHubo 119:105; Roma 15:4) USarah Jayne wakholelwa ukuthi iBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu eliphefumulelwe. (1 Thesalonika 2:13; 2 Petru 1:19-21) Kanjani? Hhayi ngoba nje ayetshelwe kanjalo abazali bakhe, kodwa ngenxa yokuthi wazinika isikhathi sokuhlaziya ngobuqotho bonke ubufakazi obubonisa ukuthi iBhayibheli liyisambulo esiyingqayizivele esivela kuNkulunkulu. (Roma 12:2) Ngokwesibonelo, waqaphela ithonya elinamandla iBhayibheli eliba nalo ekuphileni kwalabo abanamathela ezimisweni zalo. Ngosizo lwezincwadi ezinjengethi IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu?, * wahlolisisa nenqwaba yobufakazi obukulo iBhayibheli obufakazela ukuthi liphefumulelwe ngokwaphezulu.

“Ukholo Lulandela Into Ezwiweyo”

Nokho, akwanele ukumane ube neBhayibheli noma ngisho ukukholelwa ukuthi liphefumulelwe. Umphostoli uPawulu wabhala: “Ukholo lulandela into ezwiweyo.” (Roma 10:17) Into eyakha ukholo ukulizwa iBhayibheli, hhayi nje ukuba nalo. Lokho uNkulunkulu akushoyo ‘kuzwiwa’ ngokufunda nangokutadisha iZwi lakhe. Ngisho nezingane zingakwenza lokhu. UPawulu uthi uThimothewu wafundiswa ngunina noninakhulu “imibhalo engcwele” ‘kusukela ewusana.’ Ingabe lokhu kusikisela ukuthi uThimothewu wakhohliswa ngandlela-thile? Cha! UThimothewu akaphanjwanga futhi akakhohliswanga nhlobo. ‘Wathonyelwa ukuba akukholelwe’ lokho ayekuzwa futhi ekufunda.—2 Thimothewu 1:5; 3:14, 15.

USarah Jayne wathonyeka ngendlela efanayo. NjengabaseBereya bekhulu lokuqala, ‘walamukela ngokulangazela okukhulu kakhulu kwengqondo izwi’ kubazali bakhe nakwabanye abafundisi. Akungabazeki ukuthi lapho esemncane wayekwethemba ngokuzenzakalelayo lokho abazali bakhe ababemtshela kona. Kamuva, njengoba ekhula, akazange amane akukholelwe konke ayefundiswa kona ngaphandle kokuzibuza imibuzo. Ngaso sonke isikhathi ‘wayehlola ngokucophelela imiBhalo nsuku zonke ukuthi zinjalo yini lezizinto.’—IzEnzo 17:11.

Ungalwakha Ukholo Lweqiniso

Nawe ungalwakha ukholo lweqiniso—uhlobo lokholo oluchazwa umphostoli uPawulu encwadini eya kumaKristu angamaHeberu. Wathi ukholo olunjalo “luwukulindelwa okuqinisekisiwe kwezinto ezithenjwayo, ukuboniswa okusobala kwezinto ezingokoqobo nakuba zingabonwa.” (Heberu 11:1) Ngokuba nokholo olunjalo, uyoqiniseka ngokugcwele ukuthi wonke amathemba akho nezinto ozilindele, kuhlanganise nesithembiso sikaNkulunkulu sovuko, kuyofezeka. Uyoqiniseka ukuthi amathemba anjalo asekelwe eziqinisekisweni ezinokwethenjelwa, hhayi nje ezifisweni ezinhle. Uyokwazi ukuthi uJehova akakaze ahluleke ukugcina izithembiso zakhe. (Joshuwa 21:45; 23:14; Isaya 55:10, 11; Heberu 6:18) Izwe likaNkulunkulu elithenjisiwe liyoba ngokoqobo kuwe njengokungathi selifikile kakade. (2 Petru 3:13) Futhi uyobona ngokucacile ngamehlo okholo ukuthi uJehova uNkulunkulu, uJesu Kristu noMbuso kaNkulunkulu konke kuyizinto ezingokoqobo, hhayi nje imicabango yokuzakhela.

Awushiywanga wedwa ukuba uzakhele ukholo lweqiniso. Ngaphezu kokwenza iZwi lakhe litholakale ngokukhululekile, uJehova uye wanikeza nebandla lobuKristu lomhlaba wonke elizinikele ekusizeni abantu abanhliziyo zilungile ukuba bakhe ukholo kuNkulunkulu. (Johane 17:20; Roma 10:14, 15) Yamukela lonke usizo uJehova alunikeza ngaleyo nhlangano. (IzEnzo 8:30, 31) Futhi njengoba ukholo luyisithelo somoya ongcwele kaNkulunkulu, uthandazele njalo lowo moya ukuba ukusize ube nokholo lweqiniso.—Galathiya 5:22.

Mabangakutheni amandla abangabazi abeya noma ubani othi unokholo kuNkulunkulu naseZwini lakhe. (1 Korinte 1:18-21; 2 Petru 3:3, 4) Empeleni, ukholo lweqiniso luwusizo kakhulu ekukuqiniseleni ukumelana nalokho kuhlasela. (Efesu 6:16) USarah Jayne wathola ukuthi kuyiqiniso lokho, futhi ngaso sonke isikhathi labo ababemvakashela esibhedlela wayebakhuthaza ukuba bakhe ukholo lwabo. Wayethi: “Yenza iqiniso libe ngelakho. Tadisha iZwi likaNkulunkulu. Hlala useduze nenhlangano kaNkulunkulu. Thandaza njalo. Hlala umatasa enkonzweni kaJehova.”—Jakobe 2:17, 26.

Lapho ebona ukholo lukaSarah Jayne kuNkulunkulu nasovukweni, omunye wabahlengikazi bakhe wathi: “Kusobala ukuthi uyikholelwa ngempela le nto.” Lapho ebuzwa ukuthi yini emenza abe nombono oqhakaze kangaka naphezu kovivinyo ayekulo, waphendula: “Ukuba nokholo kuJehova. Ungumngane wami wangempela, futhi ngimthanda kakhulu.”

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 8 Bheka incwadi ethi Is There a Creator Who Cares About You?, enyatheliswa oFakazi BakaJehova.

^ par. 12 Inyatheliswa oFakazi BakaJehova.

[Isithombe ekhasini 6]

UThimothewu wafundiswa ngunina noninakhulu “imibhalo engcwele” ‘kusukela ewusana’

[Isithombe ekhasini 6]

AbaseBereya batuswa ngokuhlola kwabo imiBhalo nsuku zonke

[Umthombo]

From “Photo-Drama of Creation,” 1914

[Izithombe ekhasini 7]

Into eyakha ukholo ukulizwa iBhayibheli nokulilalela, hhayi nje ukuba nalo

[Isithombe ekhasini 7]

“Ngiyonibona nonke ezweni elisha likaNkulunkulu”