Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 IZINDLELA ZOKWENZA UMNDENI UJABULE

Xoxa Nengane Yakho—Ungaphikisani Nayo

Xoxa Nengane Yakho—Ungaphikisani Nayo

“Lapho indodakazi yami iba neminyaka engu-14, yaqala ukungiphendula. Uma ngiyitshela ukuthi ‘sekuyisikhathi sokudla,’ yayithi ‘ngizodla uma sekuthanda mina.’ Uma ngiyibuza ukuthi isiqedile yini ukwenza imisebenzi yasendlini, yayithi ‘Ake uyeke ukungifundekela!’ Izikhathi eziningi sasigcina sesithethisana.”—UMAKI, eJAPANE. *

Uma ungumzali onengane eyeve eshumini nambili, izingxabano zingase zivivinye amakhono nokubekezela kwakho njengomzali. UMaria, umama onengane eneminyaka engu-14 eBrazil uthi: “Lapho indodakazi yami ingafuni ukungilalela, kuvele kuthi angiqhume intukuthelo. Ukucasuka kubangela ukuba sigcine sesithethisana.” UCarmela, e-Italy, obhekene nesimo esifanayo, uthi: “Sivame ukuxabana kakhulu nendodana yami, futhi igcina ngokuba ihambe iyozivalela ekamelweni layo.”

Kungani kubonakala sengathi ezinye izingane zihlale zicuph’ uchuku? Ingabe kungenxa yontanga bazo? Mhlawumbe. IBhayibheli lithi abangane bomuntu bangaba nethonya elikhulu kuye, kungaba elokuhle noma elokubi. (IzAga 13:20; 1 Korinte 15:33) Esinye isizathu ukuthi ezokuzijabulisa eziningi namuhla, zenza kubonakale sengathi ukuvukela nokungahloniphi kwentsha kuyinto eyamukelekayo.

Kodwa kunezinye izici okudingeka zicatshangelwe—izici okungenzima kakhulu ukubhekana nazo uma nje usuqonda ukuthi zingase ziyithinte kanjani ingane yakho. Nazi izibonelo.

UKUHLAKULELA “AMANDLA OKUCABANGA”

Umphostoli uPawulu wabhala: “Ngesikhathi ngiseyingane, ngangikhuluma njengengane, ngicabanga njengengane, ngisebenzisa ingqondo njengengane; kodwa njengoba sengiyindoda, sengizilahlile izici zobungane.” (1 Korinte 13:11) Njengoba amazwi kaPawulu ebonisa, izingane nabantu abadala abacabangi ngendlela efanayo. Bahluke kanjani?

Izingane zivame ukucabanga ngendlela ekha phezulu,  kuzo kuphakathi kokuthi into yinhle noma yimbi. Kodwa akunjalo ngabantu abadala, bona bavame ukusabalala lapho becabanga futhi bayajula ngendaba ngaphambi kokufinyelela iziphetho noma ukwenza izinqumo. Ngokwesibonelo, cishe abantu abadala lapho becabanga ngendaba ethile bayobheka ukuthi leyonto iyamukeleka yini nokuthi ukuyenza kuyobathinta kanjani abanye. Kungenzeka sebejwayele ukucabanga ngaleyo ndlela. Ngokungafani nezingane ezeve eshumini nambili ezingakakujwayeli lokho.

IBhayibheli likhuthaza intsha ukuba ihlakulele ‘ikhono lokucabanga.’ (IzAga 1:4) Eqinisweni, iBhayibheli linxusa wonke amaKristu ukuba asebenzise ‘amandla awo okucabanga.’ (Roma 12:1, 2; Hebheru 5:14) Nokho, ngezinye izikhathi ikhono lokucabanga lengane yakho eyeve eshumini nambili lingase liyenze ukuba iphikisane nawe ngisho nasezintweni ezingathi shú. Noma ingase iveze umbono ongase ubonakale uwubuwula kuwe. (IzAga 14:12) Esimweni esinjalo, ungabonisana kanjani nayo kunokuba uyiphikise?

ZAMA LOKHU: Zitshele ukuthi ingane yakho izama ukusebenzisa ikhono layo lokucabanga elisha futhi kungenzeka ayikanamatheli ngokuphelele embonweni wayo. Ukuze uthole lokho ekukholelwayo ngempela, qale uyincome ngekhono layo lokucabanga. (“Ngiyayithanda indlela ocabanga ngayo, ngisho noma ngingavumelani nazo zonke iziphetho ozifinyelelayo.”) Ngemva kwalokho yisize ukuba ihlole ukucabanga kwayo. (“Ucabanga ukuthi lokhu osanda kukusho kusebenza kuzo zonke izimo?”) Ingase ikumangaze indlela ingane yakho engase iphinde iyihlole ngayo imibono yayo bese iyilungisa.

Isixwayiso: Uma ubonisana nengane yakho eyeve eshumini nambili, musa ukucabanga ukuthi kufanele kugcine wena. Ngisho noma okushoyo kungase kubonakale kufana nokuthela amanzi emhlane wedada, kukhulu ingane yakho engase ikuzuze engxoxweni yenu kunalokho wena okulindele—noma eyovuma ukuthi ikuzuzile. Ungamangali ezinsukwini ezimbalwa uma usuyizwa isiguqukele embonweni wakho—mhlawumbe seyize ithi iyona eqhamuke nawo.

“Ngezinye izikhathi mina nendodana yami sasiphikisana ngezinto ezincane—ngokwesibonelo, ukuthi akufanele isaphaze izinto noma ichukuluze udadewabo. Ezikhathini eziningi yayibonakala ifuna ngiyibuze ukuthi icabangani bese ngibonisa ukuthi ngiyaqonda ngokuthi ngithi, ‘Cha ngiyezwa’, noma ngithi ‘Kanti yilokho obukucabanga.’ Uma ngibheka emuva, ngiyabona ukuthi ukube ngamane ngasho amazwi athi awafane nalawo, mhlawumbe sasingeke sibe nezingxabano eziningi kangaka.”—uKenji, eJapane.

UKWAKHA UKUQINISEKA

Ingxenye enkulu yokukhula kwengane eyeve eshumini nambili isuke iyicijela usuku eyohamba ngalo ekhaya ukuze ikwazi ukuba umuntu omdala ovuthiwe. (Genesise 2:24) Enye ingxenye yaleyo nqubo ihilela ukuziqonda ukuthi ingubani ngempela—imikhuba yayo, izinkolelo nezici eziveza ubunjalo bayo. Osemusha owaziyo ukuthi ufuna ukuba uhlobo olunjani lomuntu kuthi nalapho ebhekana nezingcindezi angagcini nje ngokucabanga ngemiphumela. Uyozibuza: ‘Hlobo luni lomuntu engiyilo? Yini engiyikholelwayo? Yini umuntu onalezo zinkolelo abeyoyenza ngaphansi kwalesi simo?’—2 Petru 3:11.

IBhayibheli lisitshela ngoJosefa, insizwa eyayizazi ukuthi ifuna ukuba uhlobo olunjani lomuntu. Ngokwesibonelo, lapho umkaPotifaro emnxenxa ukuba alale naye, uJosefa waphendula: “Ngingabenza kanjani lobu bubi obukhulu kangaka ngone kuNkulunkulu?” (Genesise 39:9) Nakuba wawungekho umthetho onqabela ukuphinga kwa-Israyeli, uJosefa waqonda ukuthi uNkulunkulu uyibheka kanjani le ndaba. Ngaphezu kwalokho, amazwi athi “ngingabenza kanjani” abonisa ukuthi naye uqobo wayebheka le ndaba ngendlela uJehova ayibheka ngayo—yayiyingxenye yobuntu bakhe.—Efesu 5:1.

Ingane yakho eyeve eshumini nambili nayo ikuleyo nqubo yokwakha uhlobo lomuntu efuna ukuba yilo. Lokhu kuhle ngoba ukunamathela ezintweni ezikholelwayo kuyoyisiza ukuba ibhekane nokucindezela kontanga futhi izimele. (IzAga 1:10-15) Ngakolunye uhlangothi, kona lokhu kumelela izinto ezikholelwayo kungase kuyenze ukuba imelane nawe. Yini ongayenza uma sekwenzeka lokho?

ZAMA LOKHU: Kunokuba ungene empikiswaneni, mane uphinde umbono wayo. (“Wothi ngiqiniseke ukuthi ngikuqonda kahle. Uthi . . . ”) Yibe usubuza imibuzo. (“Yini ekwenza uzizwe ngaleyo ndlela?” noma “Yini ekwenze wafinyelela kuleso siphetho”) Yenze ikhiphe okusenhliziyweni yayo. Yivumele isho ekukholelwayo. Uma imibono yenu engafani ibangelwa nje  indlela umuntu akhetha ngayo kungekhona ukuthi ekushoyo akulungile, yibonise ukuthi uyawuhlonipha umbono wayo—ngisho nalapho ungavumelani nawo ngokugcwele.

Ukuzazi ukuthi ungubani nokuthi umiphi—nokuzimisela ukukumela lokho—akuyona nje into engokwemvelo kodwa kuphinde kuzuzise. IBhayibheli lithi amaKristu akufanele afane nezingane ‘ezijikijeleka ngapha nangapha sengathi zijikijelwa amagagasi futhi ziyiswa lé nalé yiyo yonke imimoya yemfundiso.’ (Efesu 4:14) Ngakho yivumele futhi uyikhuthaze ingane yakho ukuba izazi ukuthi imiphi ukuze ikwazi ukumelela ngokuqinile ekukholelwayo.

“Lapho ngibonisa amadodakazi ami ukuthi ngizimisele ukuwalalela, athambekela kakhulu ekulaleleni umbono wami ngisho noma uhluka kowabo. Ngizama ukuba ngingaphoqeleli imibono yami kuwo kodwa ngiwavumela ukuba azenzele ezawo izinqumo.”—U-Ivana, eCzech Republic.

QINA KODWA UCABANGELE

Njengezingane ezincane, ezinye izingane ezeve eshumini nambili ziye zafunda ukusebenzisa amasu ukuze zenze abazali bazo bagcine bevumile. Uma lokho kwenzeka njalo ekhaya lakho, qaphela. Yize ukuvuma kungakwenza ukhululeke okwesikhashana, kodwa kufundisa ingane yakho ukuthi lapho iphikisana nawe igcina ikutholile lokho ekufunayo. Liyini ikhambi? Lalela iseluleko sikaJesu: “Izwi lenu elingu-Yebo malisho uYebo, u-Cha wenu, asho uCha.” (Mathewu 5:37) Abeve eshumini nambili akuvamile ukuba baphikisane nawe uma bazi ukuthi impendulo yakho ayishintshi.

Ngesikhathi esifanayo kumelwe ucabangele. Yivumele ingane yakho ukuba ichaze, ngokwesibonelo, kungani inomuzwa wokuthi isikhathi sokubuya ekhaya ebekelwe sona kumelwe sishintshwe ezimweni ezithile. Esimweni esinjalo, akusho ukuthi uthambisa isandla kodwa umane nje ulandela iseluleko seBhayibheli: “Ukucabangela kwenu makwaziwe yibo bonke abantu.”—Filipi 4:5.

ZAMA LOKHU: Makube nomhlangano ekhaya, nixoxe ngesikhathi sokubuya ekhaya neminye imithetho okumelwe ilandelwe. Bonisa ukuthi uzimisele ukulalela nokucabanga ngazo zonke izinto ezihilelekile ngaphambi kokwenza isinqumo. URoberto ubaba ohlala eBrazil uthi: “Abeve eshumini nambili kufanele babone ukuthi abazali babo bazimisele ukuthi yebo esicelweni esingangqubuzani nomthetho weBhayibheli.”

Kuyavunywa, akekho umzali ophelele. IBhayibheli lithi: “Sonke siyakhubeka izikhathi eziningi.” (Jakobe 3:2) Uma uthola ukuthi unesandla ekubangeni impikiswano ungangabazi ukuxolisa enganeni yakho. Ukuvuma ukuthi wenze iphutha kubeka isibonelo sokuthobeka futhi ingane yakho iyosilingisa.

“Ngemva kwempikiswano, lapho intukuthelo isibohlile, ngiyaxolisa endodaneni yami ngokuphahluka ngolaka. Lokho kuye kwasiza ekudambiseni isimo futhi kwenza kwaba lula ukuba ingilalele.”—UKenji, eJapane.

^ isig. 3 Amagama kulesi sihloko ashintshiwe.

ZIBUZE . . .

  • Ngingaba kanjani nesandla ezingxabanweni nengane yami?

  • Ngingakusebenzisa kanjani ukwaziswa okukulesi sihloko ukuze ngiyiqonde kangcono ingane yami?

  • Yini engingayenza ukuze ngixoxe nengane yami—ngingaphikisani nayo?