Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIYINHLOKO | UNGASONDELA KUNKULUNKULU

Ingabe Uyalazi Futhi Uyalisebenzisa Igama LikaNkulunkulu?

Ingabe Uyalazi Futhi Uyalisebenzisa Igama LikaNkulunkulu?

Ukhona yini umngane wakho oseduze ongalazi igama lakhe? Akekho. U-Irina, owesifazane waseBulgaria wathi, “Akunakwenzeka ukuba usondele kuNkulunkulu uma ungalazi igama lakhe.” Ngokujabulisayo, njengoba kuboniswe esihlokweni esandulele, uNkulunkulu ufuna ukuba usondele kuye. Ngakho, esebenzisa iBhayibheli, uye wazazisa kuwe ngokuthi: “NginguJehova. Yilelo igama lami.”—Isaya 42:8.

Esebenzisa iBhayibheli, uNkulunkulu uye wazazisa kuwe ngokuthi: “NginguJehova. Yilelo igama lami.”—Isaya 42:8

Unendaba ngempela yini uJehova nokuthi uyalazi futhi uyalisebenzisa igama lakhe? Cabanga ngalokhu: Igama likaNkulunkulu, elibhalwe ngongwaqa abane besiHebheru abaziwa ngokuthi iTetragrammaton, livela emiBhalweni yesiHebheru yokuqala izikhathi ezingaba ngu-7 000. Alikho elinye igama elivela izikhathi eziningi kangako eBhayibhelini. Ngokuqinisekile lobu ubufakazi bokuthi uJehova ufuna silazi futhi silisebenzise igama lakhe. *

Ngokuvamile ubungane buqala ngokuthi abantu ababili bazane amagama. Ingabe uyalazi igama likaNkulunkulu?

Nokho, abanye bangaba nomuzwa wokuthi ngenxa yokuthi uNkulunkulu ungcwele futhi ungumninimandla onke, ukusebenzisa igama lakhe kungaba ukungamhloniphi. Yiqiniso, kungaba yinto embi ukusebenzisa igama likaNkulunkulu ngendlela engafanele, njengoba nje ungeke walisebenzisa kabi igama lomngane wakho oseduze. Noma kunjalo, kuyintando kaJehova ukuba labo abamthandayo bahloniphe igama lakhe futhi balenze laziwe. (IHubo 69:30, 31; 96:2, 8) Khumbula ukuthi uJesu wafundisa abalandeli bakhe ukuba bathandaze bathi: “Baba wethu osemazulwini, malingcweliswe igama lakho.” Singaba nengxenye ekungcweliseni igama likaNkulunkulu ngokulenza laziwe. Ukwenza kanjalo kusisondeza kuye.—Mathewu 6:9.

IBhayibheli libonisa ukuthi uNkulunkulu unaka ngokukhethekile “labo abacabanga ngegama lakhe.” (Malaki 3:16) Ngokuphathelene nabanjalo, uJehova uyathembisa: “Ngizomvikela ngoba ulazile igama lami. Uzongibiza, ngimphendule. Ngizoba naye ekucindezelekeni.” (IHubo 91:14, 15) Kubalulekile ukwazi nokusebenzisa igama likaJehova uma sifuna ukuba nobuhlobo obuseduze naye.

^ isig. 4 Ngokudabukisayo, izinguqulo eziningi zeBhayibheli ziyalikhipha igama likaNkulunkulu, yize livela izikhathi eziningi kangaka emiBhalweni yesiHebheru, ngokuvamile ebizwa ngokuthi iTestamente Elidala. Kunalokho, zifaka iziqu ezinjengokuthi “Nkosi” noma “Nkulunkulu” esikhundleni salo. Ukuze uthole imininingwane eyengeziwe ngale ndaba, bheka amakhasi 195-197 encwadini ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.