Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Kufanele Ngiboleke Imali?

Ingabe Kufanele Ngiboleke Imali?

“Ukuboleka kufana nomshado; ukukhokha kufana nokulila.”—Isaga sesiSwahili.

LESI saga saziwa kakhulu kubantu baseMpumalanga Afrika futhi ngokungangabazeki siveza umuzwa wabantu abaningi emazweni amaningi emhlabeni wonke. Ingabe yileyo ndlela ozizwa ngayo ngokuboleka imali kumngane noma komunye umuntu? Nakuba kungase kubonakale kufaneleka ngezinye izikhathi, ingabe kuhle ngempela? Ziyini izingozi zokuboleka imali?

Esinye isaga sesiSwahili sichaza inkinga eyinhloko yokuboleka. Sithi: “Ukuboleka nokubolekisa kulimaza ubungane.” Yiqiniso, izikweletu zingalimaza ubungane nobuhlobo. Ngisho noma kuhlelwe kahle futhi kunezinhloso ezinhle, izinto zingase zingahambi ngendlela obekuhlelwe ngayo. Ngokwesibonelo, uma isikhathi siqhubeka izikweletu zingakhokhwa ngesikhathi esifanele, obolekisile angase acasuke. Kungase kwakheke inzondo, futhi ubuhlobo phakathi kobolekayo nobolekile—ngisho naphakathi kwemindeni yabo—bungase bulimale. Njengoba izimali ezibolekiwe zingase zibe imbangela yokungezwani, kufanele sibheke ukuboleka imali njengento yokugcina esingayenza kunokuba sikubheke njengesixazululo sokuqala.

Ukuboleka imali kungalimaza nobuhlobo bomuntu noNkulunkulu. Kanjani? Okokuqala, iBhayibheli lithi ngumuntu omubi owenqaba ngamabomu ukukhokha. (IHubo 37:21) Liphinde likwenze kucace ukuthi “obolekayo uyinceku yomuntu obolekisayo.” (IzAga 22:7) Obolekayo kufanele azi ukuthi uma nje engakakhokhi, ungaphansi kwesibopho sobolekisayo. Esinye isaga sase-Afrika sikhuluma iqiniso lapho sithi: “Uma uboleka imilenze yomuntu uzoya nomaphi lapho afuna uye khona.” Umqondo walesi saga uwukuthi umuntu ocwile ezikweletini akanayo inkululeko yokwenza noma yini ayithandayo.

Ngakho, umuntu obolekile kumelwe asheshe ukubuyisela lokho akubolekile. Ngalé kwalokho, kungase kuvele izinkinga. Izikweletu ezinqwabelanayo ziletha ukucindezeleka okukhulu, ukuqwasha ebusuku, ukusebenza ngokweqile, izingxabano phakathi kwabantu abashadile ngisho nokuhlukana kwemindeni, ingasaphathwa eyokuhambisana izinkantolo noma ukuboshwa. Kunokuhlakanipha emazwini atholakala kweyabaseRoma 13:8: “Ningakweleti muntu nento eyodwa, ngaphandle kokuthandana.”

INGABE KUYADINGEKA?

Ngenxa yazo zonke lezi zizathu, kuhle ukuqapha uma siboleka imali. Kuwukuhlakanipha ukuzibuza: Sikhona ngempela yini isidingo sokuba ngiboleke? Ingabe uboleka ngoba ufuna unakekela umndeni wakho? Noma ingabe kukhona ukuhaha okuthile, mhlawumbe ufuna ukuphila ngalokho ongenakho? Ezimweni eziningi, kungaba ngcono ukwaneliswa yilokho onakho kunokuzibopha ngokuboleka.

Yiqiniso, zikhona izikhathi lapho kuyodingeka uboleke khona, njengalapho kuvela isimo esiphuthumayo futhi kubonakala ingekho enye indlela. Noma kunjalo, uma umuntu enquma ukuboleka, kufanele athembeke. Kanjani?

Okokuqala, ungalokothi usizakale ngomunye umuntu ngoba nje ebonakala ecebile. Akufanele sibe nomuzwa wokuthi uma umuntu ebonakala ecebile, ubophekile ukusisiza ngokwezimali. Akufanele futhi sibe nomuzwa wokuthi akusafanele simkhokhele umuntu onjalo. Ungabi nomona ngalabo ababonakala benemali eningi.—IzAga 28:22.

Ngemva kwalokho, qiniseka ukuthi uyakubuyisela obukubolekile futhi ngokushesha. Uma okubolekile engasibekanga isikhathi esiqondile, kufanele usibeke wena futhi unamathele kuso. Kuhle ukusibhala phansi isivumelwano senu ukuze nigweme izingxabano. (Jeremiya 32:9, 10) Uma kungenzeka, kubuyisele wena uqobo okubolekile ukuze ukwazi nokuzibongela. Ukwethembeka ubuyisele lokho okubolekile kwenza abantu babe nobuhlobo obuhle. ENtshumayelweni yakhe yaseNtabeni uJesu wathi: “Izwi lenu elingu-Yebo malisho uYebo, u-Cha wenu, asho uCha.” (Mathewu 5:37) Ngaphezu kwalokho, ukhumbule njalo uMthetho Wegolide: “Ngakho-ke, zonke izinto enifuna abantu bazenze kini, nani kumelwe nizenze ngokufanayo kubo.”—Mathewu 7:12.

IZIQONDISO ZEBHAYIBHELI EZIWUSIZO

IBhayibheli linikeza ikhambi elilula lokumelana nesilingo sokuboleka imali. Lithi: “Empeleni, kuyindlela yokuthola inzuzo enkulu, lokhu kuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu kanye nokwaneliswa.” (1 Thimothewu 6:6) Ngamanye amazwi, ukwaneliswa yilokho umuntu anakho kuyindlela engcono kunazo zonke yokugwema imiphumela ebuhlungu yokuboleka. Nokho, kuyavunywa ukuthi akulula ukwaneliseka ezweni lanamuhla elikhuthaza ukuzijabulisa manje. Yilapho-ke kungena khona ‘ukuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu.’ Kanjani?

Ngokwesibonelo, cabanga ngabashadikazi abangamaKristu base-Asia. Ngesikhathi besanda kushada, babebahlonipha labo ababenezindlu zabo futhi befisa ukuba njengabo. Ngakho banquma ukuyithenga nabo ngemali ababeyibeka kanye nababeyiboleke ebhange nasezihlotsheni. Nokho, ngokushesha baqala ukuzwa umthwalo osindayo wemali okwakumelwe bayikhokhe nyanga zonke. Basebenza ngokuzikhandla, besebenza amahora amaningi, okwabashiya benesikhathi esincane sokunakekela izingane zabo. Umyeni uthi: “Ukucindezeleka, ubuhlungu nokungalali kwaba umthwalo osindayo emahlombe ami. Kwakungicinanisa.”

“Ukubheka izinto ezibonakalayo ngeso elingokomoya kuyisivikelo”

Phakathi naleso sikhathi, bakhumbula amazwi alotshwe kweyoku-1 Thimothewu 6:6 futhi banquma ukuthi okuwukuphela kwekhambi ukuyidayisa indlu. Kwaphela iminyaka emibili ngaphambi kokuba bakhululeke ngokuphelele kulo mthwalo. Bafundani laba bashadikazi kulokho okwenzeka kubo? Bathi: “Ukubheka izinto ezibonakalayo ngeso elingokomoya kuyisivikelo.”

Isaga sesiSwahili okukhulunywe ngaso ekuqaleni saziwa abaningi. Nokho, asizange sibavimbe abantu ekubolekeni imali. Uma ucabanga ngeziqondiso zeBhayibheli okukhulunywe ngazo ngenhla, ngeke yini kwaba ukuhlakanipha ukucabangisisa ngombuzo othi, Ingabe kufanele ngiboleke imali?