Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIYINHLOKO | UNGASONDELA KUNKULUNKULU

Uyakwenza Yini Lokho UNkulunkulu Akufunayo?

Uyakwenza Yini Lokho UNkulunkulu Akufunayo?

“Uma kukhona okudingayo, vele ungitshele ngizokusiza.” Cishe ungaba manqikanqika ukusho lokhu kumuntu ongamazi nhlobo noma ongamjwayele. Nokho, ngeke kwaba inkinga ukusho la mazwi kumngane wakho omthandayo. Kungokwemvelo ukuba abangane benzelane izinto uma becelene.

IBhayibheli libonisa ukuthi uJehova uhlale enza izinto aziyo ukuthi zizobajabulisa abakhulekeli bakhe. Ngokwesibonelo, iNkosi uDavide eyayinobuhlobo obuseduze noNkulunkulu, yathi: “Ziningi izinto ozenzile, Jehova Nkulunkulu wami, ngisho nemisebenzi yakho emangalisayo nemicabango yakho kithi. . . . Isibé miningi kakhulu kunalokho engingase ngikulandise.” (IHubo 40:5) Ngaphezu kwalokho, uJehova wenzela ngisho nalabo abangakamazi izinto ezinhle, ‘egcwalisa izinhliziyo zabo ngokudla nangokwenama okukhulu.’—IzEnzo 14:17.

Siyakujabulela ukwenzela labo esibathandayo nesibahloniphayo izinto

Njengoba uJehova ethokoza ngokwenzela abanye izinto ezibalethela injabulo, kunengqondo ukulindela ukuba labo abafuna ukuba abangane bakaNkulunkulu benze izinto ezenza ‘inhliziyo yakhe ijabule.’ (IzAga 27:11) Kodwa yini wena ongayenza ukuze ujabulise uNkulunkulu? IBhayibheli liyaphendula: “Ningakukhohlwa ukwenza okuhle nokupha abanye izinto, ngoba uNkulunkulu ujatshuliswa yimihlatshelo enjalo.” (Hebheru 13:16) Ingabe lokhu kusho ukuthi ukwenza okuhle nokupha abanye yikhona kuphela okudingekayo ukuze ujabulise uJehova?

IBhayibheli lithi: “Ngaphandle kokholo akwenzeki ukumjabulisa [uNkulunkulu].” (Hebheru 11:6) Kuyaphawuleka ukuthi u-Abrahama “wabizwa ngokuthi ‘umngane kaJehova’” ngemva kokuba ‘ebe nokholo kuJehova.’ (Jakobe 2:23) UJesu Kristu naye wagcizelela isidingo ‘sokubonisa ukholo kuNkulunkulu’ ukuze sithole izibusiso zaKhe. (Johane 14:1) Ngakho, ungalwakha kanjani ukholo uNkulunkulu alufuna kulabo abadonsela kuye? Ungaqala ngokutadisha iZwi lakhe iBhayibheli njalo. Ngokwenza kanjalo, uyothola “ulwazi olunembile ngentando yakhe” futhi ufunde indlela “yokumjabulisa ngokugcwele.” Njengoba uqhubeka ukhula olwazini olunembile ngoJehova futhi usebenzisa lokho okufundayo ngezinto azifuna kithi ezinokulunga, ukholo lwakho kuye luyokhula futhi uyoqhubeka esondela kuwe.—Kolose 1:9, 10.