Dlulela kokuphakathi

Usizo Lomndeni

Lolu chungechunge lwezihloko lunikeza imindeni iseluleko esisebenzisekayo nesisekelwe eBhayibhelini. a Ukuze ubone uhlu lwezihloko ezengeziwe zemindeni, vula ingxenye ethi Umshado Nomndeni.

a Kulolu chungechunge amanye amagama abantu abacashuniwe ashintshiwe.

Umshado

Ukuba Nombono Omuhle Ngemikhuba Ecasulayo Yoshade Naye

Kunokuvumela umkhuba ocasulayo wenze nixabane, zama ukuwubheka ngendlela ehlukile.

Indlela Yokuba Nesineke

Lapho abantu ababili abanesono beshada, ziyovela izinkinga ezihlukahlukene. Isineke sibalulekile ukuze umshado uhambe kahle.

Indlela Yokubonisa Inhlonipho

Inhlonipho emshadweni akuyona into yokuboniswa lapho uthandile​—⁠iyisidingo. Ungabonisa kanjani ukuthi uyamhlonipha oshade naye?

Indlela Yokubonisa Ukwazisa

Lapho abashadile benza umzamo wokuqaphela nokubonga ngezinto ezinhle ngamunye azenzayo, ngokuvamile ubuhlobo babo buyaqina. Yini engakusiza ukuba ukubonise ukwazisa?

Ukuze Kube Nenjabulo Emshadweni: Bonisani Uthando

Umsebenzi, i-stress, nezinkinga zansuku zonke kunganciphisa indlela abantu abashadile ababonisana ngayo uthando. Lungavuseleleka yini uthando lweqiniso?

Indlela Yokubonisana Uthando

Abashadile bangabonisana kanjani ukuthi bathandana ngempela? Cabanga ngamacebiso amane avela eBhayibhelini.

Indlela Yokuqinisa Ukuzibophezela

Ingabe ukuzibophezela kufana neketanga elisindayo elikubophela emshadweni noma kufana nehange eligcina umshado wakho uzinzile?

Indlela Yokushiya Umsebenzi “Emsebenzini”

Amacebiso amahlanu angakusiza ukuba umsebenzi ungaphazamisi umshado wakho.

Ukulawula Indlela Osebenzisa Ngayo Imali

Ungalindi kuze kube yilapho usunenkinga yemali ngaphambi kokuba ucabange ngendlela oyisebenzisa ngayo. Funda indlela yokulawula ukusebenzisa imali ngaphambi kokuba uzithole ususenkingeni yezikweletu.

Ukusebenzelana Nabasekhweni Nabasemzini

Amacebiso amathathu anganisiza nigweme ukuba inkinga yokusebenzelana nabasemzini nabasekhweni ibe inkinga yomshado wenu.

Lapho Imibono Ingafani

Abantu abashadile bangayixazulula kanjani inkinga futhi bahlale benokuthula?

Ukusingatha Ukungafani

Wake waba nomuzwa wokuthi wena noshade naye anifanelene?

Indlela Yokuyeka Ukubamba Amagqubu

Ukuze uthethelele isenzo esibuhlungu esenziwe umuntu oshade naye kuwe, ingabe kufanele usithalalise noma ngisho ushaye sengathi akwenzekanga lutho?

Indlela Yokulawula Intukuthelo Yakho

Kokubili ukufihla intukuthelo nokulawulwa yiyo, kungakugulisa. Pho yini ongayenza uma oshade naye ekucasula?

Nizokwenzenjani Njengoba Izingane Sezihambile?

Abantu abaningi abashadile bavame ukuba nezinkinga eziningi lapho izingane sezikhulile futhi sezihambile ekhaya. Yini abangayenza ukuze bajwayelane naleso simo?

Lapho Ubungane Sebudlulele

Ingabe uzitshela ukuthi, ‘Simane nje singabangane?’ Uma kunjalo, hlola izimiso zeBhayibheli ukuze ubone ukuthi zithini ngokucabanga okunjalo.

Lapho Udumazekile Ngomshado Wakho

Ingabe usofasilahlane wakho manje usengumuntu nje ozithola uphoqelekile ukuba uhlale naye? Izinyathelo ezinhlanu zingaba usizo emshadweni wenu.

Isikhwele Emshadweni—Ungasigwema Kanjani?

Umshado ngeke uphumelele uma abantu abashadile bengathembani. Ngakho ungasigwema kanjani isikhwele esingenasidingo?

Izithombe Zocansi Zingawuqeda Nya Umshado Wakho

La macebiso angakusiza uyeke umkhuba wokubuka izithombe zocansi ulungise umshado wakho.

Ukuxhumana

Kubalulekile Ukuchitha Isikhathi Ndawonye

Kungaba nzima ukukhulumisana ngisho noma umyeni nenkosikazi behlala endlini eyodwa. Abashadile bangasisebenzisa kanjani kahle isikhathi sabo ndawonye?

Indlela Yokugcina Ezobuchwepheshe Zisendaweni Yazo

Ukusebenzisa ezobuchwepheshe kungawenza uphumelele umshado wakho noma kuwulimaze. Ziwuthinta kanjani umshado wakho?

Indlela Yokuxoxisana Ngezinkinga

Amadoda nabesifazane banezindlela ezingafani zokukhuluma. Ukuqonda lowo mehluko kungazinciphisa kakhulu izinkathazo.

Indlela Yokuba Isilaleli Esihle

Ukulalela okuqotho akugcini nje ngokuba isenzo, kodwa kuwukubonisa uthando. Funda indlela yokuba isilaleli esihle.

Indlela Yokuzehlisa

Izinyathelo ezine ezingakusiza wena noshade naye nigweme ukuphikisana kunalokho nithole izixazululo ndawonye.

Indlela Yokuyeka “Ukuqudulelana”

Kwenzeka kanjani ukuba eminye imibhangqwana ifinyelele eqophelweni lokuqudulelana, futhi yini engayenza ukuze ilungise ukungaboni ngaso linye?

Indlela Yokunqanda Ukuqagulisana

Ingabe wena noshade naye nihlale niqagulisana? Funda ngokuthi izimiso zeBhayibheli zinganisiza kanjani emshadweni wenu.

Indlela Yokugwema Inkulumo Elimazayo

Yini eningayenza uma wena noshade naye niye navumela amazwi alimazayo aphazamisa ubuhlobo benu?

Indlela Yokuxolisa

Kuthiwani uma kungelona iphutha lami ngokuphelele?

Indlela Yokuthethelela

Kungani kungase kube nzima kangaka? Bona ukuthi iseluleko seBhayibheli singasiza kanjani.

Ukukhulisa Izingane

Indlela Yokuba Ubaba Oqotho

Uhlobo lomyeni oba yilo luveza ukuthi uyoba ubaba onjani uma usunengane.

Lokho Abazali Okufanele Bakwazi Ngezinkulisa

Zibuze imibuzo emine ukuze unqume ukuthi inkulisa iyindawo ekahle yini ongathumela kuyo ingane yakho.

Ingabe Ingane Yami Kufanele Ibe Nefoni Yesimanje?

Zibuze le mibuzo ukuze uthole ukuthi wena nengane yakho nikulungele yini ukuthwala lo mthwalo.

Ukufundisa Izingane Ukusebenzisa Kahle Ifoni Yesimanje

Ngisho nezingane ezinekhono kwezobuchwepheshe zidinga isiqondiso sabazali ekusebenziseni ifoni yesimanje ngendlela efanele.

Kungani Kubalulekile Ukuba Izingane Zikwazi Ukufunda—Ingxenye 1: Ziyafunda noma Ziyabuka?

Izingane eziningi zithanda ukubuka amavidiyo. Abazali bangazikhuthaza kanjani izingane ukuba zithande ukufunda?

Siza Izingane Zakho Zikwazi Ukubhekana Nemibiko Yezindaba Ephazamisayo

Abazali bangazisiza kanjani izingane zabo ukuba zingakhungathekiswa izindaba?

Lapho Ingane Yakho Ibuza Ngokufa

Amaphuzu amane angakusiza uphendule imibuzo yezingane futhi uzisize zibhekane nokufelwa othandekayo.

Kuthiwani Uma Ingane Yami Ibhorekile?

Lapho ingane yakho isekhaya kungekho engakwenza, nakhu ongakucabangela.

Kubalulekile Ukwenza Imisebenzi Yasekhaya

Uyangabaza yini ukunika izingane zakho imisebenzi yasekhaya? Uma kunjalo, funda ukuthi ukwenza imisebenzi yasekhaya kungazisiza kanjani izingane ukuba zizimele futhi zijabule.

Ukusiza Izingane Zibhekane Nokwehluleka

Ukwehluleka kuyingxenye yempilo. Fundisa izingane ukuba nombono ofanele ngokwehluleka futhi uzisize zithole izixazululo.

Ungayisiza Kanjani Ingane Yakho Yenze Kangcono Esikoleni?

Thola indlela yokubona ukuthi iyini ngempela imbangela yokungenzi kahle kwengane esikoleni bese uyayikhuthaza.

Yini Engingayenza Uma Ingane Yami Ihlushwa Yisiqhwaga?

Izinyathelo ezine zingakusiza ufundise ingane yakho indlela yokumelana nesiqhwaga.

Indlela Yokuncoma Izingane

Kunohlobo lokuncoma oluye lwatholakala lungoluphumelela kakhulu.

Idivosi Izithinta Kanjani Izingane?

Nakuba abanye abantu becabanga ukuthi idivosi ingcono ezinganeni, ucwaningo lubonisa ukuthi imiphumela yayo ezinganeni iletha umonakalo.

Ukusiza Ingane Yakho Ibhekane Nokuthomba

Amacebiso amahlanu asekelwe eBhayibhelini angakwenza ubhekane kalula nalesi sikhathi esiyinselele.

Ukufundisa Ingane Yakho Ngocansi

Imiyalezo ephathelene nocansi isitholakala kalula ezinganeni ezineminyaka ephansi kakhulu. Yini okufanele uyazi? Yini ongayenza ukuze uvikele izingane zakho?

Ukukhuluma Nezingane Ngotshwala

Abazali kufanele baxoxe nini futhi kanjani nezingane zabo ngale ndaba ebalulekile?

Ukufundisa Izingane Ukuzithiba

Ukunika izingane zakho noma yini eziyifunayo kungaziphuca okuthile okukhulu nakakhulu.

Ukufundisa Izingane Ukuthobeka

Fundisa ingane yakho ukuthobeka ngaphandle kokuyenza izenyeze.

Ukufundisa Izingane Ukulalela

Ingabe wena nengane yakho nihlale niqophisana futhi njalo kubonakala sengathi kugcina yona? Amacebiso amahlanu angakusiza ukhulise izingane.

Indlela Yokuthi Cha

Kufanele wenzenjani uma ingane ivivinya ukwenqaba kwakho ngokuklabalasa noma ngokukuncenga?

Indlela Yokusebenzelana Nengane Eneconsi

Yini okufanele uyenze uma ingane yakho ivukwa iconsi? Izimiso zeBhayibheli zingakusiza ekubhekaneni nale nselele.

Lapho Ingane Yakho Iqamba Amanga

Yini okufanele uyenze uma ingane yakho iqamba amanga? Lesi sihloko sixoxa ngeseluleko esisekelwe eBhayibhelini esingakusiza ufundise ingane yakho ukubaluleka kokukhuluma iqiniso.

Ukukhulisa Intsha

Indlela Yokukhulumisana Nengane Yakho Esithombile

Ingabe uyakhungatheka lapho ukhuluma nengane yakho esithombile? Yiziphi izici ezenza kube inselele?

Lapho Indodakazi Yakho Esakhula Icindezelekile

Maningi amantombazanyana asakhula azizwa ekhungathekiswa izinguquko abhekana nazo. Abazali bangawasiza kanjani ukuze akwazi ukubhekana nokucindezeleka?

Lapho Ingane Yakho Ingathembeki

Ungasheshi uphethe ngokuthi ingane yakho iyihlongandlebe. Ukwethembana kungavuselelwa.

Indlela Yokuqondisa Ingane

Kungani kulula kangaka ngezingane ukuba zisondelane kakhulu nontanga yazo, ziqhelelane nabazali bazo?

Indlela Yokuyala Ingane Yakho Esithombile

Ukuyala kusho ukufundisa. Izimiso zeBhayibheli zingakusiza ukuba ufundise ingane yakho ukulalela kunokuba ibe yihlongandlebe.

Indlela Yokubekela Ingane Yakho Esithombile Imithetho

Yini ongayenza uma ingane yakho esithombile ibonakala ihlale iyicasukela imithetho oyibekile?

Fundisa Intsha Ukusebenzisa I-Internet Ngokuqapha

Ungayisiza kanjani ingane yakho ukuba ingaphili nje ngemithetho kuphela kodwa ikwazi ukuzenzela izinqumo ezihlakaniphile?

Indlela Yokukhuluma Nengane Yakho Ngokuthumelelana Imiyalezo Yocansi

Ungalindi ukuba umntanakho aze angene engozini yokuhileleka kulo mkhuba. Xoxani ngezingozi zokuthumelelana imiyalezo yocansi.

Lapho Ingane Yakho Esithombile Izilimaza

Abanye abasebasha bazilimaza ngenhloso. Ubangelwa yini lo mkhuba? Ungayisiza kanjani ingane yakho?

Young People

Indlela Yokumelana Nokucindezela Kontanga

Ukucindezela kontanga kungenza umuntu olungile enze izinto ezimbi. Yini okufanele uyazi ngakho, futhi ungabhekana kanjani nakho?

Indlela Yokwamukela Iseluleko

Iseluleko noma ukugxekwa okubuhlungu kungenzeka kanjani kube usizo?

Indlela Yokubonisa Inhlonipho Lapho Uthumela Imiyalezo

Ingabe kuwukuba luhlaza ukuphazamisa ingxoxo ukuze nje ubheke umyalezo? Noma, ingabe kuwukuba luhlaza ukuwuziba ngoba nje ufuna ukuqhubeka nengxoxo?

Indlela Yokumelana Nesilingo

Ukukwazi ukumelana nesilingo kuwuphawu lokuba indoda noma owesifazane oqotho. Kunamacebiso ayisithupha angakusiza ekuqiniseni ukuzimisela kwakho futhi ugweme ukucindezeleka okubangelwa ukuhlulwa isilingo.

Indlela Ongalawula Ngayo Intukuthelo

Izinyathelo ezinhlanu ezisekelwe eBhayibheli ezingakusiza ulawule intukuthelo yakho.

Indlela Yokubhekana Nesizungu

Ukuhlala unesizungu kuyingozi empilweni ngendlela efanayo nokubhema osikilidi abangu-15 ngosuku. Ungakugwema kanjani ukuzizwa ukhishwe inyumbazane futhi unesizungu?

Ukuhlukana Nomuntu Obuthandana Naye

Ungaqhubeka kanjani nokuphila ngemva kokuhlukana kabuhlungu nobuthandana naye?

Lapho Kumelwe Ekhaya

Ingabe wake washiya ekhaya wazama ukuzimela, wase uzithola ubhekene nobunzima? Funda ukuzimela ngokusebenzisa la macebiso awusizo.

Indlela Yokwenza Abangani Beqiniso

Amacebiso amane angakusiza uthuthuke kusukela ekubeni nobungani obungaqinile kuya ekubeni nobungani obujulile.

Indlela Yokubhekana Noshintsho

Ushintsho alugwemeki. Cabanga ngalokho okwenziwe abanye ukuze babhekane nalo ngokuphumelelayo.

Lapho Kushona Umzali

Ukushonelwa umzali kuyisimo esicindezelayo. Yini engasiza intsha ukuba ibhekane nemizwa evela ngemva kokushonelwa?

Kufanele Yini Udlale Imidlalo Eyingozi?

Abantu abaningi abasebasha bayakuthanda ukubona ukuthi kungakanani abakwazi ukukwenza, ngezinye izikhathi baze badlale nemidlalo eyingozi. Uyathanda yini nawe ukudlala leyo midlalo?