Dlulela kokuphakathi

Lithini IBhayibheli Ngobungqingili?

Lithini IBhayibheli Ngobungqingili?

Impendulo yeBhayibheli

UNkulunkulu wadala ukuba owesilisa nowesifazane baye ocansini kuphela uma sebeshadile. (Genesise 1:27, 28; Levitikusi 18:22; IzAga 5:18, 19) IBhayibheli liyazilahla izenzo zocansi uma zenziwa abantu abangashadile, kungaba ubungqingili noma ukulala kwabantu bobulili obungefani. (1 Korinte 6:18) Lezi zihlanganisa ukulala nothile, ukuphululana izitho zangasese noma ucansi olwenziwa ngomlomo noma ngendunu.

Nakuba iBhayibheli lizilahla izenzo zobungqingili, alikukhuthazi ukuzondwa kongqingili. Kunalokho amaKristu ayalwa ukuba “ahloniphe bonke abantu.”​—1 Petru 2:​17, Good News Translation.

Ingabe umuntu angazalwa engungqingili?

IBhayibheli alikhulumi ngokuqondile ngezifiso zobungqingili umuntu azalwa nazo, kodwa liyavuma ukuthi sonke sizalwa sithambekele ekuphuleni imiyalo kaNkulunkulu. (Roma 7:21-25) Nokho, kunokuba ligxile embangeleni yezifiso zobungqingili iBhayibheli liyazenqabela izenzo zobungqingili.

Indlela ongamjabulisa ngayo uNkulunkulu ngisho unezifiso zobungqingili.

IBhayibheli lithi: “Ungalawulwa umzimba wakho. Bulala zonke izifiso zobulili ezingalungile.” (Kolose 3:5,Contemporary English Version) Ukuze ubulale izifiso ezimbi eziholela eziholela ezenzweni ezimbi kudingeka ulawule imicabango yakho. Uma ugcwalisa njalo ingqondo yakho ngezinto ezakhayo, kuyoba lula ukususa izifiso ezingalungile. (Filipi 4:8; Jakobe 1:14, 15) Nakuba kungase kube nzima kakhulu ekuqaleni, ngokuhamba kwesikhathi kungaba lula. UNkulunkulu uthembisa ukukusiza ukuba ‘wenziwe musha emandleni ashukumisa ingqondo yakho.’​—Efesu 4:22-24.

Lena yimpi efanayo nasezigidini zabantu ezifuna ukuphila ngemithetho yebhayibheli ezinezifiso zokuya ocansini nomuntu wobulili obuhlukile. Ngokwesibonelo, labo abangashadile nabanamathuba alufifi okushada noma labo abashade nomuntu ongakwazi ukubanelisa ngokocansi bakhetha ukulawula izifiso zabo zocansi naphezu kwanoma yiziphi izilingo abangase babhekane nazo. Bayakwazi ukujabula ekuphileni, ngakho nalabo abanezifiso zobungqingili bangenza okufanayo uma befuna ngempela ukujabulisa uNkulunkulu.​—Duteronomi 30:19.