Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Lithini IBhayibheli Ngobungqingili?

Lithini IBhayibheli Ngobungqingili?

UKUSHADA kongqingili kuyindaba esaxoxwa emazweni amaningi. Kodwa e-United States, ngo-2015 iNkantolo Ephakeme yakhipha isinqumo sokuthi imishado yongqingili isivunyelwe ngokomthetho kulo lonke lelo zwe. Ngemva kwalokho, inani labantu abacwaninga ngale ndaba kuyi-Internet lanyuka kakhulu. Omunye wemibuzo eyayithandwa kakhulu uthi, “Lithini iBhayibheli ngemishado yongqingili?”

IBhayibheli alikhulumi ngokuqondile ngamalungelo angokomthetho emshadweni wabantu bobulili obufanayo. Umbuzo obaluleke nakakhulu uthi, Lithini iBhayibheli ngobungqingili?

Abantu abaningi bacabanga ukuthi bayayazi impendulo, bebe bengalihlolisisanga iBhayibheli—kodwa izimpendulo zabo ziyangqubuzana! Abanye bathi kucacile ukuthi iBhayibheli liyabulahla ubungqingili. Abanye bathi umyalo weBhayibheli ‘wokuthanda umakhelwane wakho’ usho ukuthanda bonke abantu noma ngabe baphila ngayiphi indlela.—Roma 13:9.

LITHINI IBHAYIBHELI?

Ikuphi kulokhu okungezansi ongathi kuyiqiniso?

  1. IBhayibheli liyazilahla izenzo zobungqingili.

  2. IBhayibheli liyazivumela izenzo zobungqingili.

  3. IBhayibheli likhuthaza ukuzondwa kongqingili.

IZIMPENDULO:

  1. YIQINISO. IBhayibheli lithi: “Amadoda alala namadoda . . . ngeke [alizuze] ifa lombuso kaNkulunkulu.” (1 Korinte 6:9, 10) Kunjalo nangabesifazane.—Roma 1:26.

  2. AMANGA. IBhayibheli lithi abantu abaya ocansini kufanele kube kuphela indoda nowesifazane abashadene.—Genesise 1:27, 28; IzAga 5:18, 19.

  3. AMANGA. Nakuba iBhayibheli lizilahla izenzo zobungqingili, alikukhuthazi ukuzondwa kongqingili, ubudlova obunenzondo nanoma ikuphi okunye ukuhlukunyezwa kwabo.—Roma 12:18. [1]

Yini OFakazi BakaJehova Abayikholelwayo?

OFakazi BakaJehova bakholelwa ukuthi imithetho yokuziphatha yeBhayibheli iyindlela yokuphila engcono kakhulu, futhi bakhetha ukunamathela kuleyo mithetho. (Isaya 48:17) [2] Lokhu kusho ukuthi oFakazi BakaJehova bayakwenqaba konke ukuziphatha kabi ngokocansi, kuhlanganise nobungqingili. (1 Korinte 6:18) [3] OFakazi bakhetha ukuphila ngaleyo ndlela, futhi kuyilungelo labo ukukhetha kanjalo.

OFakazi BakaJehova bazama ukuphatha abanye ngendlela nabo abangathanda ukuphathwa ngayo

Ngesikhathi esifanayo, oFakazi BakaJehova bazama ‘ukuphishekela ukuthula nabantu bonke.’ (Hebheru 12:14) Nakuba bezilahla izenzo zobungqingili, oFakazi BakaJehova ababaphoqi abanye ukuba bamukele umbono wabo, futhi abazenzi izenzo zobugebengu obunenzondo noma bajabule lapho bezwa ngazo. OFakazi BakaJehova bazama ukuphatha abanye ngendlela nabo abangathanda ukuphathwa ngayo.—Mathewu 7:12.

Ingabe IBhayibheli Likhuthaza Ubandlululo?

Abanye abantu bathi iBhayibheli likhuthaza ukubandlululwa kongqingili futhi labo abaphila ngemithetho yalo yokuziphatha abakwazi ukuphilisana nabanye. Bathi: ‘Ngesikhathi sokubhalwa kweBhayibheli, abantu babenomqondo ongasabalele. Namuhla, samukela abantu bazo zonke izinhlanga nezizwe kanye nabathandana nanoma ibuphi ubulili.’ Kubo, ukulahla ubungqingili kuyafana nokulahla abantu bebala elihlukile. Kuyafaneleka yini ukufanisa lezo zinto? Cha. Ngani?

Ngoba ukulahla ukuziphatha kobungqingili kuhlukile kunokulahla abantu abangongqingili. IBhayibheli litshela amaKristu ukuba ahloniphe zonke izinhlobo zabantu. (1 Petru 2:17) [4] Kodwa lokho akusho ukuthi amaKristu kumelwe amukele ukuziphatha kwazo zonke izinhlobo.

Cabanga ngalokhu: Ake sithi ukubhema ukubheka njengokuyingozi nokunyanyekayo imbala. Ubungenzenjani uma usebenza nomuntu obhemayo? Ingabe ubuyobhekwa njengomuntu onomqondo ongasabalele ngenxa nje yokuthi umbono wakho ngokubhema uhlukile kowakhe? Ingabe ukuthi yena uyabhema wena awubhemi bekuyovele kusho ukuthi uyambandlulula? Uma lona osebenza naye ebengafuna ukuba ushintshe indlela obheka ngayo ukubhema, bekungeke yini lokho kwenze yena abe umuntu onomqondo ongasabalele nongakwazi ukuphilisana nabanye?

OFakazi BakaJehova bakhetha ukuphila ngemithetho yokuziphatha eseBhayibhelini. Abazamukeli izenzo iBhayibheli elizenqabelayo. Kodwa futhi abahlekisi ngabantu abanemikhuba ehlukile kweyabo noma babahlukumeze.

Ingabe Umbono WeBhayibheli Unonya?

Kuthiwani ngabantu abanokuthambekela kobungqingili? Ingabe bazalwa benjalo? Uma kunjalo, bekungeke yini kube unya ukuthi kubi ukwenza ngokwezifiso zabo?

IBhayibheli alikhulumi ngokwakheka kwemizimba yongqingili, nakuba livuma ukuthi ezinye izici zobuntu zigxile kakhulu. Noma kunjalo, iBhayibheli liyasho ukuthi kumelwe sigweme ukuziphatha okuthile—kuhlanganise nezenzo zobungqingili—uma sifuna ukujabulisa uNkulunkulu.—2 Korinte 10:4, 5.

Abanye bangathi umbono weBhayibheli unonya. Kodwa basho kanjalo ngoba becabanga ukuthi kumelwe sizivumele izifiso zethu noma ukuthi izifiso zocansi ngokukhethekile zibaluleke kangangokuthi akufanele—noma akunakwenzeka—zilawulwe. Nokho, iBhayibheli linikeza abantu inhlonipho ngokuba lithi bangakwazi ukumelana nezifiso zabo. Ngokungafani nezilwane, bangakhetha ukungenzi ngokwezifiso zabo.—Kolose 3:5. [5]

Cabanga ngalokhu: Abanye ochwepheshe bathi izici ezithile zokuziphatha, ezinjengolaka, kungenzeka zinembangela ethile esemzimbeni. IBhayibheli alikhulumi ngokuqondile ngokwakheka kwemizimba yabantu abanolaka, kodwa liyavuma ukuthi abanye abantu ‘bathambekele entukuthelweni.’ (IzAga 22:24; 29:22) Noma kunjalo, lithi futhi: “Hlukana nentukuthelo uyeke ukufutheka.”—IHubo 37:8; Efesu 4:31.

Bambalwa abantu abangaphikisana naleso seluleko noma bathi siwukuba nonya kulabo abanolaka. Eqinisweni, ngisho nalabo chwepheshe abakholelwa ukuthi intukuthelo isuka ezakhini zofuzo bayazikhandla ekusizeni abantu ukuba bakulawule lokho kuthambekela.

OFakazi BakaJehova bakubheka ngendlela efanayo noma yikuphi ukuziphatha okungqubuzana nezimfundiso zeBhayibheli, okuhlanganisa nocansi phakathi kwabantu bobulili obuhlukile kodwa abangashadene. Kuzo zonke izimo ezinjalo, umyalo weBhayibheli uthi: “Ngamunye wenu [kufanele] azi ukuthi angasilawula kanjani isitsha sakhe siqu ngokungcweliswa nangodumo, kungabi ngesifiso sobulili sokukhanuka.”—1 Thesalonika 4:4, 5.

“Yilokho Abanye Kini Ababeyikho”

Labo ababefuna ukuba amaKristu ngekhulu lokuqala babevela ezizindeni eziningi ezingafani futhi bephila ngendlela engafani, abanye babo benza izinguquko eziphawulekayo endleleni yabo yokuphila. Ngokwesibonelo, iBhayibheli likhuluma ‘ngezifebe, abakhonza izithombe, iziphingi, amadoda alala namadoda,’ bese liyanezela: “Yilokho abanye kini ababeyikho.”1 Korinte 6:9-11.

Ngokuthi “yilokho abanye kini ababeyikho,” ingabe iBhayibheli lisho ukuthi labo abaziyeka izenzo zobungqingili abaphindanga baba nezifiso zobungqingili? Cishe akunjalo, ngoba iBhayibheli liyasinxusa: “Qhubekani nihamba ngomoya khona-ke ngeke neze nifeze isifiso senyama.”—Galathiya 5:16.

Qaphela ukuthi iBhayibheli alisho ukuthi umKristu akasoze aba nesifiso esingafanele. Kunalokho, lithi uyokhetha ukungasifezi leso sifiso. AmaKristu ayaziqeqesha ukuba alawule izifiso ezinjalo, angalokhu ecabanga ngazo kuze kube seqophelweni lokwenza ngokwazo.—Jakobe 1:14, 15. [6]

Ngakho iBhayibheli liyahlukanisa phakathi kokuthambekela nemikhuba. (Roma 7:16-25) Umuntu onokuthambekela kobungqingili angakwazi ukulawula lokho agxilisa ingqondo yakhe kukho, njengoba nje engalawula noma isiphi esinye isifiso esibi, njengokuthambekela olakeni, ekuphingeni nasekuhaheni.—1 Korinte 9:27; 2 Petru 2:14, 15.

Nakuba oFakazi BakaJehova beyimelela ngokuqinile imithetho yokuziphatha eseBhayibhelini, abayiphoqeleli imibono yabo kwabanye. Futhi abazami ukushintsha imithetho evikela amalungelo alabo abaphila ngendlela ehlukile kweyabo. Umyalezo ophethwe oFakazi BakaJehova owakhayo futhi bawuhlanganyela ngentshiseko nalabo abangawulalela.—IzEnzo 20:20.

^ 1. Roma 12:18: “Yibani nokuthula nabantu bonke.”

^ 2. Isaya 48:17: “Mina, Jehova, nginguNkulunkulu wakho, lowo okufundisayo ukuze uzuze.”

^ 3. 1 Korinte 6:18: “Balekelani ubufebe.”

^ 4. 1 Petru 2:17: “Dumisani abantu bazo zonke izinhlobo.”

^ 5. Kolose 3:5: “Bulalani amalungu emizimba yenu asemhlabeni ngokuqondene nobufebe, ukungcola, isifiso sobulili.”

^ 6. Jakobe 1:14, 15: “Yilowo nalowo ulingwa ngokuhehwa nangokuhungwa yisifiso sakhe siqu. Khona-ke isifiso, lapho sesakhekile, sizala isono.”