Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INcwadi Evela ENdikimbeni Ebusayo

INcwadi Evela ENdikimbeni Ebusayo

Bafowethu Nodadewethu Abathandekayo:

Ukuthanda uNkulunkulu nokuthanda abantu kusenza ‘sihambe siyokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi, sibabhapathize.’ (Math. 28:19, 20; Marku 12:28-31) Uthando olungenabugovu lunamandla. Lungathinta izinhliziyo zalabo ‘abanesimo esihle sengqondo esiyobenza bathole ukuphila okuphakade.’—IzE. 13:48.

Esikhathini esidlule, besigxile ekubambeni ngekhanda izintshumayelo nasekushiyeleni abantu izincwadi zethu. Manje sekudingeka sithuthukise amakhono ethu okuxoxa nabantu. Sifuna ukubonisa abanye ukuthi siyabathanda ngokuxoxa nabo ngezinto abathanda ukuxoxa ngazo bona. Lokho kusho ukuzivumelanisa nezimo nokucabangisisa ngezinto umuntu ngamunye azithandayo nezimkhathazayo. Le ncwajana izosisiza kanjani senze lokho?

Le ncwajana inezifundo ezingu-12 ezikhuluma ngezimfanelo okudingeka silwele ukuba nazo ukuze sibonise uthando senze nabafundi. Isifundo ngasinye sisekelwe endabeni ethile eseBhayibhelini lapho uJesu noma omunye umvangeli wangekhulu lokuqala abonisa khona imfanelo ethile enkonzweni. Umgomo wethu awukona ukubamba ngekhanda izintshumayelo, kodwa uwukufuna izindlela esingabonisa ngazo abantu ukuthi siyabathanda. Nakuba imfanelo ngayinye idingeka kuzo zonke izici zenkonzo yethu, sizoxoxa ngokuthi kungani ezinye izimfanelo zidingeka ngokukhethekile lapho siqala izingxoxo, senza izimpindelo, noma siqhuba izifundo zeBhayibheli.

Njengoba ufunda isifundo ngasinye, cabangisisa ngokuthi ungayibonisa kanjani leyo mfanelo lapho ukhuluma nabantu endaweni yangakini. Lwela ukumthanda ngokujulile uJehova nabantu. Lolo thando yilo oluzokusiza ufeze umgomo wakho wokwenza abafundi, ukwedlula noma yiliphi ikhono elikhethekile onalo.

Siyalazisa ilungelo elikhethekile lokusebenza nawe ngokubambisana. (Zef. 3:9, mbhw.) Kwangathi uJehova angakubusisa ngokucebile njengoba uqhubeka uthanda abantu wenza nabafundi!

Abafowenu,

INdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova