Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISITHASISELO C

Indlela Yokuqhuba Izifundo ZeBhayibheli Usebenzisa Incwadi Ethi Phila Kuze Kube Phakade!

Indlela Yokuqhuba Izifundo ZeBhayibheli Usebenzisa Incwadi Ethi Phila Kuze Kube Phakade!

Kwathandazwa kaningi kwenziwa nocwaningo ngesikhathi kulungiselelwa incwadi ethi Phila Kuze Kube Phakade! Ukuze uyisebenzise ngokuphumelelayo le ncwadi, sebenzisa le ndlela elandelayo lapho uqhuba izifundo zeBhayibheli.

Ngaphambi kokuba nifunde

  1. 1. Lungiselela kahle. Njengoba ulungiselela, cabanga ngezidingo zomfundi, izimo zakhe nalokho akukholelwayo. Cabanga ngamaphuzu okungase kube nzima ukuba awaqonde noma awasebenzise. Cabanga ngokuthi izinto ezifakwe engxenyeni ethi “Hlola Okwengeziwe” zingamsiza kanjani umfundi, kulungele ukuzisebenzisa phakathi nesifundo senu, uma kudingeka.

Lapho senifunda

  1. 2. Thandaza lapho niqala nalapho niphetha, ngaphandle uma umfundi enqaba.

  2. 3. Ungakhulumi kakhulu. Gxila kulokho okusencwadini, uvumele umfundi aveze akucabangayo nendlela azizwa ngayo.

  3. 4. Lapho niqala ingxenye entsha, funda iphuzu eliyinhloko laleyo ngxenye, bese uthi qaphu qaphu ngezihloko ezimbalwa.

  4. 5. Lapho niqeda ingxenye ngayinye, sebenzisa ingxenye yokubuyekeza ukuze usize umfundi akhumbule amaqiniso awafundile.

  5. 6. Lapho ufunda isifundo ngasinye nomfundi:

    1. Fundani wonke amaphuzu.

    2. Fundani yonke imiBhalo ebhalwe ukuthi “Fundani.”

    3. Fundani neminye imiBhalo esendabeni uma kudingeka.

    4. Dlalani wonke amavidiyo abhalwe ukuthi “Dlalani” (uma ninawo).

    5. Buza umfundi umbuzo ngamunye.

    6. Cela umfundi abheke izithombe ezisengxenyeni ethi “Funda Okwengeziwe,” umcele aphawule ngazo.

    7. Sebenzisa ibhokisi elithi “Umgomo” ukuze usize umfundi azihlole ukuthi uyathuthuka yini. Ungamkhuthaza ukuba asebenzise umgomo obekiwe, noma azibekele omunye, noma akwenze kokubili.

    8. Buza umfundi ukuthi zikhona yini izihloko noma amavidiyo awathandile engxenyeni ethi “Hlola Okwengeziwe” ngesikhathi elungiselela.

    9. Zamani ukusiqeda sonke isifundo.

Lapho senisiqedile isifundo

  1. 7. Qhubeka ucabanga ngomuntu omfundelayo. Thandaza kuJehova umcele asize umfundi athuthuke nokuba akunike ukuhlakanipha ukuze wazi ukuthi umsize kanjani.