Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUQALA INGXOXO

ISIFUNDO 5

Ikhono Lokungacasuli

Ikhono Lokungacasuli

Isimiso: “Amazwi enu ngaso sonke isikhathi mawabe nomusa.”—Kol. 4:6.

Lokho UPawulu Akwenza

1. Bukela IVIDIYO, noma ufunde izEnzo 17:22, 23. Ngemva kwalokho, phendula le mibuzo elandelayo:

  1.    Wazizwa kanjani uPawulu ngemikhuba yenkolo yamanga ayibona e-Athene?—Bheka izEnzo 17:16.

  2.   Kunokuba abahlulele njengabantu ababi abase-Athene, uPawulu wazisebenzisa kanjani izinkolelo zabo ngendlela engeke ibacasule ukuze abaxoxele izindaba ezinhle?

Sifundani KuPawulu?

2. Maningi amathuba okuba abantu basilalele uma sikukhetha kahle esikushoyo nokuthi sikusho nini futhi kanjani.

Lingisa UPawulu

3. Kucabange kahle ozokusho. Ngokwesibonelo, lapho uxoxa nomuntu ongeyena umKristu, kungase kudingeke ushintshe indlela owethula ngayo iBhayibheli noma kungase kudingeke uJesu umbize ngesinye isiqu.

4. Ungajahi ukukulungisa akushoyo umuntu. Myeke umuntu akhulume ngokukhululekile. Uma esho okuthile okuphambene nokufundiswa iBhayibheli, ungaphikisani naye. (Jak. 1:19) Uma umlalela, uzothola ukuthi yini ayikholelwayo nokuthi kungani eyikholelwa.—IzAga 20:5.

5. Lapho kufaneleka, vumelana naye futhi umncome. Kungenzeka ukuthi yena uqiniseka ngempela ukuthi akukholelwayo kuyiqiniso. Zama ukuba nixoxe ngento enivumelana ngayo kuqala, ngemva kwalokho umsize kancane kancane ukuba aqonde lokho okufundiswa iBhayibheli.