Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUQALA INGXOXO

ISIFUNDO 3

Yiba Nomusa

Yiba Nomusa

Isimiso: “Uthando . . . lunomusa.”—1 Kor. 13:4.

Lokho UJesu Akwenza

1. Bukela IVIDIYO, noma ufunde uJohane 9:1-7. Ngemva kwalokho, phendula le mibuzo elandelayo:

  1.    Yini uJesu ayenza kuqala—welapha indoda eyimpumputhe noma wayixoxela izindaba ezinhle? —Bheka uJohane 9:35-38.

  2.   Kungani indlela uJesu enza ngayo yayingase yenze le ndoda izamukele izindaba ezinhle?

Sifundani KuJesu?

2. Maningi amathuba okuba umuntu awulalele umyalezo wethu uma ebona ukuthi siyamkhathalela.

Lingisa UJesu

3. Zwelana nomuntu. Zama ukuzifaka ezicathulweni zakhe.

  1.    Zibuze: ‘Yini okungenzeka iyamkhathaza? Yini angathanda ngimsize ngayo nangajabulela ukuyizwa?’ Ukwenza kanjalo kuzokusiza ubonise umusa ngendlela engenabo ubuzenzisi.

  2.   Bonisa ukuthi uyamkhathalela umuntu ngokuba umlalele. Uma ekutshela indlela azizwa ngayo ngento ethile noma ekutshela ngenkinga abhekene nayo, ungayishintshi ingxoxo ukhulume ngokunye.

4. Khuluma ngendlela enomusa nenenhlonipho. Uma umzwela umuntu futhi ufuna ngempela ukumsiza, kuzozwakala endleleni okhuluma ngayo. Wakhethe kahle amagama akho nendlela ozokhuluma ngayo, ugweme nokusho izinto ezizomcasula.

5. Yiba usizo. Funa amathuba okumsiza ngokoqobo umuntu. Izenzo ezibonisa umusa zingavula ithuba lokuba afune ukuxoxa nathi.