Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUQALA INGXOXO

ISIFUNDO 4

Thobeka

Thobeka

Isimiso: “Ngokuthobeka bhekani abanye njengabakhulu kunani.”—Fil. 2:3.

Lokho UPawulu Akwenza

1. Bukela IVIDIYO,, noma ufunde izEnzo 26:2, 3. Ngemva kwalokho, phendula le mibuzo elandelayo:

  1.    UPawulu wakubonisa kanjani ukuthobeka endleleni akhuluma ngayo neNkosi u-Agripha?

  2.   UPawulu wabenza kanjani abanye bagxila kuJehova nasemiBhalweni kunokuba bagxile kuye?—Bheka izEnzo 26:22.

Sifundani KuPawulu?

2. Umyalezo wethu ubakhanga nakakhulu abanye uma sikhuluma ngokuthobeka nangenhlonipho.

Lingisa UPawulu

3. Ungamehlisi isithunzi umuntu okhuluma naye. Gwema ukwenza sengathi wena wazi yonke into, yena akazi lutho. Khuluma naye ngendlela ebonisa inhlonipho.

4. Kwenze kucace ukuthi amaqiniso omxoxela wona avela eBhayibhelini. IZwi likaNkulunkulu linezimfundiso ezithinta izinhliziyo zabantu. Lapho silisebenzisa, sakha ukholo lwabo phezu kwesisekelo esihle.

5. Hlala uzolile. Ungalokhu uphikelela ufuna ukuziveza ukuthi uwena okhuluma iqiniso. Asifuni ukuphikisana nabantu. Bonisa ukuthi uthobekile ngokuhlala uzolile, wazi nalapho sekufanele uhambe. (IzAga 17:14; Thithu 3:2) Impendulo emnene ingase yenze umuntu oxoxa naye avume ukulalela ngesikhathi esizayo.