Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISITHASISELO B

Ingabe Kufanele Uyinqamule Ingxoxo?

Ingabe Kufanele Uyinqamule Ingxoxo?

Lapho umuntu ebuza umbuzo oqotho noma ethi asichaze okuthile, siyaqhubeka nengxoxo. Sifuna ukukhuluma nabantu ‘abanesimo esihle sengqondo esiyobenza bathole ukuphila okuphakade.’—IzE. 13:48.

Kodwa kuthiwani uma umuntu ethukuthele, efuna niphikisane noma engafuni ukukhuluma ngaleso sikhathi? Ngesizotha nangomusa yinqamule ingxoxo. (IzAga 17:14) Zama ukuba nihlukane ngomoya omuhle ukuze avume ukuxoxa nathi ngesikhathi esizayo.—1 Pet. 2:12.