Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUBUYELA KOXOXE NAYE

ISIFUNDO 8

Bekezela

Bekezela

Isimiso: “Uthando luyabekezela.”—1 Kor. 13:4.

Lokho UJesu Akwenza

1. Bukela IVIDIYO, noma ufunde uJohane 7:3-5 neyoku-1 Korinte 15:3, 4, 7. Ngemva kwalokho, phendula le mibuzo elandelayo:

  1.    Abafowabo bakaJesu baqale benzenjani lapho bezwa umyalezo wakhe?

  2.   Yini ebonisa ukuthi uJesu akazange amdube umfowabo uJakobe?

Sifundani KuJesu?

2. Kudingeka sibekezele ngoba abanye abantu kubathatha isikhathi ukwamukela izindaba ezinhle.

Lingisa UJesu

3. Zama indlela ehlukile. Uma umuntu engasamukeli ngokushesha isifundo seBhayibheli, ungamphoqi. Uma kufaneleka, sebenzisa amavidiyo noma izihloko ezithile ukuze umsize aqonde ukuthi kwenzekani esifundweni seBhayibheli nokuthi angazuza kanjani.

4. Ungamqhathanisi nabanye. Abantu abafani. Uma ilungu lomndeni noma umuntu esibuyela kuye enqikaza ukufundelwa iBhayibheli noma ukwamukela imfundiso yeBhayibheli ethile, zama ukucabanga ukuthi kungani enza kanjalo. Ikhona yini inkolelo ethile anamathele kuyo? Ingabe ucindezelwa izihlobo noma omakhelwane? Mnike ithuba lokucabanga ngokushilo nokuba abone ukuthi okushiwo iBhayibheli kubalulekile.

5. Thandazela umuntu obuyela kuye. Cela uJehova akusize uhlale unombono omuhle futhi ukhulume ngendlela enenhlonipho. Thandazela ukuhlakanipha ukuze ubone ukuthi uyeke nini ukuphindela kumuntu ongathandi ukufunda iBhayibheli.—1 Kor. 9:26.